“Usuku Oluhle Kunazo Zonke Ekuphileni Kwami”
“UKUCINDEZELEKA kuyinkinga ebikwa kakhulu kunazo zonke, futhi kungenzeka ukuthi kuyinkinga engokwengqondo ethinta kakhulu abantu abasha,” kusho i-Beyondblue, inhlangano yase-Australia exhaswa uhulumeni. Ukuhlola kwembula ukuthi intsha yase-Australia engaba ngu-100 000 iba nale nkinga yokucindezeleka unyaka ngamunye.
Intsha engamaKristu nayo iyacindezeleka. Nokho, ukholo kuJehova luye lwasiza eningi ukuba ibhekane ngokuphumelelayo nemizwa engafanele futhi ibujabulele ubusha bayo. Uma ikwenza lokho, kubahlaba umxhwele abanye. Kanjani?
Cabanga ngokwenzeka kuClaire oneminyaka engu-18 ubudala. Yena nonina bahlanganyela nebandla loFakazi BakaJehova eMelbourne. Ngesikhathi uyise ebashiya, uClaire wacindezeleka. Kodwa ukholo lwakhe kuYise osezulwini, uJehova, lwahlala luqinile. Ngolunye usuku udokotela womkhaya, uLydia, weza ezohlola umama kaClaire, owayegula. Ngemva kwalokho, wazicelela ukuhambisa uClaire ezitolo. Besendleleni, lo dokotela wabuza uClaire ukuthi wayenalo yini isoka. UClaire wamchazela ukuthi njengoba engomunye woFakazi BakaJehova, akazingeni ezokuthandana okungayi ndawo. Lokhu kwammangaza lo dokotela. UClaire wabe esemchazela indlela iBhayibheli elamsiza ngayo ukuba enze izinqumo ezihlakaniphile ekuphileni. Ekugcineni, wathembisa lo dokotela ukuthi uzomlethela incwadi esekelwe eBhayibhelini eyamsiza kakhulu. Le ncwadi inesihloko esithi Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo.
Ngemva kwezinsuku ezintathu ethole le ncwadi, uLydia washayela umama kaClaire ucingo emazisa indlela akujabulele ngayo ukuyifunda. Wabe esecelela asebenza nabo ezinye izincwadi eziyisithupha. Lapho uClaire elethe lezi zincwadi, lo dokotela wachaza indlela ukholo lwakhe olwalumhlabe ngayo umxhwele. UClaire wacela ukumqhubela isifundo seBhayibheli, futhi lo dokotela wasamukela.
Izinyanga eziningana uClaire waqhubela lo dokotela isifundo ngesikhathi sekhefu. ULydia wabe esebuza uClaire ukuthi angethande yini ukukhuluma emhlanganweni wodokotela ngalesi sihloko sokucindezeleka kwentsha. Nakuba ayenovalo, uClaire wavuma. Kulo mhlangano kwakukhona abantu abangaphezu kuka-60. Ochwepheshe bezempilo yengqondo abane—bonke bebadala ngeminyaka—baxoxa nezilaleli. Kwabe sekufika ithuba lokuba uClaire akhulume. Wagcizelela ukuthi kubaluleke kangakanani ukuba abantu abasha babe nobuhlobo noNkulunkulu. Wachaza ukuthi uJehova uNkulunkulu uyikhathalela ngokujulile intsha futhi usiza bonke abaphendukela kuye ukuze abaduduze futhi abaphase. Ngaphezu kwalokho, waveza ukuqiniseka anakho kokuthi maduze uJehova uzoqeda zonke izifo zomzimba nezengqondo. (Isaya 33:24) Waba yini umphumela walokhu kushumayela?
UClaire wathi: “Ngemva kwengxoxo abaningi beza kimi bangitshela indlela okubahlabe umxhwele ngayo ukuzwa umuntu osemusha ekhuluma ngoNkulunkulu. Ngahambisa izincwadi ezingu-23 ezithi Intsha Iyabuza. Amantombazane amathathu ayesezilalelini anginikeza izinombolo zawo zocingo. Manje enye yala mantombazane iyafundelwa. Kwakuwusuku oluhle kunazo zonke ekuphileni kwami.”