Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 3/09 k. 16-k. 17 isig. 6
  • Isiphephelo Sokugcina Semvelo Esengozini

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Isiphephelo Sokugcina Semvelo Esengozini
  • I-Phaphama!—2009
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Imvelo Esengcupheni Yokuqothulwa
  • Usuku Ekuphileni Kovemvane
    I-Phaphama!—1993
  • Izintaba Ziyasongelwa
    I-Phaphama!—2005
  • Izimvemvane, Izitshalo Nezintuthwane—Ubuhlobo Obubalulekile
    I-Phaphama!—2001
  • Okwenza Ukuba Sizidinge Izintaba
    I-Phaphama!—2005
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2009
g 3/09 k. 16-k. 17 isig. 6

Isiphephelo Sokugcina Semvelo Esengozini

NGUMLOBELI WE-PHAPHAMA! ESPAIN

IZIMILA nezilwane kubhekene nokusongelwa okukhulayo emhlabeni wonke. Ososayensi abathile balinganisela ukuthi izinkulungwane zezinto eziphilayo ziphela nyá unyaka ngamunye. Ngenhlanhla, izintaba zokhahlamba ziyisiphephelo esibaluleke kakhulu ezimileni nasezilwaneni ngokuvamile ezazitholakala ezindaweni eziningi. Kodwa ngisho nakulezi zintaba, ukungcola nokuqothulwa okubangelwa abantu kuwusongo olukhulu. Cishe lokhu kubonakala kakhulu eYurophu kunakunoma iyiphi enye indawo, ngoba ingenye yezindawo ezinabantu abaningi emhlabeni.

Ezintabeni zokhahlamba zasePyrenees, ezihlukanisa iFrance neSpain, kunezindawo zombuso zokulondoloza imvelo, eziyisiphephelo ezilwaneni nasezimileni. Kulezi zindawo ezivikelwe, izivakashi zithola ithuba lokubona lokho osekuyisiphephelo sokugcina semvelo esengozini. Ake sihlole kafushane ukuthi zinani lezi zindawo.

Imvelo Esengcupheni Yokuqothulwa

Izimbali. Ezinye zezimbali zasendle ezinhle kakhulu zimila ezindaweni eziphakeme ngamamitha angaphezu kwangu-1 500. Ama-gentian aseqhweni nama-trumpet gentian (1), anamacenjana agqamile aluhlaza okwesibhakabhaka, amila eziqongweni zezintaba lapho kungakhuli zihlahla khona. Phansi emithambekeni yezintaba, phakathi kwezihlahla ze-beech, kunesinindolo sama-lady’s-slipper orchid asengozini (2) asachuma kule ndawo. Amakhulu abathandi bemvelo ayavakasha ezobona lesi sinindolo minyaka yonke, ngakho izisebenzi zakule ndawo zinakekela lezi zimbali amahora angu-14 ngosuku ukuze ziqiniseke ukuthi azonakaliswa futhi azisishulwa.

Izimvemvane. Izimfunda ezingakonakaliswa ezigcwele izimbali zasendle ziyisiphephelo sezimvemvane ezimibalabala. Uvemvane okuthiwa i-apollo (3) olunezimpiko ezinamacashazana abomvu agqamile lundiza phezu kwamakhakhasi. Izimbali ezincane zivakashelwa njalo yizimvemvane eziluhlaza okwesibhakabhaka nezimvemvane okuthiwa i-copper  (4) zohlobo lwama-Lycaenidae. Uvemvane i-painted-lady ne-tortoiseshell zehla zenyuka ezindaweni eziphakeme.

Izilwane. Kwake kwaba nesikhathi lapho iningi lezilwane ezinkulu ezincelisayo eYurophu lalizihambela kulo lonke leli zwekazi. Kodwa eziningi ziye zazingelwa zaze zacishe zaqedwa nyá. Izimpisi, amabhere, indabushe (5) inyathi yaseYurophu, imbuzi okuthiwa i-chamois, nezimbuzi zentaba (6) manje sezitholakala ezintabeni ezimbalwa nje enyakatho ekude. Izilwane ezinhle ezikulezi zindawo zombuso zokuvikela izilwane ePyrenees ziyisikhumbuzo esicacile semvelo eyayigcwele kulezi zintaba. Ezinye izivakashi ezicabangayo zike zizibuze ukuthi liyini ikusasa lalezi ezimbalwa ezisele.

Sinesizathu sokuqiniseka ukuthi uMdali, uJehova, okungezakhe ‘iziqongo zezintaba,’ uyayikhathalela imvelo esezintabeni. (IHubo 95:4) Kwelinye lamahubo, uNkulunkulu uthi: “Zonke izilwane zasendle ezisemahlathini zingezami, izilo eziphezu kwezintaba eziyinkulungwane. Ngizazi kahle zonke izidalwa ezinamaphiko zezintaba.” (IHubo 50:10, 11) Ukukhathalela kukaJehova umhlaba nezidalwa ezikuwo kusinika isizathu sokukholwa ngokuphelele ukuthi akasoze avumela ukuba izilwane ezisezintabeni zinyamalale.

[Umthombo Wesithombe ekhasini 17]

La Cuniacha

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela