Ukuphila Kwami Nginochoko—Okujabulisayo Nokunesibusiso Esingokomoya
Njengoba ilandiswa u-Isaiah Adagbona
Ngakhulela e-Akure, eNigeria. Ekhaya kwakutshalwe ama-yam, ubhanana, umdumbula nokhokho. Ubaba wayengafuni ngifunde. Wathi kimi: “Ungumlimi. Akekho umuntu oyoke akucele ukuba ufunde ama-yam.”
NOMA KUNJALO, ngangifuna ukukwazi ukufunda. Ebusuku, ngangincika futhi ngilalele efasiteleni lakubo kwezingane ezazifundiswa uthisha ozisebenzayo. Lokhu kwenzeka ngo-1940 lapho ngangineminyaka engaba ngu-12 ubudala. Uma kwenzeka uyise walezi zingane engibona, wayememeza angixoshe. Kodwa ngangilokhu ngibuya. Ngezinye izikhathi uthisha wayengezi, nganginyenya ngingene ngifunde kanye nalezi zingane izincwadi zazo. Ngezinye izikhathi zazingiboleka izincwadi zazo. Ngakwazi kanjalo-ke ukufunda.
Ngazihlanganisa Nabantu BakaNkulunkulu
Ngokuhamba kwesikhathi ngathola iBhayibheli futhi ngangilifunda njalo ngaphambi kokuyolala. Ngobunye ubusuku ngafunda uMathewu isahluko 10, obonisa ukuthi abafundi bakaJesu babeyozondwa futhi bashushiswe abantu.
Ngakhumbula ukuthi oFakazi BakaJehova bake bafika ekhaya futhi baphathwa kabi. Kwangijabulisa ukubona ukuthi kungenzeka ukuthi yibo laba bantu ababeshiwo uJesu. Ngesikhathi esilandelayo lapho kufika oFakazi, ngathatha omagazini. Njengoba ngangiqala ukuzihlanganisa nabo, ngahlekwa usulu. Nokho, lapho abantu bezama ukungidumaza, kulapho ngangiqiniseka futhi ngijabula ngokuthi ngangithole inkolo yeqiniso.
Okwangihlaba umxhwele kakhulu ngoFakazi ukuthi, ngokungafani nezinye izinkolo endaweni yakithi, babengakuxubi ukukhulekela kwabo nemikhuba namasiko ezinkolo zendawo zamaqaba. Ngokwesibonelo, nakuba ekhaya babesonta eSheshi, ubaba wayenendawo ayekhulekela kuyo unkulunkulu wamaYoruba u-Ogun.
Ngemva kokushona kukababa, kwakufanele ibe yifa lami leyo ndawo yokukhulekela. Ngangingayifuni, ngoba ngangazi ukuthi iBhayibheli liyakulahla ukukhulekela izithombe. Ngathuthuka ngokomoya ngosizo lukaJehova, futhi ngo-December 1954, ngabhapathizwa.
Ukuhlaselwa Uchoko
Ngasekuqaleni kwalowo nyaka, ngaqaphela ukuthi unyawo lwami luyavuvuka futhi luba ndikindiki. Uma nginyathela amalahle ashisayo, ngangingezwa buhlungu. Ngemva kwesikhathi esithile, ngavelwa izilonda ezibomvana esiphongweni nasezindebeni zomlomo. Mina nabasekhaya sasingazi ukuthi konakelephi; sacabanga ukuthi kwakuwutwayi. Ngaya kubantu abangu-12 abahlukahlukene abazi amakhambi ngifuna ukwelashwa. Ekugcineni omunye wasitshela ukuthi nganginochoko.
Ngashaqeka! Ngangikhathazekile futhi angilalanga kahle. Ngaphupha kabi. Kodwa ukwazi kwami iqiniso leBhayibheli nokuthembela kuJehova kwangisiza ukuba ngibheke esikhathini esizayo ngokuqiniseka.
Abantu batshela umama ukuthi uma ngingaya kumuntu oxhumana nonkulunkulu ngenze imihlatshelo, ngangizoba ngcono. Ngenqaba ukuya, ngoba ngangazi ukuthi isenzo esinjalo sasizomcasula uJehova. Beqaphela ukuthi ngangingazimisele ukuya lapho, abangane bakamama basikisela ukuba athathe i-kola nut athinte isiphongo sami ngayo. Bese ethatha leyo kola nut ayiyise kumuntu oxhumana nonkulunkulu ukuze angenzele umhlatshelo. Ngamtshela ukuthi angifuni ukuhlanganyela kulokho. Ekugcineni wayeka ukuzama ukungihilela enkolweni yobuqaba.
Ngesikhathi ngiya esibhedlela, uchoko lwase lulubi kakhulu. Ngase ngigcwele izilonda wonke umzimba. Esibhedlela banginika imithi, futhi kancane kancane isikhumba sami sasimama.
Babecabanga Ukuthi Ngifile
Kodwa izinkinga zami zazingakapheli neze. Unyawo lwami lwangakwesokudla lwaphihlika izilonda, futhi ngo-1962 kwadingeka lunqunywe. Ngemva kokuhlinzwa, kwaba sengathi balubangile uchoko. Odokotela babengalindele ukuba ngiphile. Kwafika umpristi omhlophe oyisithunywa sevangeli ezongenzela inkonzo yokugcina. Ngangibuthakathaka kakhulu kangangokuba ngangingakwazi ukukhuluma, kodwa umhlengikazi wamtshela ukuthi ngingomunye woFakazi BakaJehova.
Umpristi wathi kimi: “Uyafuna ukushintsha ube umKatolika ukuze uye ezulwini lapho ufa?” Ngahleka ngenhliziyo. Ngathandaza kuJehova ukuba ngithole amandla okuphendula. Ngomzamo omkhulu ngakwazi ukuthi, “Cha!” Umpristi washingila wahamba.
Isimo sami saba sibi kakhulu kwaze kwaba yilapho izisebenzi zasesibhedlela zicabanga ukuthi sengifile. Zamboza ubuso bami ngeshidi. Nokho, azizange zingiyise emakhazeni, njengoba kwakudingeka udokotela noma umhlengikazi owayezoqinisekisa ukuthi ngifile. Akekho udokotela owayesebenza ngaleso sikhathi, bonke abahlengikazi babeye emcimbini. Ngakho-ke bangishiya egunjini ubusuku bonke. Lapho udokotela ezohlola iziguli ngakusasa ekuseni, akukho muntu oweza embhedeni wami ngoba ngangisalokhu ngimboziwe kucatshangwa ukuthi ngifile. Ekugcineni, othile waqaphela ukuthi “isidumbu” esingaphansi kweshidi sasinyakaza!
Ngakho ngalulama, futhi ngo-December 1963 bangiyisa e-Abeokuta Leprosy Hospital Settlement eningizimu-ntshonalanga yeNigeria. Ngahlala lapho kusukela ngaleso sikhathi.
Ukuphikiswa Kokushumayela Kwami
Cishe kwakunabantu abangu-400 ababephethwe uchoko kulesi sikhungo lapho ngifika, futhi kwakuyimina kuphela uFakazi. Ngabhalela iNhlangano, futhi yasheshe yaphendula ngokutshela iBandla Lase-Akomoje ukuba lixhumane nami. Ngakho-ke ngangilokhu ngithintana nabazalwane.
Ngokushesha nje lapho ngifika kulesi sikhungo, ngaqala ukushumayela. Umfundisi wasendaweni wayengakuthandi lokho, futhi wabikela isikhulu sezenhlalakahle esasiphethe ikamu. Lesi sikhulu sezenhlalakahle sasiyindoda eyayisikhulile yaseJalimane. Sangitshela ukuthi anginalo ilungelo lokufundisa ngeBhayibheli ngoba anginasitifiketi; njengoba ngingakufundele, ngizofundisa abantu izinto okungeyizo. Uma ngiphikelela, ngingaxoshwa kulesi sikhungo futhi ngingakutholi ukwelashwa. Akazange anginike thuba lokumphendula.
Ngokulandelayo wayala ukuba kungabi bikho muntu otadisha nami iBhayibheli. Ngenxa yalokho, labo ababenesithakazelo bayeka ukuza kimi.
Ngayisa indaba kuJehova ngomthandazo, ngicela ukuhlakanipha nesiqondiso. NgeSonto elilandelayo ngaya esontweni lamaBaptist elikuso lesi sikhungo, nakuba ngingazange ngihlanganyele ezintweni zenkolo ababezenza. Kwaba nesikhathi sokuba abantu babuze imibuzo phakathi nenkonzo. Ngaphakamisa isandla ngabuza: “Uma bonke abantu abalungile beya ezulwini futhi bonke ababi beya kwenye indawo, kungani u-Isaya 45:18 ethi uNkulunkulu wawubumba umhlaba ukuba kuhlalwe kuwo?”
Ibandla lavungama. Ekugcineni, umfundisi oyisithunywa sevangeli wathi ngeke siziqonde izindlela zikaNkulunkulu. Ngase ngiphendula umbuzo wami ngokufunda imibhalo ebonisa ukuthi bangu-144 000 abayokuya ezulwini, ababi bayochithwa, abalungile bayophila phakade emhlabeni.—IHubo 37:10, 11; IsAmbulo 14:1, 4.
Bonke bashaya izandla bejabulela impendulo. Umfundisi wabe esethi: “Phindani nishaye izandla ngoba lo muntu uyalazi ngempela iBhayibheli.” Ngemva kwenkonzo abanye beza kimi bathi: “Wazi ukwedlula umfundisi!”
Ukucindezela Kokungixosha Kuyaqhubeka
Lokhu kwalunciphisa kakhulu ushushiso, futhi abantu baqala ukuhlanganyela kanye nami ekutadisheni iBhayibheli. Nokho, babesekhona abaphikisi ababecindezela isikhulu sezenhlalakahle ukuba singixoshe. Cishe kwadlula inyanga ngemva kwaleyo nkonzo, wangibiza wathi: “Kungani uqhubeka nokushumayela? Ezweni lakithi, abantu ababathandi oFakazi BakaJehova, kungokufanayo nalapha. Kungani ungikhathaza? Awazi yini ukuthi ngingakuxosha?”
Ngaphendula: “Baba, ngiyakuhlonipha ngenxa yezizathu ezintathu. Esokuqala, ngoba umdala kunami, futhi iBhayibheli lithi kumelwe sihloniphe impunga. Isizathu sesibili esenza ngikuhloniphe ukuthi washiya izwe lakini ukuze uzosisiza lapha. Isizathu sesithathu ukuthi unomusa, uyaphana, uyabasiza abahluphekile. Kodwa ucabanga ukuthi ungangixosha ngagunya lini? Umongameli wezwe akabaxoshi oFakazi BakaJehova. Inkosi yalesi sizwe ayisixoshi. Ngisho noma ungangixosha kuleli kamu, uJehova uyonginakekela.”
Ngangiqala ukukhuluma naye ngokungagwegwesi kanje, futhi ngabona ukuthi lokho kwahlala enhliziyweni. Wavele wahamba engangiphendulanga. Kamuva, lapho othile ekhononda ngami, wamane wakhungatheka wathi: “Angifuni ukuphinde ngizigaxe kule ndaba. Uma unenkinga ngokushumayela kwakhe, tshela yena!”
Ikilasi Lokufundisa Ukufunda Nokubhala
Labo ababesonta esontweni lamaBaptist kuleli kamu baqhubeka bengiphikisa. Ngabe sengicabanga isu. Ngaya esikhulwini sezenhlalakahle ngabuza ukuthi ngingalivula yini ikilasi lokufundisa ukufunda nokubhala. Lapho sibuza ukuthi ngifuna ukukhokhelwa malini, ngathi ngizofundisa mahhala.
Banginika indlu engangizofundisela kuyo, ibhodi noshoki, ngaqala ukubafundisa ukufunda labo ababehlala kuleli kamu. Sasifunda nsuku zonke. Imizuzu engu-30 yokuqala, ngangibafundisa ukufunda, bese ngibaxoxela futhi ngibachazele indaba ethile eseBhayibhelini. Ngemva kwalokho bese siyifunda leyo ndaba eBhayibhelini.
Omunye umfundi kwakungowesifazane ogama lakhe linguNimota. Wayenesithakazelo esijulile ezintweni ezingokomoya futhi wayebuza imibuzo ngenkolo esontweni nasesontweni lamaSulumane. Yayingaphendulwa imibuzo yakhe, wayebe esebuya ezobuza kimi. Ekugcineni, wanikezela ukuphila kwakhe kuJehova wabhapathizwa. Ngo-1966 sashada.
Abaningi abasebandleni lethu namuhla, bafunda ukufunda nokubhala kuleli kilasi lokufundisa ukufunda nokubhala. Kwakungekhona ukuhlakanipha kwami ukusikisela lelo kilasi. Ngokuqinisekile kwakuyisibusiso sikaJehova. Akekho owaphinde wazama ukungiyekisa ukushumayela ngemva kwalokho.
