Imihlangano YaseRomania Yaqhutshwa Naphezu Kokuphikiswa
KWAKUHLELWE uMhlangano Wezizwe “Wezithunywa Zokuthula KukaNkulunkulu” WoFakazi BakaJehova eBucharest, eRomania, kusukeka ngo-July 19 kuya ku-21, 1996. Izihambeli ezingaba ngu-40 000, kuhlanganise nezinkulungwane ezivela emazweni angaphandle, zazihlele ukuvakashela lenhloko-dolobha enhle eYurophu enabantu abayizigidi ezimbili. Lesi senzakalo sasizoba seNational Stadium, enendawo yokuhlala abantu abangu-60 000. Kodwa-ke, ngo-June 24, izikhulu ezikhohlisiwe zaseRomania zenqaba ukuba uqhutshwe lomhlangano.
OFakazi BakaJehova bazama ngamandla ukuba umhlangano wabo unganqatshelwa, kodwa kwaba nhlanga zimuka nomoya. Ngakho-ke, kwadingeka ukuba kushintshwe amalungiselelo ukuze izihambeli zangaphandle eziyizinkulungwane ezazimenyiwe zivela emazweni amaningana aseYurophu, eNyakatho Melika naseJapane zikwazi ukuya emhlanganweni eBudapest, eHungary, kusukela ngo-July 12 kuya ku-14. Lolu shintsho oluyisigubhukane lwabangela izindleko ezinkulu, ukuphazamiseka nokudumala kwabaningi.
Kodwa yini eyayingahlelelwa izihambeli zendawo zaseRomania? Kwathintwa izikhulu zamadolobha aseCluj-Napoca naseBrasov, futhi ekugcineni imihlangano yaqhutshelwa khona, kusukela ngo-July 19 kuya ku-21. Nokho, abantu abaningi baseRomania abakwazanga ukufika eCluj-Napoca noma eBrasov. Ngakho-ke, kwaqhutshwa eminye imihlangano emibili ngo-September 13 kuya ku-15, omunye eBaia-Mare kanti omunye eBucharest.
Kungani wenqatshelwa umhlangano owawuhlelelwe ukuba seBucharest ekuqaleni? Futhi yini eyashukumisela ezinye izikhulu ukuba zishintshe umbono wazo, okwenza ukuba imihlangano iqhutshwe eRomania, kuhlanganise nomunye eBucharest?
Ubani Owashoshozela Lokhu Kuphikiswa?
Phakathi nomhlangano wezizwe eBudapest, iphephandaba laseHungary i-Színes Vasárnap laphawula lokhu ngoFakazi BakaJehova: “Ekuqaleni babehlele ukuwuqhubela eBucharest umhlangano wabo wezizwe waminyaka yonke, kodwa ngenxa yokuphikisa kwamaKristu angama-Orthodox, izikhulu zaseRomania azizange zibanikeze oFakazi BakaJehova imvume yokwenza kanjalo.” Ukuthi isonto yilona elashoshozela lokhu kuphikiswa kwaziwa kabanzi. Ngokwesibonelo, iphephandaba lase-Albany, eNew York, e-U.S.A., i-Times Union, labika: “UMbhishobhi wama-Orthodox uTeoctist waxwayisa amakholwa angama-Orthodox ukuba aqaphele lokho akubiza ngokuthi izinkolelo zoFakazi BakaJehova ‘zokuhlubuka.’”
Ingabe yayiyiqiniso imibiko ethi abefundisi babemelene nalomhlangano? Ngo-June, kulo lonke idolobha—esontweni, ezindongeni zezakhiwo, nasemizileni engaphansi komhlaba—izakhamuzi zaseBucharest zaqala ukubona amabhodi ayenyundela oFakazi BakaJehova. Elinye elalinesihloko esithi “KUBO BONKE ABASEROMANIA!” labuza: “Ingabe iRomania iyawudinga umhlangano wezizwe wabalandeli bakaJehova . . . ngo-July 19-21? MaKristu—masimelaneni nalomhlangano wobuSathane!”
Elinye, elalinesihloko esithi “Qaphelani INGOZI YABALANDELI BAKAJEHOVA!” lagomela: “OFakazi BakaJehova balwa nobuKristu . . . Bafuna ukuhlukanisa abantu bethu futhi babangele izingxabano ezingokwenkolo. . . . NINA NONKE BASEROMANIA, melanani nalomhlangano!”
Elinye futhi lalinesihloko esithi “ISIMEMO SOKUTHATHA ISINYATHELO.” Lalithi: “Ubuzalwane Bama-Orthodox AseRomania . . . bumemela wonke amakholwa angama-Orthodox emhlanganweni wokubhikisha, ozoqhutshwa ngeSonto, ngo-June 30.” Leli bhodi laphetha: “Sizocela iziphathimandla ukuba zinqabele lomhlangano. YIZANI UKUZE SIVIKELE UKHOLO LOKHOKHO BETHU. Kwangathi uNkulunkulu angasisiza!”
Abefundisi banyathelisa futhi basakaza ngisho nepheshana elalithi oFakazi BakaJehova “bayinhlangano yezombangazwe eyihlelo lobukhomanisi.” Kodwa lawa futhi amanga aluhlaza, futhi mhlawumbe abantu abaningi baseRomania bayakuqaphela lokho. Bayazi ukuthi oFakazi BakaJehova bashushiswa futhi ngokuvamile baboshwa amaKhomanisi eminyakeni edlule.
Indlela Imizwa Yabantu Eyathinteka Ngayo
Abantu ngaphakathi nangaphandle kweRomania ngokushesha bamelana nokuhlasela okushoshozelwe isonto, futhi izikhulu zikahulumeni zabona ukuthi ukunikeza oFakazi amalungelo ajatshulelwa abanye kwakufanele. I-Flagrant, iphephandaba laseBucharest, yabikezela: “Igagasi lobutha, inzondo nokunengeka ngalomhlangano wokuqala wezizwe liyoba nomphumela ophambene. Kunokuba senze abantu baxwaye oFakazi, lesi sinyathelo siyovusa isithakazelo sabo, ilukuluku lokufuna ukwazi, ukubekezela nozwela.”
Yeka ukuthi lesi simemezelo saba iqiniso kanjani! Amalungu amaningi eSonto Lobu-Orthodox abhala noma ashayela ucingo ehhovisi legatsha loFakazi BakaJehova eBucharest futhi azwakalisa ukunengeka ngezenzo zabefundisi bawo. Abantu abanolwazi bayazi ukuthi oFakazi BakaJehova abakona neze lokho iSonto Lobu-Orthodox eRomania elathi bayikho.
UMarius Milla, ebhala ephephandabeni laseRomania i-Timishoara ka-July 6, 1996, waphawula: “Ngiyaqiniseka ukuthi amaphesenti angu-99 alabo abamangalela abalandeli bakaJehova ngentshiseko kangaka ayengenasithakazelo esanele sokuba axoxe nabo noma aye komunye wemihlangano yabo.” Wanezela: “Bekuyokwakha kakhulu ukube thina, makholwa angama-Orthodox, besingakhathazeka kakhulu ngomshayo osesweni lethu futhi siyekele umucu wotshani esweni likamakhelwane ekwahluleleni kukaNkulunkulu okungcono.”—Mathewu 7:3-5.
Khona-ke uMnu. Milla wacaphuna inkulumo eyanikezwa ummeli odumile wekhulu lokuqala uGamaliyeli kubaholi benkolo ababephikisa abalandeli bakaJesu: “Ningabaphazamisi lababantu, kodwa bayekeni; (ngoba, uma leliqhinga noma lomsebenzi uvela kubantu, uyogumbuqelwa; kodwa uma uvela kuNkulunkulu, ngeke nikwazi ukubagumbuqela;) uma kungenjalo, mhlawumbe, ningatholakala empeleni ningabantu abalwa noNkulunkulu.” (IzEnzo 5:38, 39) Esiphethweni, uMilla wabhala: “Isimo sethu sengqondo simelene nokubusa ngentando yeningi, asivumelani neBhayibheli, futhi simelene nezenhlalo.”
Ngokushesha, ukugxekwa kokuvinjelwa kwalomhlangano kwafika kuvela kwezinye izingxenye zaseYurophu nase-United States. I-Romanian Helsinki Committee yakhipha umbiko wezindaba owawulahla “ukuma okusobala okwathathwa uMbhishobh’uTeoctist, ummeleli weSonto Lobu-Orthodox laseRomania, ngokumelene ‘noFakazi BakaJehova.’”
UHillary Clinton, umkamongameli wase-United States, wavakashela eRomania ngaleso sikhathi. Inxusa lase-United States eRomania, u-Alfred Moses, lachaza ukuthi kungani engangenanga eSontweni LaseKretzulescu lekhulu le-18 njengoba ayehlele kanjalo: “Inkululeko engokwenkolo iyisimiso esisekelwa uMthetho-sisekelo wase-United States of America, kanye noMthetho-sisekelo waseRomania. Ukuba khona kwamabhodi abonisa ukuntula ukubekezela okungokwenkolo endaweni yesonto kwakungavumelani nomoya wokubusa ngentando yeningi osekelwa uwonk’uwonke nezinjongo zokuvakashela kukaNkk. Clinton eRomania.”
