Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 1/09 k. 17
  • Uqhwaku Lomkholwane I-toucan

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Uqhwaku Lomkholwane I-toucan
  • I-Phaphama!—2009
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Uqhwaku Lwe-squid
    I-Phaphama!—2009
  • Uhlu Lokuphakathi
    I-Phaphama!—2009
  • Uqhwaku Lwesivuba
    I-Phaphama!—2010
  • Uhlu Lokuphakathi
    I-Phaphama!—2010
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2009
g 1/09 k. 17

Ingabe Lwaklanywa?

Uqhwaku Lomkholwane I-toucan

◼ Nakuba ungenakhono lokundiza kahle, umkholwane waseMelika Ephakathi neseNingizimu uyagxumagxuma uma uhamba. Ukhala njengexoxo kodwa ezinye izinhlobo zawo zinomsindo omkhulu. Empeleni, ungazwakala ngisho nasebangeni elingangekhilomitha ehlathini. Kodwa mhlawumbe okumangaza ososayensi kakhulu ngomkholwane uqhwaku lwawo.

Ake ucabange: Eminye imikholwane inoqhwaku oluyizingxenye ezimbili kwezintathu zobude bale nyoni. Lubonakala lusinda, kodwa akunjalo. Usosayensi wokwakheka kwezinto uMarc André Meyers uyachaza: “Lwakhiwe nge-keratin, yona kanye esiyithola ezinziphweni nasezinweleni. Empeleni lunezingqimba eziningi ezincane ezinezinhlangothi eziyisithupha, ezimise okwama-tile ophahla.”

Ukwakheka koqhwaku lomkholwane kuye kwafaniswa nesiponji esiqinile. Ezinye izingxenye zalo azinalutho ngaphakathi, kanti ezinye zinethambo nemisipha. Umphumela uba uqhwaku olungasindi kodwa oluqinile. UMeyers uthi: “Kunjengokungathi umkholwane unolwazi olunzulu lobunjiniyela bezemishini.”

Ukwakheka koqhwaku lomkholwane kusiza le nyoni ukuba ingalimali lapho ishayiseka. Ososayensi bakholelwa ukuthi lolu qhwaku lungaba isibonelo konjiniyela bemboni yezindiza nezimoto. UMeyers uthi: “Izinsimbi ezenziwe njengoqhwaku lomkholwane zingase zibavikele kangcono abashayeli abahileleka ezingozini.”

Wena ucabangani? Ingabe uqhwaku lomkholwane oluqinile kodwa olungasindi lwavela ngengozi? Noma ingabe lwaklanywa?

[Umdwebo/Isithombe ekhasini 17]

(Ukuze ubone ukuthi indaba ihlelwe kanjani, bheka encwadini)

Ingaphakathi elingenalutho

Ingxenye enjengesponji

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela