Ukubuka Okwezwe
◼ “Abantu abayizigidi eziyikhulu babulawa ugwayi ekhulwini lama-20.”—I-WORLD HEALTH ORGANIZATION, ESWITZERLAND.
◼ “Ezigulini ezingaba ngu-9 000 ezahlinzwa inhliziyo [e-United Kingdom] phakathi kuka-1996 no-2003, ukumpontshelwa amangqamuzana abomvu kwakuhlotshaniswa nengozi ephindwe kathathu yokufa kwazo ngonyaka olandelayo nephindwe cishe kasithupha yokufa zingakapheli izinsuku ezingu-30 umuntu ehlinziwe uma kuqhathaniswa nabantu abangampontshelwanga.”—I-NEW SCIENTIST, EBRITHANI.
Isikhathi Sokuthula?
“UKhisimusi ungomunye wemikhosi yethu emikhulu,” kodwa ubuye ube “isikhathi sezimpi,” kusho i-Vi Föräldrar, umagazini waseSweden obhalelwa abazali. Empeleni, ngesikhathi sikaKhisimusi, imikhaya “iyalwa futhi ixabane ngaphezu kwanoma isiphi esinye isikhathi sonyaka.” Lo magazini wabuza abazali abangaphezu kuka-1 100 bezingane ezisakhula ngalokho okubehlela ngesikhathi samaholidi. Abangaba amaphesenti angu-88 bathi umkhaya uxabana ngokuthi “uKhisimusi kufanele ugujwe kanjani futhi kuphi.” Abaningi bayacasuka ngoba ogogo nomkhulu batotosa abazukulu ngokubathengela uswidi nezipho ezingadingeki.
Kunenjabulo Enkulu Ekupheni
“Imali ikwenza ujabule—uma uphana ngayo,” kusho isihloko esikhulu se-Globe and Mail yaseCanada. Nakuba abantu abaningi okwaxoxwa nabo bathi ukuzithengela ngemali yabo kwakuyobenza bajabule, labo abasebenzisa imali yabo ukuze basize abanye—kungakhathaliseki ukuthi bachitha imali engakanani—empeleni babika ukuthi bajabule kakhudlwana. Leli phephandaba lithi: “Ucwaningo ngemva kocwaningo lubonise ukuthi ingcebo ayisona isiqinisekiso senjabulo. Uma abantu sebenemali eyanele yokunakekela izidingo zabo, ukuthola eyengeziwe akubaletheli injabulo eyengeziwe.”
Ungazithola Kuyi-Internet!
Umagazini i-New Scientist uthi izikhulu zikahulumeni wase-United States zanquma ukuhlola ukuthi izitha zazo “zingazithola yini izinto eziyimfihlo eziphathelene nezempi” kuyi-Internet. “Zashaqeka lapho zithola indlela okulula ngayo.” Zisebenzisa izingosi ezaziwayo zezohwebo ezikuyi-Internet, zakwazi ukuthenga “izingubo zase-United States zokuzivikela ezisetshenziswa empini,” “isudi esetshenzisiwe yokuzivikela emandleni enuzi namakhemikhali,” izinsimbi zezindiza zempi, kanye “nezinye izinto eziyimfihlo.” Akwaziwa ukuthi abadayisi bazithola kanjani lezi zinto, kodwa lo magazini uthi abaningana “babhekene nophenyo lobugebengu.”
Ingcina Yasendulo Enamandla
Endulo, amaqabunga omqhele wesiliva ayenanyathiselwa esigqokweni sombukiso sesikhulu samaRoma ngengcina efuze ingcina yanamuhla enamandla. UFrank Willer, ongumvuseleli oyinhloko woMnyuziyamu waseRhineland eBonn, eJalimane, wathola lokhu ngengozi. Esebenzisa isaha elincane, wayesusa isampula elincane lensimbi esigqokweni sensimbi sangekhulu lokuqala B.C.E., esasisekujuleni koMfula iRhine okungenani iminyaka engu-1 500. Uyachaza: “Ukushisa kwaleli thuluzi kwaxebula amaqabunga esiliva esigqokweni, ashiya insalela efana nengcina.” Ukuhlaziya kwembula ukuthi le ngcina enamandla yayenziwe ngekolitayi, ingcina yamagxolo namafutha enkomo.