Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 9/08 k. 25
  • Umlenze We-seagull

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Umlenze We-seagull
  • I-Phaphama!—2008
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ubani Owaklama Kuqala?
    Ingabe Izinto Eziphilayo Zadalwa?
  • Uhlu Lokuphakathi
    I-Phaphama!—2008
  • Isikhumba Esivikela Intuthwane Ecwebezelayo YaseSahara Ekushiseni
    I-Phaphama!—2017
  • Ingabe Uyasidinga Isipholisa-moya?
    I-Phaphama!—1991
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2008
g 9/08 k. 25

Ingabe Waklanywa?

Umlenze We-seagull

◼Unyawo lwe-seagull alugodoli luze lome ngisho noma imi eqhweni. Le nyoni ikulondoloza kanjani ukushisa komzimba? Ingxenye yemfihlo iyilokho okubizwa ngokuthi isimiso sokufudumeza umzimba (countercurrent heat exchangers).

Cabangela lokhu: Lesi simiso sokufudumeza umzimba sinethumbu elinoketshezi olufudumele elihamba eceleni kwelinoketshezi olubandayo. Uma lolu ketshezi olukula mathumbu luhamba luye ohlangothini olulodwa, ludlulisela ingxenye kuphela yokushisa. Kodwa uma luphambana, ludlulisela cishe konke ukushisa.

Lesi simiso sokufudumeza esisemilenzeni ye-seagull sibandisa igazi lapho liya ezinyaweni lize licishe lome bese silifudumeza lapho likhuphuka. Lapho sikhuluma ngezinyoni ezihlala ezindaweni ezibandayo, isazi sezinyoni uGary Ritchison, siyabhala: “Lesi simiso sokufudumeza umzimba siyaphumelela futhi sihlakaniphe kangangokuba abantu baye basisebenzisa emiklamweni yobunjiniyela ukuze banciphise ukusetshenziswa kabi kukagesi.”

Ucabangani? Ingabe lesi simiso sokufudumeza umzimba esisemilenzeni ye-seagull saba khona ngengozi? Noma ingabe saklanywa?a

[Umbhalo waphansi]

a Isimiso sokufudumeza umzimba sikhona nakubantu, ezinhlanzini ezithile nakwezinye izilwane eziningi.

[Umdwebo/Izithombe ekhasini 25]

(Ukuze ubone ukuthi indaba ihlelwe kanjani, bheka encwadini)

Isimiso sokufudumeza umzimba esisemilenzeni ye-“seagull” sifudumeza igazi elikhuphukayo

[Umdwebo]

32°C

0-5°C

[Umthombo Wesithombe ekhasini 25]

Seagull: © Michael S. Nolan/age fotostock

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela