Ukubuyela Emhlabathini—Kanjani?
“UNGUMHLABATHI, uyakuphenduka umhlabathi.” Lapho umuntu wokuqala, u-Adamu, ezwa lawo mazwi, wayekwazi okwakufanele akulindele. Wayenziwe ngomhlabathi futhi wayezobuyela kuwo kanye umhlabathi. Wayezokufa ngoba wayengamlalelanga uMdali wakhe, uJehova uNkulunkulu.—Genesise 2:7, 15-17; 3:17-19.
IBhayibheli libonisa ukuthi abantu benziwe ngomhlabathi. Libuye lithi: “Umphefumulo owonayo uyakufa.” (Hezekeli 18:4; IHubo 103:14) Ukufa kuye kwaletha usizi ezigidini futhi kuye kwaphakamisa imibuzo ngokuphindaphindiwe ngokuphathelene nendlela yokufihlwa kwezidumbu.
Imikhuba Yasendulo Neyanamuhla
Zazifihlwa kanjani izidumbu phakathi kwabantu bakaNkulunkulu bezikhathi zasendulo? Engxenyeni yalo yokuqala, iBhayibheli likhuluma ngezindlela ezihlukahlukene zokufihla abafileyo, kuhlanganise nokubangcwaba emhlabathini. (Genesise 35:8) Inzalamizi u-Abrahama, nomkayo, uSara, kanye nendodana yabo u-Isaka nomzukulu wabo uJakobe bangcwatshwa emhumeni waseMakaphela. (Genesise 23:2, 19; 25:9; 49:30, 31; 50:13) Abahluleli bakwa-Israyeli uGideyoni noSamsoni bangcwatshwa ‘emathuneni oyise.’ (AbAhluleli 8:32; 16:31) Lokhu kubonisa ukuthi ukuba neziza zokungcwaba zomkhaya kwakuthandwa phakathi kwabantu bakaNkulunkulu basendulo. Lapho uJesu Kristu efa ekhulwini lokuqala C.E., isidumbu sakhe sabekwa ethuneni ledwala elalisanda kuqoshwa. (Mathewu 27:57-60) Ngakho-ke, izidumbu zazivame ukungcwatshwa emhlabathini noma zifakwe ethuneni elakhiwe. Lokhu kusenziwa ezindaweni eziningi emhlabeni wonke.
Nokho, namuhla kwezinye izingxenye zomhlaba ukuntuleka okukhulu kwendawo nokubiza komhlaba kwenza kube nzima ngokwengeziwe ukuthola iziza zokungcwaba. Ngakho-ke, abanye abantu bacabangela ezinye izindlela zokufihla izidumbu.
Ukusakaza umlotha ngemva kokushiswa kwesidumbu kuya kwanda. ENgilandi amaphesenti angaba ngu-40 abafileyo manje afihlwa ngalendlela. ESweden, lapho amaphesenti angaphezu kuka-80 abafileyo ezindaweni ezisemadolobheni eshiswa, amahlathi athile abekelwa eceleni ukuze kusakazwe kuwo umlotha. Futhi eShanghai nakwamanye amadolobha ambalwa aseChina angasolwandle, ohulumeni bamadolobha basekela ukusakazwa kwenqwaba yomlotha olwandle izikhathi eziningana ngonyaka.
Ungasakazwaphi umlotha? Awunakusakazwa noma kuphi. Abanye bangase besabe ukuthi ukusakaza umlotha konakalisa indawo ezungezile. Nokho, empeleni ukushiswa kwezidumbu kuyayiqeda ingozi yokuba khona kwezifo eziwubhadane. Izindawo ezithile zamathuna eNgilandi nase-United States zibekela eceleni izindawo ezinotshani noma izingadi zezimbali njengezindawo zokusakaza umlotha. Yebo, amaKristu akhathalela ikakhulukazi umbono ongokomBhalo wokushiswa kwesidumbu nokusakazwa komlotha.
Uyini Umbono OngokomBhalo?
Lapho ekhipha isimemezelo ngokumelene ‘nenkosi yaseBabele,’ umprofethi u-Isaya wathi: “Ulahliwe ngaphandle kwethuna lakho.” (Isaya 14:4, 19) Ingabe ukusakazwa komlotha kungafaniswa nesimo esinjalo sokwehliswa? Cha, ngoba lapha akukhulunywa ngokushiswa kwesidumbu nokulondolozwa noma ukusakazwa komlotha waso.
UJesu Kristu wakhuluma ngovuko lwabafileyo lwasemhlabeni oluyokwenzeka phakathi nokuBusa kwakhe Kweminyaka Eyinkulungwane lapho ethi: ‘Bonke abasemathuneni ayisikhumbuzo bayozwa izwi lami futhi baphume.’ (Johane 5:28, 29) Nokho, ukuthi akudingeki ithuna eliqondile ukuze kuvuswe umuntu kufakazelwa kwenye incazelo yovuko engokwesiprofetho. IsAmbulo 20:13 sithi: “Futhi ulwandle lwakhipha abafileyo ababekulo, nokufa neHayidese kwakhipha abafileyo ababekukho.” Ngakho-ke, okubalulekile akukhona ukuthi umuntu ‘ubuyela emhlabathini’ kuyiphi indawo noma ngayiphi indlela. Kunalokho, ukuthi uyakhunjulwa yini uNkulunkulu futhi avuswe. (Jobe 14:13-15; qhathanisa noLuka 23:42, 43.) Ngokuqinisekile uJehova akadingi amathuna ahlaba umxhwele ukuba amsize akhumbule abantu. Ukushiswa kwesidumbu akukuvimbeli ukuvuswa komuntu. Futhi uma ukusakazwa komlotha kwenziwa ngesisusa esifanele nangaphandle kwemikhosi yenkolo yamanga, ngeke kube okungavumelani nemiBhalo.
Labo abakhetha ukusakaza umlotha kuzodingeka baqaphele umthetho wezwe. Futhi kungaba okufanelekile ukuba bacabangele imizwa yabashonelwe nabanye. Izinceku zikaJehova ziyobe zenza kahle uma ziqaphela ukuthi ukusebenzisa inkululeko yazo engokomBhalo kulendaba akulethi isihlamba egameni elihle lamaKristu. Lokhu kubaluleke kakhulu emazweni lapho ukushiswa kwezidumbu nokusakazwa komlotha kuvunyelwe ngokomthetho kodwa kungakamukeleki ngokuphelele emphakathini. Yiqiniso, umKristu uyogwema noma imiphi imikhuba namasiko asekelwe enkolelweni yokungafi komphefumulo womuntu.
Ukukhululeka Ngokuphelele Ekungcwabeni Emathuneni!
Abanye abasekela ukusakazwa komlotha bathi lokhu kusho ukukhululeka ekungcwabeni emathuneni. Nokho, okuyoletha ukukhululeka okukhulu kunakho konke kuyoba ukugcwaliseka kwesithembiso seBhayibheli esithi “njengesitha sokugcina, ukufa kumelwe kwenziwe ize.”—1 Korinte 15:24-28.
Lokhu kusho ukuthi amathuna, ngisho nokushiswa kwezidumbu nokusakazwa komlotha, kuyoba izinto zesikhathi esidlule. Yebo, ukufa ngeke kusaba khona. Engaphansi kokuphefumulelwa kwaphezulu umphostoli uJohane wabhala: “Ngezwa izwi elikhulu livela esihlalweni sobukhosi lithi: ‘Bheka! Itende likaNkulunkulu likanye nesintu, uyohlala naso, futhi siyoba abantu bakhe. Futhi uNkulunkulu ngokwakhe uyoba naso. Futhi uyosula zonke izinyembezi emehlweni aso, futhi ukufa ngeke kusaba khona, noma ukulila noma ukukhala noma ubuhlungu ngeke kusaba khona. Izinto zangaphambili zidlulile.’”—IsAmbulo 21:3, 4.
Konke lokhu kuyokwenzeka lapho ukufa kwabantu okuwumphumela wesono sika-Adamu sekuqedwe ngokuphelele ngaphansi koMbuso kaNkulunkulu. Ngaleso sikhathi isintu esilalelayo ngeke sisalindelwa ukubuyela emhlabathini.
[Izithombe ekhasini 29]
Izindlela ezivamile zokufihla izidumbu
[Isithombe ekhasini 31]
Ukusakazwa komlotha eSagami Bay, eJapane
[Umthombo]
Courtesy of Koueisha, Tokyo