UbuFakazi Bokusekelwa UNkulunkulu
OFakazi BakaJehova babeke baqhuba imihlangano edolobheni laseCluj-Napoca ngaphambili, futhi izikhulu zakhona zaphinde zabamukela lapho benqatshelwa ukusebenzisa iNational Stadium eBucharest. Kodwa kwakusele isonto elilodwa kuphela ngaphambi kokuqala komhlangano lapho kusayinwa isivumelwano senkundla yemidlalo eCluj-Napoca. Intatheli ethile yafuna ukwazi: “Kwenzeka kanjani ukuhlela umhlangano omkhulu kangaka ngesikhathi esifushane kangaka?”
Yatshelwa: “Siyinhlangano enobunye. Sikujwayele ukuqhuba imihlangano. Kodwa ngaphezu kwakho konke, uJehova uNkulunkulu wethu uyasisekela.”
Ngempela, usizo nokusekela kukaJehova okwenza ukuba kufezwe okuningi kangaka ngesikhathi esifushane kangaka. Cabanga abantu abangaphezu kuka-20 000 bebuthana ndawonye izinsuku ezintathu ngesikhathi esifushane kangaka! Inani eliphakeme lababekhona lalingu-22 004, futhi kwabhapathizwa abangu-799. Iphephandaba i-Adevărul de Cluj labika ngemva komhlangano: “Umbono laba bantu abawunikezayo ukuthi bahlala bemomotheka nokuthi konke abakwenzayo bakwenza ngomphefumulo wonke. Ubunye babo babuhlaba umxhwele . . . Babonisa ukuhleleka okuyisibonelo endleleni abaziphatha ngayo futhi babehlanzeke ngendlela engavamile.”
Okwenzeka eBrasov kwakuhlaba umxhwele nakakhulu, njengoba imvume yokuqhuba umhlangano yatholakala ezinsukwini ezimbalwa nje ngaphambi kokuba kuqale umhlangano! Nokho, kwatholakala indawo yokulalisa abantu abangu-7500 emakhaya abantu. Lapho omunye uFakazi ecela omakhelwane bakhe, balalisa izihambeli zomhlangano ezingu-30. Kanti ibandla elithile loFakazi eBrasov lamukela izihambeli ezingu-500. Ezinye izihambeli zalaliswa ematendeni eduze namabala omhlangano; futhi lapho lina, abantu abanomoya wokungenisa izihambi ezakhiweni zokuhlala eziseduze beza futhi babamemela ezindlini zabo.—Qhathanisa nezEnzo 28:2.
Umsebenzi woFakazi BakaJehova uvinjelwe eBulgaria ephethwe ubu-Orthodox, esemngceleni waseRomania ongaseningizimu. Lapho amabhasi oFakazi baseBulgaria elibangise eBucharest, ezinye izikhulu ezisesha emngceleni cishe zase zazi kakade ngokushintshwa kwezindawo zomhlangano. EBrasov abantu baseBulgaria abangu-1056 bajabulela isimiso esiphelele ngolimi lwabo. Sebebonke, abangu-12 862 babekhona emhlanganweni eBrasov, kanti kwabhapathizwa abangu-832—abangu-66 kubo babevela eBulgaria.
Ngo-September kwahlelwa imihlangano emincane eBaia-Mare naseBucharest yalabo abangakwazanga ukufinyelela eCluj-Napoca naseBrasov. Kwakunenani elihlangene labangu-5340 kulemihlangano eminye emibili, futhi kwabhapathizwa abangu-48. Ngakho emihlanganweni yehlobo elidlule ‘Yezithunywa Zokuthula KukaNkulunkulu’ eRomania, kwakukhona ingqikithi yabangu-40 206 futhi kwabhapathizwa abangu-1679. Ngokuqinisekile, isibusiso sikaJehova sikulabo abazama ukumkhonza eRomania!
Ummeleli woFakazi BakaJehova eBucharest waphawula: “Emasontweni amathathu, sathola ukwaziwa kabanzi okulingana neminyaka eminingi yokushumayela kulo lonke izwe. Lokho iSonto Lobu-Orthodox laseRomania elalicabanga ukuthi kwakuzosithiya eqinisweni kwabonakala kuqhubekisela phambili izindaba ezinhle.”
[Isithombe ekhasini 24]
IBucharest iyidolobha elihle lesimanje
[Izithombe ekhasini 25]
Amabhodi ayenyundela oFakazi BakaJehova
[Isithombe ekhasini 26]
Ababezobhapathizwa eBucharest
[Isithombe ekhasini 26]
EBrasov, lapho imvume yokuqhuba umhlangano yatholakala khona ezinsukwini ezimbalwa nje kusengaphambili
[Isithombe ekhasini 26]
Inani eliphakeme labangu-22 004 emhlanganweni eCluj-Napoca