Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 12/06 k. 21-k. 23 isig. 5
  • Wayekuthanda Lokho Ayekufunda

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Wayekuthanda Lokho Ayekufunda
  • I-Phaphama!—2006
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Inkinga Enkulu
  • Indlela USusan Athuthuka Ngayo Olwazini LweBhayibheli
  • Inkululeko Ekugcineni
  • Ukwazi Okwengeziwe NgoSusan
  • Ngingakwamukela Kanjani Ukuthi sesihlukene?
    I-Phaphama!—2009
  • Ukukhumbula Uthando Lwami Lokuqala Kuye Kwangisiza Ngakhuthazela
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2015
  • Ngingakwamukela Kanjani Ukuthi Sesihlukene?
    Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo, Umqulu 1
  • “Insimu Ekhethekile”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1987
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2006
g 12/06 k. 21-k. 23 isig. 5

Wayekuthanda Lokho Ayekufunda

MUVA nje kutholakale incwadi eyabhalwa owesifazane othile ngaphambi nje kokuba abulawe umdlavuza ngo-May 2004. Wayengakaqedi ukuyibhala le ncwadi, cishe ngenxa yokuthi isimo sakhe sempilo sashintsha isigubhukane saba sibi kakhulu. Nokho, kamuva labo abayifunda le ncwadi engaposwanga bakhala, futhi ukholo lwabo kuNkulunkulu lwaqina.

Encwadini, umlobi, uSusan, wazichaza njengomuntu owayesemusha lapho eqala ukuxhumana ngocingo nomdala ongumKristu ebandleni loFakazi BakaJehova laseConnecticut, e-U.S.A. Waqhubeka echaza isimo ayebhekene naso kuleyo minyaka yakhe yobusha. Unina kaSusan wayithola ngasekupheleni konyaka odlule leyo ncwadi ethinta inhliziyo futhi wathumela ikhophi yayo endlunkulu yoFakazi BakaJehova eNew York.

USusan wabhala ukuthi wathola izinombolo zocingo zalo mdala waseConnecticut encwadini yezinombolo zocingo ngo-1973. Uyachaza: “Lowo nyaka, ngineminyaka engu-14 ubudala, unyaka okwathi lapho ngifunda amakhophi e-Nqabayokulinda ne-Phaphama!, nganquma ukuthi kumelwe ukuba lokhu kuyiqiniso. Njengoba ngangingakaze ngibonane noFakazi BakaJehova, ngabafuna encwadini yezinombolo zocingo ngabe sengikhetha inombolo eyayiqala ngezinombolo ezifana nezami ngaphansi kohlu oluthi OFakazi BakaJehova. Lapho uMfoweth’ uGenrich ephendula ucingo, wamangala ukuzwa ukuthi angikaze ngihlangane noFakazi.”a

Inkinga Enkulu

Encwadini yakhe uSusan wachaza ukuthi lapho eneminyaka eyishumi ubudala, wayiswa eConnecticut ukuba ayohlala nonin’ omncane. Kwakumelwe ahlale naye okwesikhashana, kodwa ngemva kwesikhathi uSusan watshela unina, owayehlala yedwa eFlorida, ukuthi wayefuna ukuqhubeka ehlala lapho ayehlala khona. Wabhala ukuthi isimo sakhe sasifana “nalokho okubizwa ngokuthi i-Stockholm syndrome, lapho umuntu akha khona ubuhlobo obuqinile nabashushisi bakhe.”b Wayephethwe kabi kakhulu.

USusan wabhala: “Babengihlukumeza kakhulu umama omncane nomuntu ayehlalisana naye. Ngaphezu kwalokho, bambalwa abantu bangaphandle ababeke bangene ekhaya. Lapho ngivunyelwa ukuba ngiye esikoleni, nganginganikwa kudla kwasemini noma izingubo zokugqoka ezifanelekayo, nakuba umama ayethumela imali eyanele yesondlo. Ngangingenazo izingubo zangaphansi zokushintsha, kuyilapho okanina bami ababili, ababebancane kunami ngeminyaka embalwa, babenakho konke.” Walandisa lokhu ukuze akwenze kucace ukuthi kungani ayezongena enkingeni enkulu lapho unin’ omncane ethola ukuthi unesithakazelo ekufundeni okwengeziwe ngeBhayibheli.

Indlela USusan Athuthuka Ngayo Olwazini LweBhayibheli

USusan wabhala: “UMfoweth’ uGenrich wangethula kuLaura, udade ovuthiwe ongumKristu, owayechitha isikhathi eside ephendula imibuzo yami eminingi yeBhayibheli, futhi wayevame ukuhlangana nami elondolo lomphakathi.” USusan wachaza ukuthi wayengakaze nanini azenzele isinqumo nganoma yini kwaze kwaba ngaleso sikhathi kodwa uthi ngemva kwalezi zingxoxo nokufunda izincwadi ezisekelwe eBhayibhelini njengethi IQiniso Eliholela Ekuphileni Okuphakade, wakwazi ukuzenzela isinqumo.

USusan uyaqhubeka: “KwakungoLwesihlanu ebusuku lapho ngitshela umama omncane ukuthi bengilokhu ngixoxa noFakazi. Wangiphoqa ukuba ngingalali bonke lobo busuku, ngibe ngimi maphakathi nekhishi. Ngemva kwalokho ngazimisela kakhulu kunangaphambili ukuba nguFakazi.”

Kusukela ngaleso sikhathi kuqhubeke, uMfoweth’ uGenrich waqhubeka elethela uSusan izincwadi ezazizomsiza ukuba aqonde iBhayibheli. USusan uyabhala: “INcwadi Yonyaka YoFakazi BakaJehova Ka-1974 angiyikhohlwa ngoba yangitshela indlela oFakazi ababebekezelele ngayo ushushiso ngaphambi naphakathi neMpi Yezwe II eJalimane lamaNazi. . . . Kwakungaleso sikhathi lapho ngacela khona umdala othile ukuba angiqophele izingoma zoMbuso ukuze ngizifunde. Kwathi kungakapheli nonyaka ngabe sengikwazi ukuzicula zonke ngokulandelana kwazo eculweni lika-1966, elithi ‘Nihlabelele Nihubele INkosi Enhliziyweni Yenu.’”

“Phakathi naleso sikhathi, uMfoweth’ uGenrich wayengilethela namakhasethi aqoshiwe ezinkulumo zeBhayibheli, amadrama nezimiso zemihlangano. Wayewashiya kuRoute 10 ngaphambi kwesigxobo esithile socingo, bese ngiwalanda lapho. . . . Isimo sami manje sase siqala ukungicindezela ngoba ngase ngenze intuthuko enkulu kakhulu ngaphandle kokuya ngisho nakowodwa umhlangano. Ngakho ngicabanga ukuthi ngaphelelwa amandla.”

USusan uthi kwasinda kwehlela eminyakeni embalwa eyalandela. Wayengasaxhumani noFakazi ababili okuwukuphela kwabo ayebazi. Kodwa uthi “ukufunda zonke izingoma kwaba ‘isiqalekiso.’” Ngani? “Ngoba ngangihlale ngikhumbula amazwi athile ezingoma, njengalawo athi ‘Amabutho eNkosi awafuni ubulula.’ Ngangazi ukuthi la mazwi ayebhalwe uFakazi othile owayevalelwe ekamu lokuhlushwa phakathi neMpi Yezwe II, futhi lokhu kwenezela osizini lwami. Ngangizibheka njengegwala futhi ngicabanga ukuthi uJehova ungilahlile.”c

Inkululeko Ekugcineni

“Izinto zashintsha lapho ngihlanganisa iminyaka engu-18 yobudala. Kwase kuphele iminyaka kungekho Fakazi ongena ekhaya ngoba umuzi wasekhaya wawusohlwini lwezindlu okwakungangenwa kuzo. Kodwa ngalolo suku kwangena othile owayevela kwelinye ibandla, futhi ngakwazi ukuxoxa naye ngoba kwakukhona mina kuphela. Uma ngikhumbula kahle, kwakuqala ngqá ukuba ngibe ngedwa ekhaya ngoMgqibelo. Lokhu ngakuthatha njengobufakazi bokuthi uJehova wayengangilahlile. Ngakho ngashayela uMfoweth’ uGenrich ucingo, lowo engangimshayele ucingo ngaphambili, futhi ngamtshela ukuthi ngase ngikulungele ukuhamba ekhaya, ngambuza nokuthi kukhona yini ayengakusikisela. Ekugcineni, ngasizwa ukuba ngihambe ekhaya.”

