Abafundi Abacindezelekile
UJENNIFER oneminyaka engu-17 wayelokhu ephakathi kwabaphuma ngamalengiso ekilasini. Wayehileleke nakweminye imisebenzi eyenziwa ngemva kwesikole futhi othisha nabeluleki bakhe babemhlonipha. Kodwa ngonyaka owandulela ukuphothula kwakhe, waqala ukuphathwa ikhanda elingapheli nokucanuzelelwa yinhliziyo njalo. Unomuzwa wokuthi ukugxila kakhulu emsebenzini wakhe wesikole nokungalali ngokwanele yikho okwakumgulisa.
UJennifer akayedwa. Kubonakala landa inani labafundi abacindezeleke kakhulu esikoleni, abanye baze badinge usizo lodokotela bengqondo. Ngenxa yalokho, iqembu elithile lothisha baseMelika lisungule uhlelo lokunciphisa izinga lokucindezeleka okukhulu okusezikoleni. Lolu hlelo kuthiwa i-Challenge Success.
Uma ungumfundi, kungenzeka ukuthi ubhekene nokucindezeleka okufanayo nokukaJennifer. Noma, uma ungumzali, kungenzeka uyakubona ukucindezelwa okungapheli indodana noma indodakazi yakho ebhekene nakho ukuze iphumelele esikoleni. Ingabe ukhona umthombo wesiqondiso esiphumelelayo abafundi nabazali babo abangathola kuwo usizo?