Umbono WeBhayibheli
Ingabe Kufanele Ukwenqabe Ukushiswa?
Abanye abantu banomuzwa wokuthi ukushiswa—okusho ukushiswa kwesidumbu sibe umlotha—akuyibonisi inhlonipho ngesidumbu nangokukhunjulwa komuntu ofile. Bathi: ‘Kuyinto eyasungulwa amaqaba, ngakho kufanele bayigweme labo abathi bakhulekela uNkulunkulu.’ Abanye bakholelwa ukuthi ukushiswa kuyindlela eyamukelekayo nehloniphekile yokufihla isidumbu. Uzizwa kanjani wena ngale ndaba?
NGEZIKHATHI zeBhayibheli kwakuyisiko ukuba abafileyo bangcwatshwe. Ngokwesibonelo, u-Abrahama wangcwaba umkakhe, uSara emhumeni. Isidumbu sikaJesu sabekwa ethuneni elaliqoshwe edwaleni. (Genesise 23:9; Mathewu 27:60) Ingabe iBhayibheli liyasho ukuthi ukungcwaba abantu ethuneni kuwukuphela kwendlela eyamukelekayo yokufihla isidumbu? Ingabe liyabonisa ukuthi izikhonzi zikaNkulunkulu zasendulo zamelana nokushiswa kwezidumbu?
Ingabe Kukhona Okubonisa Ukuthi UNkulunkulu Uyakulahla?
Uma uzikha phezulu nje, izindima eziningi zeBhayibheli zingase zibonakale zibonisa ukuthi ukushiswa kwesidumbu kwakwenziwa kulabo ababefa bengenakho ukuma okuhle noNkulunkulu. Ngokwesibonelo, ngokoMthetho KaMose uma indodakazi yomunye wabapristi bakaJehova yayibe yisifebe, kwakufanele ibulawe bese ‘ishiswa ngomlilo.’ (Levitikusi 20:10; 21:9) Ngokufanayo, lapho ukungalaleli kuka-Akhani nomkhaya wakhe kubangela ukuba u-Israyeli anqotshwe e-Ayi, u-Israyeli wabakhanda ngamatshe ngemva kwalokho “wabashisa ngomlilo.” (Joshuwa 7:25) Ezinye izazi zithi lena yindlela okwakuphathwa ngayo labo ababefele ehlazweni futhi ukushiswa kwesidumbu kwakwenza umenzi wobubi angagcwatshwa ngendlela ehloniphekile.
Ngaphezu kwalokho, lapho iNkosi uJosiya izama ukuhlanza uJuda ngokususa ukukhulekelwa kwezithombe, yavula amangcwaba abapristi ababenze imihlatshelo kuBhali yashisa amathambo abo ema-altare abo. (2 IziKronike 34:4, 5) Ingabe izibonelo ezinjalo zibonisa ukuthi uNkulunkulu uyabalahla labo abashiswayo lapho sebefile? Cha, njengoba okunye ukulandisa kweBhayibheli kubonisa.
Lapho amaFilisti enqoba iNkosi uSawule yakwa-Israyeli empini, abophela isidumbu sakhe nezamadodana akhe amathathu ngendlela engahloniphekile odongeni lomuzi waseBheti-shani. Kodwa lapho ezwa ngalesi senzo sokungahloniphi, ama-Israyeli aseJabeshi-gileyadi, azethula lezi zidumbu azishisa, ngemva kwalokho angcwaba amathambo. (1 Samuweli 31:2, 8-13) Ekuqaleni le ndaba ingase ibonakale igcizelela ihlazo elihambisana nokushiswa kwesidumbu somuntu ofile. Futhi phela, uSawulu wayemubi; walwa noDavide, ogcotshiweyo kaJehova futhi wafa engamukeleki kuNkulunkulu.
Kodwa phawula ukuthi ubani owafa kanye noSawule. Enye yamadodana akhe, nayo isidumbu sayo esaphathwa ngendlela efanayo, kwakunguJonathani. Wayengeyena umuntu omubi. Ngokuphambene, uJonathani wayengumngane nomeluleki oseduze kaDavide. Ngokuphathelene noJonathani, ama-Israyeli aphawula ukuthi: “Usebenzé kanye noNkulunkulu.” (1 Samuweli 14:45) Lapho uDavide ezwa ngalokho okwakwenziwe amadoda aseJabeshi-gileyadi, wawancoma futhi wawabonga ngesenzo sawo: “Kwangathi ningabusiswa nguJehova, ngoba nibonise lo musa wothando enkosini yenu, kuSawule.” Kuyacaca ukuthi ukushiswa kwezidumbu zikaSawule noJonathani akuzange kumkhathaze uDavide.—2 Samuweli 2:4-6.
Akusona Isithiyo Ovukweni
IBhayibheli lifundisa ngokucacile ukuthi uJehova uNkulunkulu uyobuyisela ekuphileni abaningi abalele ekufeni njengamanje. (UmShumayeli 9:5, 10; Johane 5:28, 29) Ichaza ngokwesiprofetho isikhathi abafile abayobuyela ngaso ekuphileni, incwadi yeBhayibheli yesAmbulo, noma i-Apocalypse, ithi: “Ulwandle lwakhipha abafileyo ababekulo, nokufa neHayidesi kwakhipha abafileyo ababekukho.” (IsAmbulo 20:13) Ukuze afeze lokhu, akwenzi mehluko kuNkulunkulu uMninimandla onke ukuthi isidumbu somuntu sigcwatshiwe, sishisiwe, sinyamalale olwandle, sidliwe yizilwane noma siqhunyiswe ngebhomu le-athomu.
IBhayibheli alinikezi isiqondiso esiqondile ngokuphathelene nalokho okufanele kwenziwe ngezidumbu. UJehova akakulahli ukushiswa kwesidumbu. Kodwa kuyacaca ukuthi amalungiselelo okufihla umuntu kufanele abe nesizotha nenhlonipho.
Kodwa into engase ithonye isinqumo somuntu lapho enza la malungiselelo, indlela umphakathi owabheka ngayo amasiko aphathelene nokungcwaba. Ngokuqinisekile labo abalandela izimiso zeBhayibheli ngeke bafune ukwenza noma yini engacasula omakhelwane babo ngokungadingekile. Ngeke kufaneleke nokwenza isiko elithile elingase libonise ukukholelwa ezinkolelweni zamanga, ezifana nokungafi komphefumulo. Nakuba kunjalo, noma yisiphi isinqumo umuntu angase asenze ngomzimba wakhe, noma owomunye umuntu, ukuthi kufanele ufihlwe ngayiphi indlela yindaba yomuntu siqu noma yomndeni.
WAKE WAZIBUZA?
◼ Yisiphi isikhonzi esiqotho okukhulunywa ngaso eBhayibhelini esangcwatshwa ngokushiswa?—1 Samuweli 31:2, 12.
◼ UDavide wawaphatha kanjani amadoda ashisa isidumbu sikaSawule?—2 Samuweli 2:4-6.
◼ Yini ebonisa ukuthi ukushiswa kwesidumbu somuntu akumenzi angakufanelekeli ukuvuswa?—IsAmbulo 20:13.
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 11]
IBhayibheli alinikezi isiqondiso esiqondile ngokuphathelene nalokho okufanele kwenziwe ngezidumbu