Ingabe Lwaklanywa?
Uqhwaku Lwe-squid
◼ Uqhwaku lwenhlanzi okuthiwa i-squid lumangaza ososayensi. Bayazibuza: ‘Kungenzeka kanjani ukuthi into eqine kangaka ibe semzimbeni ongenawo amathambo? Akufanele yini ukungafani kwezakhi zomzimba kubangele ukuhhudleka kwezicubu nobuhlungu?’
Cabanga ngalokhu: Isihloko soqwaku lwe-squid siqinile, kuyilapho umsuka lwalo uthambile. Uqhwaku—olwakhiwa i-chatin, amanzi, namaprotheni—lushintsha isimo salo kancane kancane sisuka kwesithambile siye kwesiqinile ukuze i-squid sikwazi ukulusebenzisa ngaphandle kokulimala noma ukuhhudleka.
UFrank Zok onguprofesa wase-University of California, uthi ukufunda ngoqhwaku lwale nhlanzi “kungase kushintshe indlela onjiniyela abacabanga ngayo ngendlela yokuhlanganisa izinto ezihlukahlukene.” Lokhu kungenziwa nalapho kwakhiwa izitho zokufakelwa. U-Ali Miserez, umcwaningi kuyo le nyuvesi, ucabanga “ngokwakha izitho zokufakelwa ezifuze indlela yokusebenza koqhwaku, ukuze zihambisane nezitho zomzimba nhlangothi zonke, ngokuthile okuqinile kodwa okungazikhuhli izicubu.”
Ucabangani? Ingabe uqhwaku lwe-squid nokushintshashintsha kwesisindo salo esihlokweni kuye emsukeni walo kwenzeka ngengozi? Noma ingabe kwaklanywa?
[Imithombo Yesithombe ekhasini 9]
© Bob Cranston/SeaPics.com
© Richard Herrmann/SeaPics.com