Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 7/11 k. 21
  • “Siyabonga Ngalolu Chungechunge!”

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • “Siyabonga Ngalolu Chungechunge!”
  • I-Phaphama!—2011
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Abafundi Abacindezelekile
    I-Phaphama!—2009
  • Basha—UJehova Ngeke Awukhohlwe Umsebenzi Wenu!
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2003
  • Uprofesa Wezezimali Uchaza Ngokholo Lwakhe
    I-Phaphama!—2014
  • Yini Engingayenza Uma Ngicindezelekile?
    Intsha Iyabuza
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2011
g 7/11 k. 21

“Siyabonga Ngalolu Chungechunge!”

● Kuwo wonke umhlaba abantu balujabulele uchungechunge lwezihloko ezithi “Ukubukeza Komkhaya” eziba sekhasini 30 no-31 kumagazini we-Phaphama! Imidwebo nemibuzo okuxoxwa ngayo, amakhasi eBhayibheli asikwayo abese ebekwa, izithombe ezifunwa yizingane nokungase kwenziwe umkhaya, kuyafundisa futhi kuwujabulisa wonke umkhaya. Ake ucabange ngalokho okushiwo abanye:

“Ngifunda iBhayibheli ngeposi nabazukulu bami ababili abaneminyaka engu-12. Ngisebenzisa isihloko esithi ‘Ukubukeza Komkhaya,’ ngiyabacela ukuba babhale izimpendulo zabo bese bengithumelela zona. Babonakala besijabulela kakhulu abazukulu bami isifundo sethu, futhi ukubhalelana kwethu kwenza ngikwazi ukuwachaza kahle amaphuzu. Nginibonga kakhulu ngalolu chungechunge!”

V. C., United States.

“Muva nje, lapho indodana yami eneminyaka eyisihlanu isiyolala, ingicele ukuba sihlole ingxenye ethi ‘Yini Engalungile Ngalesi Sithombe?’ Ngayithola eyodwa, sabe sesiqala ukuxoxa ngesithombe. Yalalelisisa njengoba ngifunda ukulandisa kweBhayibheli. Manje, cishe njalo kusihlwa ifuna sihlole le ngxenye. Mina nomkhaya wami sinibonga ngokusuka enhliziyweni ngokusiza izingane zethu ukuba zithole injabulo eBhayibhelini.”

M. F., France.

“Ngahlangana noDavid oneminyaka engu-12, noJennifer oneminyaka eyisithupha, esitobhini sebhasi. Ubaba wabo wabona ukuthi nginika abagibeli i-Phaphama!, ngakho wabayeka beza kimi saxoxa. Njengoba ubaba nendodana beqala ukufunda omagazini, mina noJennifer osemncane sajabulela ukuhlola imifanekiso emihle nezithombe zezinyoni nezilwane. Sakhuluma ngazo zonke izinto ezinhle uJehova uNkulunkulu asenzele zona ukuze sijabule. Lapho sifika ekhasini 31, sazama ukuhlola ingxenye ethi ‘Izingane Zifuna Izithombe.’ Njengoba ngangizama ukuthola esokuqala, uJennifer waphenya amakhasi ngokushesha futhi wasithola ngemizuzwana nje. Sazama ukuthola esesibili nesesithathu, nakulokhu futhi waba ngowokuqala ukuzithola. Empeleni, uJennifer waqhubeka efuna izithombe nakwabanye omagazini abayishumi! Ekugcineni, wacela amanye amakhophi amabili ukuze awanike uyise nomfowabo. Lapho sihlukana, bobathathu babonisa ukubonga okukhulu ngalokho ababekufundile.”

M. C., Ecuador.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela