Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 2/09 k. 18-k. 20 isig. 14
  • Ngingakwamukela Kanjani Ukuthi sesihlukene?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ngingakwamukela Kanjani Ukuthi sesihlukene?
  • I-Phaphama!—2009
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Okwenza Kube Buhlungu
  • Ukuqhubekela Phambili
  • Bheka Phambili
  • Ngingakwamukela Kanjani Ukuthi Sesihlukene?
    Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo, Umqulu 1
  • Yini Engingayenza Uma Ngihlukene Nomuntu Ebengithandana Naye?
    Intsha Iyabuza
  • USIZO LOMKHAYA | INTSHA
    I-Phaphama!—2015
  • Wayekuthanda Lokho Ayekufunda
    I-Phaphama!—2006
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2009
g 2/09 k. 18-k. 20 isig. 14

Intsha Iyabuza

Ngingakwamukela Kanjani Ukuthi sesihlukene?

“Kwase kuphele izinyanga eziyisithupha sithandana neminyaka emihlanu singabangane. Lapho efuna ukuba sihlukane, kwakunzima nokuba angitshele. Wamane wayeka ukukhuluma nami. Ngazizwa ngisele dengwane. Ngashaqeka ngenxa yokuphoxeka kanjalo. Ngangilokhu ngizibuza, ‘Ngenzeni?’”—URachel.a

UKUHLUKANA kungakuphuca injabulo futhi kukulethele usizi nezinyembezi. Cabanga ngoJeff noSusan, abathandana iminyaka emibili. Phakathi naleyo nkathi basondelana kakhulu ngokomzwelo. Usuku lonke, uJeff noSusan babethumelelana imiyalezo enamazwi othando. Ngezikhathi ezithile, uJeff wayepha uSusan izipho ukuze abonise ukuthi wayecabanga ngaye. USusan uthi: “UJeff wayenza umzamo wokungilalela nokungiqonda. Wayengenza ngizizwe ngikhethekile.”

Ngokushesha, uJeff noSusan base bekhuluma ngomshado nokuthi bazohlala kuphi njengendoda nomfazi. UJeff waze wabuza nangosayizi wendandatho kaSusan. Kodwa ngokungazelelwe, wabuqeda ubuhlobo! USusan wakhungatheka. Wayeqhubeka nemisebenzi yansuku zonke, kodwa wayebhocobele ngenxa yokushaqeka. Uthi: “Ngazizwa ngikhandlekile engqondweni nasemzimbeni.”b

Okwenza Kube Buhlungu

Uma wake waba sesimweni esinjengesikaSusan, ungase uzibuze, ‘Ingabe ngiyoke ngikwazi ukwamukela lesi simo?’ (IHubo 38:6) Kuyaqondakala ukuthi kungani ucindezelekile. Ukwaliwa kungaba okunye kokuhlangenwe nakho okubuhlungu kakhulu owake wabhekana nakho ekuphileni kwakho. Empeleni, abanye baye bathi ukuhlukana kunjengokufa okuncane. Ungase uzithole ubhekana nalezi zikhathi ezingokoqobo zokuba lusizi kanye nezinye izingqinamba:

Ukungakwamukeli. ‘Akunakuba sekuphelile njalo. Uzowushintsha umqondo ngemva kwezinsukwana.’

Intukuthelo. ‘Angakwenza kanjani nje lokhu kimi? Ngiyamzonda!’

Ukucindezeleka. ‘Angithandeki. Akekho oyophinde angithande.’

Ukukwamukela. ‘Ngizolulama. Kubuhlungu ukwaliwa, kodwa ngiba ngcono.’

Okujabulisayo ukuthi ungafinyelela esikhathini sokusamukela isimo. Ukuthi singakanani isikhathi esiyodingeka ukuze ufike lapho kuxhomeke ezicini ezimbalwa, kuhlanganise nokuthi ubuhlobo benu bese bunesikhathi esingakanani futhi sebuthuthuke kangakanani. Okwamanje, ungabhekana kanjani nobuhlungu benhliziyo?

Ukuqhubekela Phambili

Kungenzeka wake wabezwa abantu bethi, Isikhathi siyawapholisa amanxeba. Uma uqala ukuhlukana nomuntu obuthandana naye, lawo mazwi angase azwakale engenangqondo. Lokhu kungenxa yokuthi ukudlula kwesikhathi kuyingxenye yekhambi. Ngokwesibonelo: Isilonda esikhunjeni sizophola ngokuhamba kwesikhathi, kodwa okwamanje sibuhlungu. Kudingeka ukuba unqande ukopha, uthobe ubuhlungu. Kudingeka nokuba usivikele singangenwa amagciwane. Kunjalo nangesilonda esingokomzwelo. Okwamanje, sibuhlungu. Kodwa kunezinyathelo ongazithatha ukuze unciphise ubuhlungu futhi usivikele singangenwa igciwane lenzondo. Ukudlula kwesikhathi kuzosiza, kodwa yini wena ongayenza? Zama okulandelayo.

◼ Zinike isikhathi sokubhekana nosizi lwakho. Akuyona into embi ukukhala ngenxa yobuhlungu. Phela, iBhayibheli lithi kukhona “isikhathi sokukhala” ngisho ‘nesikhathi sokubangalasa.’ (UmShumayeli 3:1, 4) Ukukhala akusho ukuthi ubuthakathaka. Lapho esosizini, ngisho noDavide owayeyiqhawe elinesibindi wake wavuma: “Njalo ebusuku umbhede wami uba manzi ngenxa yokukhala kwami; umcamelo wami ugcwala izinyembezi.”—IHubo 6:6, Today’s English Version.