USusan wathuthela kwenye indawo ngo-April 1977. Incwadi yakhe yanezela: “Phakathi nonyaka olandelayo, ngagcina sengikwazi ukuya emihlanganweni yebandla nemikhulu, futhi ngaqala ukuhlanganyela enkonzweni. Ngaphinde ngaxhumana nomama. Wayengazi ukuthi ngangikade ngiphethwe kabi kangaka yonke leyo minyaka futhi washaqeka kakhulu. Wangenela ngokushesha, eqiniseka ukuthi nginakho konke engangikudinga. Wayethuthele e-Alaska eminyakeni embalwa ngaphambili. Njengoba ayebonisa isithakazelo esikhulu emaqinisweni eBhayibheli, ngahamba ngayohlala naye e-Alaska ngo-1978. Ekugcineni waba nguFakazi futhi usaqhubeka ethembekile nanamuhla.

“Ngemva kokuba sengiqalile ukuya emihlanganweni, uMfoweth’ uGenrich wahlelela iqembu elithile uhambo lokuya endlunkulu yomhlaba wonke yoFakazi BakaJehova eBrooklyn, eNew York, futhi wangimema ukuba ngihambe nalo. Lolo hambo lwaba olunye lwezipho ezihlala njalo kwengake ngaziphiwa, ngoba lwangenza ngayazisa ukuphila kwami konke inhlangano kaJehova. Kungako-ke okwamanje. Le ncwadi ngiyifingqile ngoba bengifuna ukuyiqeda ngesikhathi.”

Lezi zinkulumo ezingenhla zimane ziyizingcaphuno ezithathwe encwadini enamakhasi ayisithupha nesigamu. Ngasekugcineni kwalokho uSusan akubhala, wathi: “Bengibangwa nezibi esibhedlela ngenyanga edlule futhi ngicabanga ukuthi ngizokufa nakanjani . . . Ngiye ngathandaza kuJehova ngicela ukuba angisize ngiphile amanye amasonto amabili nje kuphela, ukuze ngilungise ezinye izinto. . . . Angilindele ukuphila isikhathi eside, kodwa kumelwe ngisho ukuthi le minyaka ngiseqinisweni iye yaba iminyaka emangalisayo, futhi iye yasho ukuphila okungcono kunakho konke umuntu angase akulindele.”

Le ncwadi yayingenasiphetho nagama lomuntu oyibhalile, futhi ayizange iposwe. Labo abayithola abazange bazi ukuthi kufanele ithunyelwe kubani. Kodwa, njengoba sekushiwo ngaphambili, yagcina ithunyelwe kunina kaSusan.

Ukwazi Okwengeziwe NgoSusan

Ngemva kokubhapathizwa kukaSusan ngo-April 14, 1979, unina wabuyela eFlorida. Waqhubeka ehlala e-Alaska, njengoba ayesakhe ubuhlobo obuseduze nalabo abaseBandleni LaseNorth Pole. Ngokushesha ngemva kwalokho waqala inkonzo yesikhathi esigcwele ekhonza njengephayona. Ekugcineni, wathuthela eFlorida, futhi ngo-1991, washada nomdala ongumKristu ayephayona naye, futhi lo mdala washona ngokushesha nje ngemva kokushona kukaSusan.

USusan nomyeni wakhe babengumbhangqwana othandeka kakhulu owawuhlanganyela ndawonye enkonzweni yesikhathi esigcwele kwaze kwaba yilapho ukugula kukaSusan kwenza ukuba bangakwazi ukuqhubeka. Sekukonke, uSusan wajabulela iminyaka engaphezu kwengu-20 enkonzweni yesikhathi esigcwele. IBandla LaseNorth Pole laxhunywa ngocingo ukuze likwazi ukulalela inkonzo yakhe yomngcwabo eyayiqhutshwa eFlorida.

Incwadi kaSusan ingasisiza ukuba sizazise nakakhulu izibusiso ezingokomoya ezijatshulelwa yilabo abakhonza uJehova futhi abanethemba elimangalisayo lovuko. (IzEnzo 24:15) Le ndaba kaSusan ikwenza kucace futhi ukuthi uNkulunkulu useduze nabo bonke abasondela kuye!—Jakobe 4:7, 8.

[Imibhalo yaphansi]

a UMfoweth’ uGenrich nomkakhe bashona engozini yemoto ehlasimulisayo ngo-1993.

b Bheka i-Phaphama! ka-December 22, 1999, ikhasi 7.

c Hubani Izindumiso ZikaJehova, iNgoma 29, ethi “Phambili, Nina BoFakazi!”

[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 23]

“Le minyaka ngiseqinisweni iye yaba iminyaka emangalisayo, futhi iye yasho ukuphila okungcono kunakho konke umuntu angase akulindele”

[Isithombe ekhasini 21]

USusan ngesikhathi eneminyaka eyishumi ubudala

[Isithombe ekhasini 23]

USusan nomyeni wakhe, uJames Seymour

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela