Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 1/09 k. 8-k. 9 isig. 2
  • Amanzi Aholela Ekuphileni

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Amanzi Aholela Ekuphileni
  • I-Phaphama!—2009
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Imibuzo Evela Kubafundi
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1986
  • Unowesifazane Emthonjeni
    INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli
  • Amanzi Aphuphumayo Ukuze Adlulisele Ukuphila Okuphakade
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2008
  • Ukufundisa Owesifazane WaseSamariya
    Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2009
g 1/09 k. 8-k. 9 isig. 2

Amanzi Aholela Ekuphileni

UJesu wayekade enqamula eSamariya, enyakatho yeJerusalema. Wayekhathele futhi omile. Njengoba ayehlezi ngasemthonjeni, wacela owesifazane ongumSamariya ukuba amphuzise amanzi. Lona wesifazane washaqeka ngokuthi umJuda wayecele ukuba amphuzise, ngoba ekhulwini lokuqala, amaJuda namaSamariya ayengezwani.

Lona wesifazane odidekile wabuza uJesu: “Kwenzeka kanjani ukuba wena, naphezu kokuba ungumJuda, ucele ukuba ngikuphuzise, ngibe ngingowesifazane ongumSamariya?”

UJesu waphendula: “Ukube ubusazi isipho sesihle sikaNkulunkulu nokuthi ngubani lo othi kuwe, ‘Ngiphuzise,’ ngabe ucelé kuye, futhi ngabe ukunike amanzi aphilayo.”

UJesu waqhubeka emchazela: “Wonke umuntu ophuza la manzi uyophinde ome. Noma ubani ophuza la manzi engizomnika wona akasoze oma, kodwa amanzi engizomnika wona, ngaphakathi kuye ayoba umthombo wamanzi ophuphumayo ukuze udlulisele ukuphila okuphakade.”—Johane 4:1-15.

Imaphi amanzi uJesu ayekhuluma ngawo?

IBHAYIBHELI libiza uMdali, uJehova uNkulunkulu, ngokuthi “umthombo wamanzi aphilayo.” (Jeremiya 2:13) Ukuphila kuyisipho esivela kuNkulunkulu, futhi ukuphila kwethu kuxhomeke ekuphuzeni amanzi asinika wona, angokoqobo nangokomoya.

Akukaze kube nesidingo esikhulu kangaka sesiqondiso esingokomoya njenganamuhla. Empeleni, kungashiwo ukuthi imbulunga yethu ihlaselwe isomiso esingokomoya. Abantu bomele izimpendulo zemibuzo enjengokuthi: Bakuphi abafileyo? Ingabe likhona ithemba lokuphinde sibabone? Kungani uNkulunkulu evumela ukuhlupheka? Ingabe ikusasa liyosikhulula empini, ebugebengwini, endlaleni nasekuguleni? OFakazi BakaJehova bakholelwa ukuthi izimpendulo ezanelisayo zale mibuzo zingatholakala “emanzini” aqabulayo eZwi likaNkulunkulu, iBhayibheli.

Lapho uJesu ekhuluma nowesifazane waseSamariya emthonjeni, njengoba kuchazwe ngenhla, wayebhekisela emanzini eqiniso anikeza ukuphila ageleza eZwini likaNkulunkulu. OFakazi BakaJehova bakumema ukuba uwanambithe la manzi eqiniso ahlanzekile. Lesi simemo sitholakala encwadini yokugcina yeBhayibheli: “Noma ubani owomile makeze; nanoma ubani othandayo makathathe amanzi okuphila ngesihle.”—IsAmbulo 22:17.

Ukuze ufunde okwengeziwe ngendlela uMbuso kaNkulunkulu oyosizuzisa ngayo isintu, thintana noFakazi BakaJehova eHholo LoMbuso eliseduze noma ubhalele ekhelini elifanele kwasohlwini olusekhasini 5 lalo magazini. Ungabheka nengosi ye-Internet ethi www.watchtower.org.

[Ibhokisi ekhasini 8, 9]

INGABE INKOLO IKUQEDILE UKOMA KWESINTU?

Ukumane aye esontweni noma azisholo ukuthi uthanda inkolo akumenzi umuntu athole amanzi aqabulayo eqiniso. Iqiniso liwukuthi izinkolo eziningi ezinkulu namuhla ziye zanezela ezinkingeni zesintu esikhundleni sokuzixazulula. Cabangela isibonelo esisodwa: Ngezikhathi zempi, amaKatolika aye abulala amaKatolika, amaProthestani abulala amaProthestani—kuyilapho zombili izinhlangothi zicela uNkulunkulu ukuba azisize zinqobe!

Ngaphezu kwalokho, kunemibiko eminingi yamahlazo esonto ahilela abefundisi abaye bakhwabanisa noma banukubeza izingane ngokobulili. Ngempela, amanzi akhishwa yizinkolo eziningi angcolile. (IsAmbulo 17:4-6; 18:1-5) Lesi simo sinjengoba sichazwa eBhayibhelini kuThithu 1:16: “Bavuma obala ukuthi bayamazi uNkulunkulu, kodwa bayamphika ngemisebenzi yabo.” Ngokuvamile, inkolo ayenzanga lutho ekuqedeni ukoma kwesintu kulezi zikhathi zesomiso esingokomoya.

[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 9]

Ezahlukweni zayo ezingu-19, incwadi enamakhasi angu-224 ethi Lifundisani Ngempela IBhayibheli? ichaza izimpendulo zeBhayibheli zemibuzo eyisisekelo njengalena:

“Iyini injongo kaNkulunkulu ngomhlaba?”

“Bakuphi abafileyo?”

“Ingabe siphila ‘ezinsukwini zokugcina’?”

“Kungani uNkulunkulu evumela ukuhlupheka?”

[Isithombe ekhasini 9]

Ungawathola ‘amanzi eqiniso’ eHholo LoMbuso langakini

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela