Ukuphila Komuntu Kuqala Nini?
“UMAMA ongizalayo wayeneminyaka engu-17 ubudala futhi wayesenezinyanga ezingu-7 nengxenye ekhulelwe lapho enquma ukukhipha isisu ngoketshezi i-saline,” kuchaza uGianna.a Wanezela: “Yimina ayezama ukungikhipha. Kodwa ngaphila esikhundleni sokufa.”
Lobu bufakazi banikezwa uGianna oneminyaka engu-19 ubudala ngo-1996 phambi kwekomiti kahulumeni wase-United States eyayilalele indaba ephathelene nokukhishwa kwezisu. Ngesikhathi uGianna esenezinyanga ezingu-7 nengxenye esibelethweni sikanina, kusobala ukuthi izitho zomzimba wakhe zase zakhekile. Cishe uzovuma ukuthi empeleni wayesengumuntu, ngoba waqhubeka ephila njengomuntu esephumile esibelethweni.
Kodwa-ke, kuthiwani ngoGianna lapho esewumbungu onamasonto amahlanu, ongaba isentimitha nje ubude? Yiqiniso, izitho zakhe zomzimba zazingakakheki ngokuphelele, kodwa isisekelo sesimiso sakhe sezinzwa, kuhlanganise nobuchopho, sase sikhona. Wayesenenhliziyo eshaya izikhathi ezingu-80 ngomzuzu eyayimpompa igazi emithanjeni yakhe. Ngakho uma kuwukuthi uGianna wayesengumuntu ngemva kwezinyanga ezingu-7 nengxenye esesibelethweni, akufanele yini umuntu aphethe kufanele ngokuthi wayengumuntu lapho enamasonto amahlanu—nakuba ayengakakhuli ngaleyo ndlela?
Isimangaliso Sokukhulelwa
Ukwakheka kwazo zonke izingxenye zomzimba wombungu kuqala lapho umuntu ekhulelwa, lapho iqanda lowesifazane lihlangana nengqamuzana lesidoda. Ubuchwepheshe bamanje obuphambili buye basiza ososayensi ukuba babone izinguquko ezimangalisayo ezenzeka kuyi-nucleus yaleli qanda eselilunjanisiwe elinengqamuzana elilodwa. Amangqamuzana akha i-DNA (i-deoxyribonucleic acid) kababa nomama ayahlangana akhe umuntu owayengekho ngaphambili.
Lelo ngqamuzana elilodwa lokuqala liqala inqubo emangalisa ngempela yokwakha umuntu ophelele. Ukuthi lo msebenzi “wokwakha” wenzeka kanjani kunqunywa yizakhi zethu zofuzo, eziyizingxenye ze-DNA. Lezi zakhi zilawula cishe yonke into ngathi. Yizo ezinquma ubude bethu, ukubukeka kobuso, umbala wamehlo nezinwele, kanye nezinye izinto eziningi.
Ngemva kwalokho, njengoba leli ngqamuzana lokuqala lihlukana, “umklamo” ophelele onezakhi zofuzo udluliselwa kuwo wonke amangqamuzana amasha. Ngokumangalisayo, ngalinye lala mangqamuzana liklanyelwe ukuba libe yinoma iluphi uhlobo lwengqamuzana olufunekayo. Lokhu kuhlanganisa izicubu zenhliziyo, amangqamuzana obuchopho, amathambo, isikhumba ngisho nezicubu ezikhanyayo zamehlo ethu. Kuyaqondakala ukuthi kungani umklamo wokuqala osengqamuzaneni lokuqala owakha umuntu omusha oyingqayizivele uye wabizwa ngokuthi “isimangaliso.”
UDkt. David Fu-Chi Mark, oyisazi samangqamuzana esidumile, wabika: “Umuntu uklanywe ukuba akhule ngokuphelele phakathi nakho konke ukuphila kwakhe kusukela engqamuzaneni lokuqala.” Waphetha ngokuthi: “Asingabazi nakancane ukuthi umuntu ngamunye uyingqayizivele ngokuphelele kusukela ekuqaleni kokuphila kwakhe lapho kuhlala isisu.”
Ingabe Umuntu Osesibelethweni?
Kusukela ngesikhathi sokuhlala kwesisu, umntwana akayona nje ingxenye yezitho zomzimba kanina, kodwa ungumuntu ohlukile. Umzimba wakhe uthatha lowo mntwana njengento ehlukile. Umzimba wakhe ubuyomenqaba ngokushesha ukuba ibingekho “indawo evikelekile” eyakheka esibelethweni sikanina. Lo muntu omusha—ohlukaniswe kunina ngongwengwezi oluyisivikelo—ungumuntu onomklamo oyingqayizivele we-DNA.
Abanye baphikisa ngokuthi maningi amaqanda alunjanisiwe umzimba wowesifazane ovele uwakhiphe ngenxa yezinkinga ezithile, pho kungani udokotela engenakukunqamula ukukhulelwa? Kodwa kunomehluko omkhulu phakathi kokufa okuvele kwenzeke nokubulala ngamabomu. Ezweni elithile eNingizimu Melika, izingane ezingu-71 kwezingu-1 000 zifa zingakawuqedi unyaka. Kodwa ukuthi kufa izinsana eziningi kangaka ingabe kukwenza kufaneleke ukubulala usana olungaphansi konyaka luzelwe? Lutho neze!
Kuyinto ephawulekayo ukuthi iBhayibheli lichaza ukuthi umuntu usuke ephila esibelethweni. Umhubi uDavide wabhala lokhu ngoNkulunkulu: “Amehlo akho abona ngisho nombungu wami, futhi zonke izingxenye zawo zazilotshiwe phansi encwadini yakho.” (IHubo 139:16) UDavide akamane nje athi ‘umbungu’ kodwa uthi ‘umbungu WAMI,’ kanjalo eveza ngokunembile ukuthi ukuphila kwakhe kwaqala lapho kuhlala isisu, esikhathini eside ngaphambi kokuba azalwe. Ngaphansi kokuphefumulelwa uNkulunkulu, uDavide wembula nokuthi ekuhlaleni kwesisu, ukwakheka kwezitho zakhe zomzimba kwalandela uhlelo oluthile, noma iziqondiso ‘ezilotshiwe’ ezinemininingwane, okwakumenza abe umuntu anguye.
Siza uphawule nokuthi iBhayibheli alithi owesifazane ukhulelwa ihlule. Kunalokho, lithi: “Ukhulelwe indoda enamandla.” (Jobe 3:3) NgokweBhayibheli, nakho lokhu kubonisa ukuthi umntwana ungumuntu kusukela lapho kuhlala isisu. Yebo, kungaleso sikhathi ukuphila komuntu okuqala ngaso.
[Umbhalo waphansi]
a Ukukhipha isisu nge-saline kuhilela ukufakwa koketshezi olunosawoti onobuthi esibelethweni sikamama ngokujovwa, okuthi lapho umntwana elugwinya, lumbulale phakathi namahora amabili. Umama uba nemihelo ngemva kwamahora angaba ngu-24 abese ebeletha umntwana oseshonile noma—ezimweni ezimbalwa—osuke esefa.
[Izithombe ekhasini 6, 7]
Umbungu onamasonto amahlanu awulona nje ihlule—kodwa uqukethe isisekelo sazo zonke izitho zomzimba womuntu osekhulile
(ubukhulu bangempela)