◼ Nakekela impilo yakho. Ukuvivinya umzimba nokudla ngendlela efanele kuyokusiza ukuba ubuyise amandla akulahlekele ngenxa yokukhandleka ngokomzwelo okubangelwa ukuhlukana. IBhayibheli lithi: “Ukuqeqesha umzimba [kuyazuzisa].”—1 Thimothewu 4:8.

Iziphi izinto ngokuphathelene nempilo yakho okungase kudingeke uzinakekele?

․․․․․

◼ Hlala umatasa. Ungayeki ukwenza izinto ozithandayo. Manje kunanini ngaphambili, ungazihlukanisi. (IzAga 18:1) Zihlanganise nalabo abakukhathalelayo abazokunika okuthile okwakhayo ongagxilisa ingqondo yakho kukho.

Imiphi imigomo ongazibekela yona ukuze uhlale umatasa?

․․․․․

◼ Thandaza kuNkulunkulu ngemizwa yakho. Lokhu kungase kube inselele. Ngemva kokuhlukana, abanye baba nomuzwa wokuthi uNkulunkulu ubakhaphele. Baye bathi, ‘Ngathandaza ngathandaza ukuba ngithole othile, kodwa manje awubheke ukuthi kwenzekeni!’ (IHubo 10:1) Kodwa bekungafaneleka yini ukubheka uNkulunkulu njengomhlanganisi nje wabantu wasezulwini? Lutho neze; futhi akulona icala lakhe uma omunye phakathi kwenu engasafuni ukuba niqhubeke nithandana. Nakhu esikwaziyo ngoJehova: ‘Uyakukhathalela.’ (1 Petru 5:7) Ngakho thandaza umtshele indlela ozizwa ngayo. IBhayibheli lithi: “Izicelo zenu mazaziwe nguNkulunkulu ngomthandazo nangokunxusa kanye nokubonga; ukuthula kukaNkulunkulu okudlula konke ukucabanga kuyolinda izinhliziyo zenu namandla enu engqondo ngoKristu Jesu.”—Filipi 4:6, 7.

Iziphi izinto ongathandaza ngazo ngokukhethekile kuJehova njengoba uzama ukubhekana nobuhlungu bokwaliwa?

․․․․․

Bheka Phambili

Ngemva kokuthola isikhathi sokululama, kungase kube kuhle ukubhekisisa ukuthi yini ngempela eyenzeka ebuhlotsheni bakho bangaphambili. Uma usukulungele ukwenza lokho, ungase uthole ukuthi ukubhala phansi izimpendulo zakho emibuzweni elandelayo kuyoba usizo.

◼ Ingabe wasitshelwa isizathu sokuhlukana? Uma kunjalo, sibhale ngezansi, kungakhathaliseki ukuthi unomuzwa wokuthi sasizwakala noma cha.

․․․․․

◼ Ucabanga ukuthi yiziphi ezinye izizathu okungenzeka zazihilelekile?

․․․․․

◼ Uma ubheka emuva, ingabe kukhona owawungakwenza okwakungashintsha umphumela? Uma kunjalo, ikuphi?

․․․․․

◼ Ingabe lesi sigameko sembule izindlela ezithile ongathanda ukukhula ngazo ngokomoya noma ngokomzwelo?

․․․․․

◼ Yini obungayenza ngendlela ehlukile, uma ikhona, uma kwenzeka uthandana nothile ngokulandelayo?

․․․․․

Kuyiqiniso ukuthi ukuthandana kwakho nalowo owawuthandana naye akuhambanga ngendlela owawuyilindele. Kodwa khumbula lokhu: Lapho kunesiphepho, kulula ukugxila esibhakabhakeni esimnyama nasemvuleni. Kodwa ekugcineni, imvula iyanqamuka bese liqala ukuphenya. Intsha ecashunwe ekuqaleni kulesi sihloko yathola ukuthi ngokuhamba kwesikhathi, yakwazi ukuqhubekela phambili. Ungaqiniseka ngokuthi kungenzeka okufanayo nakuwe!

Izihloko ezengeziwe eziwuchungechunge ezithi “Intsha Iyabuza” zingatholakala engosini ye-Internet ethi www.watchtower.org/ype

[Imibhalo yaphansi]

a Amagama akulesi sihloko ashintshiwe.

b Nakuba abantu abacashunwe kulesi sihloko kungabesifazane, izimiso okuxoxwa ngazo ziyasebenza nakwabesilisa.

OKUDINGA UKUCATSHANGELWA

◼ Yini oyifundile ngawe uma ubheka ukuqomisana kwakho kwesikhathi esidlule?

◼ Yini oyifundile ngabobulili obuhlukile?

◼ Ubani ongamthululela isifuba uma ukucindezeleka okubangelwa ukuhlukana kubonakala kungaphezu kwamandla?

[Ibhokisi ekhasini 20]

UKUSIKISELA

USusan, okukhulunywe ngaye ekuqaleni, wenza uhlu lwemiBhalo ayeselugcina eduze ukuze ayifunde uma ezizwa egajwa usizi. Mhlawumbe nawe ungenza okufanayo ngeminye yemiBhalo ekhonjwe kulesi sihloko.

[Isithombe ekhasini 19]

Ukuhlukana kunjengesilonda esibuhlungu—sibuhlungu, kodwa sizophola ngokuhamba kwesikhathi

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela