Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 5/09 k. 3
  • Ukuguduza Ekhabetheni Lemithi

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukuguduza Ekhabetheni Lemithi
  • I-Phaphama!—2009
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukusebenzisa Kahle Imithi Kadokotela Nokuyisebenzisa Kabi
    I-Phaphama!—2009
  • Izidakamizwa—Ubani Ozidlayo?
    I-Phaphama!—2001
  • Sebenzisa Imithi Ngokuhlakanipha
    I-Phaphama!—1996
  • Ingabe Inkinga Yezidakamizwa Inganqotshwa?
    I-Phaphama!—1999
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2009
g 5/09 k. 3

Ukuguduza Ekhabetheni Lemithi

“NGAQALA ukuphuza imithi kadokotela lapho ngineminyaka engu-14 ubudala,” kusho owesifazane okuthiwa uLena.a “Nganginomuzwa wokuthi kufanele nginciphe futhi ngibe muhle, ngakho udokotela womkhaya wanginika amaphilisi okunciphisa umzimba. Okuwukuphela kwesikhathi lapho ngangizizwa ngijabule khona kwakuyilapho kubonakala sengathi abafana bayangithanda. Ekugcineni, ngadlulela ezidakamizweni eziluthayo nasekuphileni kokuziphatha okubi okuhambisana nazo. Njalo ngangifuna ukudakwa kakhulu ngangokunokwenzeka.”

Owesifazane okuthiwa uMyra wayehlushwa ikhanda, ngakho udokotela wakhe wamnika isiqeda-nhlungu. Ngokuhamba kwesikhathi, waqala ukudla amaphilisi engeziwe—hhayi nje ngenxa yekhanda kodwa ukuze anelise nenkinga yakhe yokuqaleka eyayikhula. Ngaphezu kwalokho, waqala ukudla namaphilisi amanye amalungu omkhaya.

Yebo, imibiko ibonisa ukuthi kuyamangalisa ukuthi liyanda inani lentsha nelabantu abadala abasebenzisa kabi imithi kadokotela bezama ukuzola, ukubhekana nokukhathazeka, ukuhlala bephapheme, ukunciphisa umzimba noma ukuze badakwe. Eminye yemithi esetshenziswa kabi kakhulu yileyo etholakala emizini eminingi: iziqeda-nhlungu, amaphilisi okulala nemithi enika amandla.b Imikhiqizo esetshenziswa kabi ihlanganisa nemithi abantu abazithengela yona njengamaphilisi okulala, imithi eqeda ukucinana namaphilisi okwelapha izinto ezixabana nomzimba.

Le nkinga yandile futhi iyakhula. Ngokwesibonelo, ezingxenyeni ezithile ze-Afrika, eYurophu naseNingizimu Asia, ukusetshenziswa kabi kwemithi kadokotela kudlula ukusetshenziswa kwezidakamizwa ezingekho emthethweni. E-United States, ukusetshenziswa kabi kwemithi kadokotela kudlula ukusetshenziswa cishe kwayo yonke imikhiqizo engekho emthethweni ngaphandle kwensangu. Ngokombiko wamuva nje wephephandaba, kunezingane eziningi ezineminyaka engu-12 kuya kwengu-17 “ezisebenzisa kabi imithi kadokotela kune-cocaine, i-heroin kanye nama-methamphetamine kuhlangene.” Empeleni, le mithi ifuneka kakhulu kangangokuba sekuvele imboni eyenza imithi yomgunyathi.

Ungazivikela kanjani wena nezingane zakho ekusebenziseni kabi imithi kadokotela noma engekho emthethweni? Izihloko ezilandelayo zihlola le mibuzo.

[Imibhalo yaphansi]

a Amagama kulolu chungechunge ashintshiwe.

b Izimiso eziningi okuxoxwa ngazo kulezi zihloko ziyakuthinta nokusebenzisa izidakamizwa ezingekho emthethweni nokuphuza ngokweqile.

[Amazwi ahambisana nesithombe ekhasini 3]

“Ukuluthwa yizidakamizwa kubonakala ngokuziqalekela, ukuzisebenzisela izinjongo ezingezona ezokwelapha nokuqhubeka komuntu ezisebenzisa nakuba zimlimaza noma zimfaka engozini,” kusho i-Physicians’ Desk Reference. Ukulutheka kuhambisana nokuntuleka kokuzilawula nokusithanda kakhulu leso sidakamizwa.

Ukuphila ngomuthi kubonakala lapho iziguli ziba nezimpawu zokuqaleka lapho ziyeka ukusebenzisa umuthi othile kadokotela, njenge-opioid. Lokhu kuyinto evamile futhi akufani nokuba umlutha.

Ukungazweli komzimba kubhekisela esidingweni sokuphuza isilinganiso esengeziwe somuthi ukuze izinhlungu zidambe ngezinga elifanayo.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela