Ingabe Laklanywa?
Iqabunga Le-lotus Elingangeni Manzi
◼ Izinkomishi zepulasitiki ezizihlanzayo? Amafasitela ahlala omile noma lina? Imishini emincane esebenza ngaphandle kokukhuhlana kwezinsimbi? Ososayensi bathi lezi ezinye zezinzuzo ezimbalwa nje esingazithola uma singakwazi ukuvumbulula izimfihlo zeqabunga le-lotus.
Ake ucabange: Iqabunga le-lotus linamaqhutshana ambozwe izinhlayiyana zenomfi. Amaconsi amanzi awela kuleli qabunga abanjwa yila mathumbu, angangeni manzi. Ukwakheka kweqabunga kwenza amanzi ageleze ngaphambi kokuba afinyelele eqabungeni ngokwalo. Uba yini umphumela? Iqabunga le-lotus alihlali lomile nje kuphela kodwa futhi lihlala lihlanzekile, ngoba ukungcola nothuli kuhamba namaconsi amanzi.
Ososayensi bafuna ukwenza izinto ezifana neqabunga le-lotus, ezingangeni manzi. Ngisho nemishini emincane, elimalayo uma ingenwa amanzi, ingazuza emklamweni onjengowaleli qabunga. “Izinto lokhu okungasetshenziswa kuzo azinamkhawulo,” kubika i-Science Daily.
Wena ucabangani? Ingabe iqabunga le-lotus laba khona ngengozi? Noma ingabe laklanywa?