Ukubuka Okwezwe
◼ Inhlanzi eyakhishwa ekujuleni kweNorth Atlantic Ocean kuthiwa “isilwane esaphila isikhathi eside kunazo zonke ezaziwayo.” Ososayensi babale izingqimba zegobolondo layo futhi bathola ukuthi le nhlanzi yayineminyaka engu-405.—I-SUNDAY TIMES, EBRITHANI.
◼ “Lapho isimo sezomnotho siwohloka, ngisho nalabo abanezigidigidi zemali bayathinteka. Buza odokotela babo bengqondo.”—I-NEW YORK TIMES, E-U.S.A.
I-TV Ithonya Ukuziphatha Ngokobulili
Isihloko esanyatheliswa kumagazini i-Pediatrics, sithi: “Buyanda ubufakazi obubonisa ukuthi intsha ebuka izinhlelo zethelevishini ezibonisa ubulili zilolonga isimo sayo sengqondo ngobulili nokuziphatha.” Empeleni, ngokocwaningo oluthile, “aphindwa kabili amathuba okukhulelwa” entsheni ebuka kakhulu izinhlelo ezinjalo kunakuleyo ezibuka kancane. Enye yezimbangela ukuthi i-TV inikeza umbono wokuthi ukuhlanganyela ubulili akunayo ngempela ingozi, ngokuthi ukukhulelwa okungafunwa nezifo ezithathelwana ngabo kungavezwa ngezinga elifanele. Kuyiqiniso ukuthi i-TV ingomunye nje umthombo ololonga ukuziphatha kwentsha ngokobulili. Abacwaningi basikisela nokuthi kufanele kuqashelwe kakhulu omagazini, i-Internet nomculo.
Iziguli Ezintsha Ezinesifo Sochoko
Abantu abayizinkulungwane ezintathu e-United States belashwa isifo sochoko, esibizwa nangokuthi i-Hansen’s disease. Kulinganiselwa ukuthi kunabantu abangu-150 okutholakala ukuthi banesifo sochoko minyaka yonke. Abantu abaningi abanalesi sifo bavela kwamanye amazwe. Kodwa, i-American Society of Tropical Medicine and Hygiene ithi i-National Hansen’s Disease Program, eseBaton Rouge, eLouisiana, “ithola iziguli ezinochoko ezingaba ngu-30 minyaka yonke phakathi kwabantu abahlala eningizimu yeLouisiana neGulf Coast eTexas abazalelwa e-United States futhi abangakaze bavakashele emazweni analesi sifo.” Abacwaningi namanje abakaqondi ngokugcwele ukuthi sisabalala kanjani lesi sifo. Uma sisheshe satholakala, siyelapheka. Kodwa, uma sesize sagxila, umonakalo esiwudalayo ezinzweni awulungiseki.
Ukwebiwa Kwezinto Ezinemisebe Eyingozi
UMohamed ElBaradei, ongumqondisi jikelele we-International Atomic Energy Agency, uthi: “Luselukhulu kakhulu usongo lokuba amaphekula athole inuzi noma izinto ezinemisebe eyingozi. Liphezulu ngokushaqisayo inani lezehlakalo ezibikwe kule nhlangano zokwebiwa noma ukulahleka kwenuzi noma izinto ezinemisebe eyingozi—cishe ezaba ngu-250 engxenyeni yokuqala yonyaka ka-2008 nje kuphela. Okukhathaza ngezinga elifanayo iqiniso lokuthi eziningi zalezi zinto azibe zisatholakala.” Akucaci noma lesi simo sibangelwa ukukhula kwesidingo sezinto ezinale misebe noma izibalo eziyiphutha ezikhishwa izinhlangano zikahulumeni.
Kutholakale Imibhalo Yasendulo Kwa-Israel
Abavubukuli bakwa-Israel bathole umbhalo wasendulo obonakala uhlehlela emuva ngeminyaka engu-1 000 ngaphambi kweMiqulu YasoLwandle Olufile. Lo mbhalo onemigqa emihlanu ebhalwe ngoyinki ocezwini lobumba, watholakala lapho kuvubukulwa inqaba enkulu yangekhulu le-10 B.C.E. yaseJudiya eKhirbet Qeiyafa kwa-Israel. Lo mbhalo awukachazwa ngokuphelele, kodwa kubonakala sengathi uwumbhalo wezomthetho owabhalwa umbhali oqeqeshiwe futhi uqukethe “umsuka wamagama athi, ‘umehluleli,’ ‘isigqila’ nelithi ‘nkosi,’” kusho umbiko wephephandaba owakhishwa e-Hebrew University of Jerusalem.
[Umthombo Wesithombe ekhasini 30]
Gabi Laron/Institute of Archaeology/Hebrew University © Yosef Garfinkel