IBucharest—Idolobha Elinezinhlangothi Ezimbili
NGUMLOBELI WE-PHAPHAMA! EROMANIA
UMA uqala ukufika eBucharest ubona sengathi yonke indawo inesakhiwo esisodwa esivelele—iSigodlo SasePhalamende (1), esasaziwa ngokuthi iNdlu Yesizwe ngezikhathi zamaKhomanisi. Lesi sakhiwo esingenamicikilisho, esiphakathi kwezinkulu kunazo zonke emhlabeni, singesinye sezakhiwo ezikhanga izivakashi kakhulu kuleli dolobha.
Ngandlela-thile lesi sakhiwo sasephalamende simelela uhlangothi lwesimanje lweBucharest. Kodwa abantu bendawo banemizwa ehlukahlukene ngalesi sakhiwo esikhulu. Izakhamuzi zithemba ukuthi izivakashi zizokhangwa nawolunye uhlangothi lwaleli dolobha—izakhiwo zalo ezinhle zasendulo.
Inhloko-dolobha Yasendulo
Ngo-1862, iBucharest yakhethwa njengenhloko-dolohba yezwe laseRomania. Phakathi nengxenye yesibili yekhulu le-19, leli dolobha lakhula ngokushesha. Kwaqhibuka izakhiwo zomphakathi ezinkulu kodwa ezinhle ezaklanywa abakhi baseFrance ezisemigwaqweni ephahlwe yizihlahla. Ngenxa yamapaki amaningi aseBucharest, izingadi nezinkundla, yagcina isibizwa ngokuthi idolobha eliyingadi. IBucharest yayiphakathi kwamadolobha okuqala emhlabeni ayenezibani zasemgwaqweni ezikhanyiswa ngamafutha. Ngo-1935 kwakhiwa iKhothamo Lokunqoba (2), elethiwa nge-Arc de Triomphe eChamps-Élysées eParis, eKiseleff Avenue enhle. Kungenzeka ubuhle baleli dolobha benza umFulentshi othile wazizwa esekhaya. Empeleni, iBucharest yaze yethiwa ngokuthi iParis Encane yaseMpumalanga.
Ngemva kweMpi Yezwe II, iBucharest, eyayibuswa amaKhomanisi, yashintsha kakhulu. Cishe ingxenye eyodwa kwezintathu zenkaba yedolobha, enezakhiwo eziningi zasendulo eziyisikhumbuzo, yadilizwa ukuze kwakhiwe amafulethi. Ngo-1960 no-1961 kuphela, kwakhiwa amafulethi angaba ngu-23 000. Ngo-1980, kwaqalwa uhlelo lokwakha iNdlu Yesizwe. Ekugcineni yafakwa amakhulukhulu ezibani nesikhoselo sokucashela amabhomu esingamamitha angu-90 ngaphansi komhlaba. Njengoba lesi sakhiwo sinendawo engaphezu kwamamitha-skwele angu-360 000, izitezi ezingu-12 kanye namagumbi angu-1 100, sisiphinda kathathu iSigodlo SaseVersailles eFrance. Kwadilizwa izakhiwo engxenyeni enkulu yedolobha lasendulo ukuze kwakhiwe lesi sigodlo nomgwaqo omkhulu—ongaphezu kweChamps-Élysées ngobubanzi—odlula phambi kwesango elikhulu. Kulabo ababeyazi ukuthi iBucharest yayinjani ngaphambili, cishe leli dolobha lashintsha ngokuphelele.
Kubantu abaningi bendawo, lesi sigodlo esikhulu siyisikhumbuzo esibi salowo owasakha—umashiqela ongasekho uNicolae Ceauşescu. Eshukunyiswa isifiso sokuzakhela isikhumbuzo, waqasha abaklami abangaba ngu-700, kanye namashumi ezinkulungwane zezisebenzi ezasebenza ngokuzikhandla kulo msebenzi owawuhlukaniswe ngamashifu amathathu anganqamuki. Lapho umbuso wakhe uwa ngo-1989, lesi sakhiwo sasingakapheli, nakuba ngaleso sikhathi sase sidle ama-dollar angaphezu kwezinkulungwane eziyisigidi.
Olunye Uhlangothi Lwaleli Dolobha
Uhlangothi oluhluke ngokuphelele lwaleli dolobha lungabonakala engxenyeni yalo endala esekhona. Lapho, usengabona izakhiwo ezinhle ezithandekayo zeBucharest yasendulo. Kanti eVillage Museum (3)—engomunye weminyuziyamu eminingi—ungabona amasiko ahlukahlukene abantu basemaphandleni eRomania. Epaki elithule elibheke echibini, kunemizi yezisebenzi engaphezu kwengu-50 nezinye izakhiwo ezathathwa kulo lonke elaseRomania, zahlanganiswa ngokuciphelela ukuze kube naleli qoqo elithakazelisayo. Umuzi ngamunye ungumnyuziyamu, obonisa amathuluzi, amakhono nesimo sasekhaya saseRomania esihluke ngokuphelele kulokho iBucharest eyikho namuhla.
Kunomahluko omncane kakhulu phakathi kwengxenye yedolobha yasendulo neyesimanje. Akuyona into engavamile ukubona imizi eyakhelene yangezikhathi zomlando ezihluke ngokuphelele (4). Ngakho, lezi zinhlangothi ezimbili zeBucharest zisatholakala ndawonye—edolobheni eliqukethe kokubili okwasendulo nokwanamuhla.
[Izithombe ekhasini 10]
1 iSigodlo SasePhalamende
2 iKhothamo Lokunqoba
3 eVillage Museum
4 Imizi eyakhelene yangezikhathi zomlando ezihluke ngokuphelele
[Umthombo]
© Sari Gustafsson/hehkuva/age fotostock