Izingane Ezicindezelekile
◼ “Angisitholanga isikhathi. Ngikhathele,” kusho uPablo, umfanyana oneminyaka engu-8 kuthisha, lapho embuza ngomsebenzi wakhe wesikole. Njengalo mfanyana waseSpain owayebonakala ozela, izingane eziningi ziba nezinsuku ezinde ezikhandlayo ezingaba ngamahora angu-12 noma ngaphezulu zokufunda nokubhala imisebenzi yesikole yasekhaya. Kungani kunjalo?
Abanye abazali babhalisa izingane zabo kwezinye izinto ezenziwa ngemva kwesikole ukuze zihlale zimatasa kuze kufike umama noma ubaba ekhaya. Abanye bacindezela izingane zabo ukuba ziphile ngesimiso esicindezelayo ngoba befuna ukuba ziphume phambili esikoleni noma ziphishekele umkhakha othile. Ukuze bafeze lokhu, abazali abaningi eNingizimu Korea bathumela izingane zabo “ezikoleni ezinzima,” lapho zifunda khona ngokuzikhandla, ngezinye izikhathi kusukela ngo-7:30 ekuseni kuze kube phakathi kwamabili noma ngemva kwalokho zonke izinsuku zesonto. Umbiko we-New York Time uthi: “‘Bakulwela’ kanzima ukuba izingane zabo zamukelwe emayunivesithi aphambili.”
Iphephandaba lamasonto onke laseSpain i-Mujer hoy lithi: “‘Abazali abafuna okukhulu’ bazifunela okungcono izingane zabo, kodwa bafuna ukuba zizikhandle kakhulu.” Ukuze zifinyelele lokho okufunwa abazali bazo, izingane zingase zizikhandle ngokwengeziwe, okungazenza zicindezeleke kakhulu. U-Antonio Cano, umongameli we-Spanish Society for the Study of Anxiety and Stress, uthi: “Ngokwalokho esikubonile, izingane zithweswa okungaphezu kwamandla azo.” Ngokwesinye isazi, izingane zaseSpain ezingamaphesenti angu-40 ezineminyaka engaphansi kwengu-15 zihlushwa ukucindezeleka. Ukucindezeleka okunjalo kungaba umthwalo omkhulu, mhlawumbe kuze kuholele ekuzibulaleni. Ngokwesibonelo, i-New York Times ithi eNingizimu Korea, “phakathi kwentsha eneminyaka eyishumi kuya kwengu-19, ukuzibulala kuyimbangela yesibili evamile yokufa, ngemva kwezingozi zemigwaqo.”
Kuyiqiniso ukuthi intsha kufanele izikhandle esikoleni, nokuthi abazali kufanele bayisize ngakho konke okusemandleni abo ngoba leyo minyaka ngeke iphinde ibuye. Kodwa u-Irene Arrimadas onguthisha uthi, “abantwana ababona abantu abadala. Abakwazi ukubekezelela izinsuku ezikhathazayo.” Abazali abanothando abakubonayo lokhu, bayaqiniseka ukuthi izingane zabo zithola isikhathi esanele sokuphumula nokuzijabulisa nomkhaya. Iveza isidingo sokulinganisela, iNkosi uSolomoni yabhala: “Kungcono ukuphumula okuncane kunomsebenzi onzima omningi nokulwela ukufica umoya.”—UmShumayeli 4:6.a
[Umbhalo waphansi]
a Ukuze uthole incazelo eningiliziwe yezingcindezi izingane eziningi ezibhekana nazo, bheka izihloko eziwuchungechunge ezithi “Ukucindezelwa Esikoleni Nangaphandle,” kuyi-Phaphama! ka-April 2009.