Ukhozi Okuthiwa I-harpy—Umzingeli Wasemahlathini Emvula
NGUMLOBELI WE-PHAPHAMA! E-ECUADOR
◼ Kumelwe ukuba abahloli bamazwe bokuqala abafika eNingizimu Melika bamangala lapho bebona le nyoni enkulu. Bahlabeka umxhwele kangangokuba bayetha ngesilo esesabekayo sasenganekwaneni yamaGreki esinomzimba oyinhlanganisela yenyoni nowesifazane—u-harpy.
Namuhla ukubukeka okuphawulekayo kokhozi okuthiwa i-harpy kusabamangalisa abantu. Njengoba ingamasentimitha angu-91 ukuphakama namaphiko angaba amamitha amabili uma iwavulile, le nyoni yasemahlathini emvula aseMelika Ephakathi neseNingizimu ingolunye lwezinkozi ezinkulu nezinamandla kakhulu emhlabeni. Izinsikazi zinkudlwana futhi zinesisindo esingaba amakhilogremu angu-9.
Ngokuvumelana nobukhulu bazo, lezi zinkozi zinezinzipho eziqinile ezingaba amasentimitha angu-13 ubude, ezibuphinda kabili ubude bezinzipho zenkwazi. Ngaphezu kwalokho, ngokwe-National Geographic Today, izinzipho zokhozi okuthiwa i-harpy ziqine kangangokuba zingaphula “amathambo e-sloth, izinkawu nezinye izilwane lolu khozi oluzihlwitha phezulu ezihlahleni ehlathini, ngokuvamile luzibulale ngokuphazima kweso.” Nokho, naphezu kobukhulu balo nezinzipho ezinamandla, ukhozi okuthiwa i-harpy lundiza buthule kangangokuba ungase ungaluboni ngisho nalapho ludlula phezulu.
Inyoni Esengozini
Nakuba kungafanele ukuba abantu balwesabe lolu khozi, kodwa luyabesabisa. Ukuluzingela ngokungemthetho nokuqothulwa kwamahlathi oluhlala kuwo kulwenze lwaba sengcupheni, futhi manje sekuyethukela ulubona endle. Emzamweni wokulusindisa, izwe lasePanama lalubiza ngokuthi inyoni yezwe, futhi abazingeli abangekho emthethweni bathola isigwebo esinzima uma beboshwa.
Kwenziwa imizamo yokusindisa lolu khozi nase-Ecuador. Lapho exoxa ne-Phaphama!, udokotela wezilwane uDkt. Yara Pesantes waseGuayaquil Historic Park wachaza ukuthi lezi zinkozi azikwazi ukuzalela zingakabi neminyaka emine noma emihlanu ubudala. Nalapho futhi, zizalela njalo ngemva kweminyaka emibili, kanti izinsikazi zibekela iqanda elilodwa noma amabili kuphela ngesikhathi. Izinga eliphansi lokuzalela lenza ukuzivikela kube yinselele. Kodwa uDkt. Pesantes uthi uhlelo lwakuleli paki lokuzivalela ukuze zizalele seluveze iphuphu eliphilile.
Kodwa ngokushesha ukuvikelwa kwalezi zinkozi ngeke kusaba inkinga. Ngani? UMdali, uJehova uNkulunkulu, uzoqondisa izindaba zomhlaba futhi abonise ngaphandle kokungabaza ukuthi akawudalelanga ize umhlaba wethu nezilwane ezikuwo ezimangalisayo.—IHubo 104:5; Isaya 45:18.
[Isithombe ekhasini 25]
Ukufaka isigqebhezana sophawu onyaweni lokhozi
[Umthombo]
Pete Oxford/Minden Pictures
[Umthombo Wesithombe ekhasini 25]
Tui De Roy/Roving Tortoise Photos