Ukuhlangabezana Nenselele Ye-Asperger’s Syndrome
NGUMLOBELI WE-PHAPHAMA! EBRITHANI
UYAFUNA ukuba nabangane, kodwa akulula ukuxoxa nabo. Nokho, kungaphela amahora uxoxa ngendaba oyithandayo. Ukuphila kwakho kulawulwa yisimiso esithile; ukusishintsha kuyakuphazamisa. Uvame ukuzizwa ukhathazekile futhi ukhungathekile, ngezinye izikhathi uzizwe ucindezelekile.
Abantu abakuqondi. Bathi uyinqaba, ulukhuni, noma uluhlaza. Nawe awuyiqondi imicabango nemizwa yabanye, ikakhulukazi ngenxa yokuthi awukwazi ukuqonda izimpawu zobuso babo noma zomzimba. Abaningi abane-Asperger’s syndrome, ebizwa nangokuthi i-Asperger’s disorder, babhekana njalo nezimo ezinje.
Labo abane-Asperger’s syndrome bafana nawo wonke umuntu, futhi ngokuvamile bahlakaniphile. Kodwa, banenkinga yokuphazamiseka kwemizwa okuthikameza ingqondo, okuthinta indlela abakhulumisana futhi basebenzelane ngayo nabanye. Lesi sifo siziveza ngezindlela ezihlukahlukene, futhi umuntu ngamunye uthinteka ngendlela ehlukile. Kodwa kunendlela yokubhekana nenselele yokuphila ne-Asperger’s syndrome. Cabangela indaba kaClaire.
Ukuhlonzwa Kwesifo Ekugcineni!
Lapho eseyingane, uClaire wayengeve ethule futhi ewunyube. Wayekugwema ukubuka abantu emehlweni futhi ekwesaba ukuba phakathi kwabantu abaningi. Wakwazi ukukhuluma kahle esemncane, kodwa wayekhuluma amagama ambalwa ngangokunokwenzeka futhi ekhuluma ngephimbo elifanayo. Wayekuthanda ukuba nesimiso esingashintshi, futhi ekhathazeka lapho siphazamiseka.
Esikoleni, othisha babephelelwa yisineke ngoClaire ngoba becabanga ukuthi wayelukhuni ngamabomu, futhi ezinye izingane zazimqinela. Nonina wayehlupheka, ngoba abanye babemsola kungafanele ngokuziphatha kukaClaire. Ekugcineni, wafundisa uClaire ekhaya waze waqeda izifundo zakhe zasesikoleni.
Ngemva kwalokho, uClaire wathola imisebenzi ehlukahlukene kodwa waxoshwa kuyo yonke ngenxa yokuthi wayehluleka ukubhekana nokushintsha kwezinqubo nalokho okwakulindeleke kuye. Endaweni agcina ukusebenza kuyo, ekhaya lasebekhulile, umhlengikazi ophethe waqaphela ukuthi kukhona okwakungahambi kahle ngempela. Ekugcineni, lapho uClaire eseneminyaka engu-16, isifo sakhe sahlonzwa kwathiwa une-Asperger’s syndrome.
Ekugcineni, unina kaClaire wayesazi ukuthi kungani indodakazi yakhe yayiziphatha ngendlela ehluke kangaka kwabanye. Umngane wathola ukwaziswa ngalesi sifo, futhi lapho uClaire ekufunda, wabuza emangele: “Ingabe ngiyakwenza lokho ngempela? Ingabe nginjalo ngempela?” Umnyango wendawo wezinkonzo zomphakathi weluleka uClaire ukuba athole ukwelashwa. UChris, ongomunye woFakazi BakaJehova owayenokuhlangenwe nakho kokusiza izingane ezinezidingo ezikhethekile, wahlela ukuba uClaire, naye onguFakazi, abe ivolontiya futhi asize ngokunakekela nokuhlanza isakhiwo esisetshenziswa oFakazi ekukhulekeleni kobuKristu.
Ukufunda “Ukuphila Ezweni Elivamile”
Ekuqaleni, uClaire wayengaxoxi namanye amavolontiya. Lapho ebhekana nenkinga, wayebhalela uChris incwajana, njengoba lokho kwakulula kunokusho lokho akucabangayo. Kancane kancane, uChris wamkhuthaza ukuba ahlale naye phansi baxoxe. Ngesineke wamfundisa “ukuphila ezweni elivamile,” njengoba uChris asho. Wachaza ukuthi kwakungekhona “ukuphila ezweni elivamile” ukugwema ukuxoxa nabanye nokwenza lokho okufunwa nguye. Ngosizo, uClaire waqala ukufunda ukubambisana nabanye ekwenzeni umsebenzi.
Izinto uClaire abhekana nazo esikhathini esidlule zazimenze wazinyeza, ngakho into yokuqala ayeyisho lapho enikwa umsebenzi othile wayethi, “Ngeke ngikwazi ukuwenza.” UChris wayixazulula kanjani le nkinga? Wayemnika umsebenzi omncane abese echaza, “Wenziwa kanje,” abese enezela, “Ungawenza.” Lapho uClaire esewenzile, wayejabula. UChris wayemncoma abese emnika omunye umsebenzi. Kwakunzima kuClaire ukukhumbula iziqondiso eziningi azitshelwayo, kodwa wayengenankinga ekusebenziseni iziqondiso ezibhaliwe. Kancane kancane waqala ukuzethemba.
Ngenxa yokuthi uClaire wayengakuthandi ukuba sesixukwini, ukuxoxa nabanye emihlanganweni yokukhulekela kobuKristu kwakuyinselele enkulu. Wayevame ukuhlala yedwa ezihlalweni eziphambili eHholo LoMbuso. Kodwa, wazibekela umgomo wokusukuma ngokushesha ngemva komhlangano, aye emuva, abese exoxa nomuntu oyedwa.
Ngokuhamba kwesikhathi, wazithola esexoxa nabantu abaningi. Uthi: “Kodwa akulula.” Nakuba isifo sakhe sikwenza kube nzima ukuxoxa, unikeza izinkulumo njalo eSikoleni Senkonzo Esingokwasezulwini, uhlelo oluklanyelwe ukusiza bonke oFakazi BakaJehova bakwazi ukukhuluma ngokuphumelelayo.
Ukuhlangabezana Nenselele Enkudlwana
Njengoba ukuzethemba kukaClaire kwakukhula, uChris wasikisela ukuba azame ukuba iphayona elisizayo, inkulumo oFakazi BakaJehova abayisebenzisela ukuchaza oFakazi ababhapathiziwe abachitha amahora angu-50 noma ngaphezulu inyanga ngayinye betshela abanye ngezinkolelo zabo ezisekelwe eBhayibhelini. UClaire waphendula: “Ngeke ngikwazi ukwenza lokho.”
Nokho, uChris wamkhuthaza ngokuthi ngisho noma engawufinyelelanga umgomo wakhe wamahora angu-50 ngaleyo nyanga, okungenani wayezojabula ngokuthi uzamile. Ngakho uClaire wazama, futhi wakujabulela kakhulu lokho. Wakwenza ephindelela, ekujabulela ngisho nakakhulu. Lokhu kwakha ukuzethemba kwakhe, ikakhulukazi lapho ethola abantu abaningi ababefuna ukufunda okwengeziwe ngeBhayibheli.
UClaire wasebenzisa isikhuthazo ayesizwe emihlanganweni yobuKristu sokuba acabangele ukuthi kukhona yini okumvimba ekubeni iphayona elivamile, noma umshumayeli wesikhathi esigcwele. Wanquma ukuba yilo. Waba yini umphumela? UClaire ngokwakhe uthi, “Yinto engcono kakhulu engingayenza!” Usesondelene kakhulu nabantu basebandleni lakubo futhi usenabangane abaningi. Izingane ziyakuthanda ukuba naye, futhi uyazisiza njengoba beshumayela ndawonye.
Ukumsekela
Kuyiqiniso ukuthi akubona bonke abane-Asperger’s syndrome abangakwazi ukuba yizikhonzi zesikhathi esigcwele. Kodwa indaba kaClaire ifakazela ukuthi abanjalo bangafeza okukhulu kunalokho abakucabangayo. Isimiso sikaClaire sasikhathi sonke simsiza ngokuthi asiguquguquki, futhi inkuthalo nokwethenjelwa kwakhe kumsiza ukuba aqhube kahle kakhulu emsebenzini awukhethile.
UClaire unomuzwa wokuthi kubalulekile ukuba abantu bazi ukuthi une-Asperger’s syndrome ukuze baqaphele ukuthi kungani ebheka futhi esingatha izinto ngendlela ehlukile. Uyachaza, “Ngenxa yokuthi awukwazi ukukhuluma kahle njalo, abantu bacabanga ukuthi awunangqondo.” Ukuba nothile ongaxoxa naye kuwusizo.
Kubantu abanalesi sifo, uChris noClaire basikisela ukuba bazibekele imigomo emincane, bangathathi ngamawala. Kubalulekile ukuthola usizo lothile osiqondayo lesi sifo. Ngenxa yalokho, ukuzethemba kungakhula nezinselele zinqotshwe.
Indaba kaClaire ibonisa ukuthi ngesineke nesikhuthazo kukhulu okungenziwa ekusizeni abantu abane-Asperger’s syndrome. UClaire uyavumelana nalokhu, ethi: “Eminyakeni embalwa edlule, ngangingeke ngicabange ukuthi ngiyoke ngikwazi ukwenza zonke lezi zinto engizenza namuhla.”
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 24]
UClaire unomuzwa wokuthi kubalulekile ukuba abantu bazi ukuthi une-Asperger’s syndrome
[Ibhokisi ekhasini 22]
I-ASPERGER’S SYNDROME
Lesi sifo sethiwa ngoDkt. Hans Asperger, owasichaza ngokokuqala ngqa ngo-1944. Kodwa ucwaningo olunzulu lwenziwe eminyakeni yamuva nje ukuze kuqondwe futhi kusizwe inani elandayo labantu okutholakala ukuthi banalesi sifo. Abacwaningi bezokwelapha abaqiniseki ngokuthi siwuhlobo olungelubi kakhulu lwe-autism noma siyisifo esihlukile yini. Kuze kube manje, akwaziwa ukuthi i-Asperger’s syndrome ibangelwa yini. Kodwa ayibangelwa ukuhlukumezeka ngokomzwelo noma indlela ingane ekhuliswe ngayo.
[Ibhokisi ekhasini 24]
UKUSIZA ABANE-ASPERGER’S SYNDROME
Yiba nesithakazelo kulabo abane-Asperger’s syndrome, futhi uzame ukubazi kangcono. Nakuba bengase bakuthole kunzima ukuqala ingxoxo, phawula ukuthi bayabafuna futhi bayabadinga abangane. Ababi lukhuni noma babe inkinga ngamabomu.
Yiba nesineke, futhi uzame ukuqonda izinkinga zabo. Phawula futhi ukuthi kudingeka uchaze izinto ngokucacile nangokunembile, ngoba bangase bakuthathe ngokoqobo lokho okushoyo. Uma kufanele ushintshe into ethile abayijwayele, chaza imininingwane ngokucacile, mhlawumbe uze ubabonise nesinyathelo esisha okufanele basithathe.
Uma uthola ukuthi bakhathazeka ngokweqile ngokuthile abakubonile noma abakuzwile okubenza bacindezeleke, bakhuthaze ukuba bagxile esithombeni esihle noma balalele umculo opholile.
[Isithombe ekhasini 23]
UClaire wafunda ukuthatha isinyathelo ukuze azakhele abangane
[Isithombe ekhasini 23]
UChris uchazela uClaire ukuthi angabambisana kanjani nabanye ekwenzeni umsebenzi othile