IHholo LoMbuso Ekamu
Ngesikhathi ngishada noNimota, sasibane esasihlanganyela njalo esifundweni se-Nqabayokulinda. Cishe isikhathi esingangonyaka, sasihlanganyela lapho kugezelwa khona izilonda zochoko. Khona-ke isikhulu sezenhlalakahle, manje esase singumngane wami, sathi kimi: “Akukuhle ukuba nikhulekele uNkulunkulu wenu endlini okwelashelwa kuyo.”
Wathi singahlanganyela endlini yokubazela engenalutho. Ngokuhamba kwesikhathi, leyo ndlu yashintshwa yaba iHholo LoMbuso. Ngo-1992, ngosizo lwabazalwane basedolobheni, saliqeda. Njengoba ungase ubone emfanekisweni osekhasini 24, ihholo lethu liyisakhiwo esikahle—esipulasitelwe sapendwa, phansi kukhonkiwe futhi sinophahla oluhle.
Ukushumayela Kwabanochoko
Iminyaka engu-33 insimu yami kuye kwaba yilesi sikhungo sabanochoko. Kunjani nje ukushumayela kwabanochoko? Lapha e-Afrika abantu abaningi bakholelwa ukuthi zonke izinto zibangelwa uNkulunkulu. Ngakho-ke uma behlushwa uchoko, bacabanga ukuthi ngandlela-thile lubangelwa uNkulunkulu. Abanye siyabakhathaza kakhulu isimo sabo. Abanye bayacasuka bathi: “Ungasitsheli ukuthi uNkulunkulu unothando nesihe. Ukuba bekunjalo besingeke sigule!” Sibe sesifunda futhi sixoxe ngoJakobe 1:13, othi: ‘UNkulunkulu akalingi muntu ngezinto ezimbi.’ Bese sichaza ukuthi kungani uJehova evumela izifo ukuba zihluphe abantu, sibhekisele esithembisweni sakhe sepharadesi emhlabeni lapho engeke esaba khona ogulayo.—Isaya 33:24.
Abaningi baye basabela ezindabeni ezinhle. Kusukela ngafika kuleli kamu, uJehova uye wangisebenzisa ukuba ngisize abantu abangaphezu kwabangu-30 ukuba bazinikezele babhapathizwe, bonke banochoko. Abaningi baye babuyela emakhaya ngemva kokuba sebesindile, bambalwa abaye bafa. Manje sinabamemezeli boMbuso abangu-18, cishe bangu-25 abantu ababa khona njalo emhlanganweni. Ababili bethu bakhonza njengabadala, sinenceku ekhonzayo eyodwa nephayona elivamile elilodwa. Yeka ukuthi ngijabula kanjani ukubona abaningi kangaka manje bekhonza uJehova ngokwethembeka kuleli kamu! Ngesikhathi ngifika lapha ngangesaba ukuthi ngizoba ngedwa, kodwa uJehova uye wangibusisa ngendlela emangalisayo.
Injabulo Yokukhonza Abazalwane Bami
Ngaqala ukuphuza imithi yokwelapha uchoko kusukela ngo-1960, ngize ngayeka eminyakeni emihlanu edlule. Manje sengiwumqemane, njengabanye abasebandleni. Uchoko lwashiya izibazi—ngalahlekelwa unyawo lwami, futhi angikwazi ukwelula izandla zami—kodwa isifo sesiphelile.
Njengoba sengisindile abanye baye babuza ukuthi kungani ngingabuyeli ekhaya ngishiye ikamu. Kunezizathu eziningi ezingenza ngihlale lapha, kodwa esibalulekile ukuthi ngifuna ukuqhubeka ngisiza abafowethu lapha. Injabulo yokunakekela umhlambi kaJehova idlula noma yini umkhaya wakithi ongase unginike yona uma ngibuyela kuwo.
Ngibonga kakhulu ngokuthi ngazi uJehova ngaphambi kokuba ngazi ukuthi nginochoko. Kungenjalo, ngabe ngazibulala. Ngiye ngabhekana nobunzima nezinkinga eziningi phakathi nale minyaka, kodwa akuyona imithi eyangisekela—kwakunguJehova. Uma ngibheka emuva, ngiyajabula; futhi uma ngicabanga ngekusasa ngaphansi koMbuso kaNkulunkulu, ngijabula nakakhulu.
[Ibhokisi ekhasini 25]
Amaqiniso Ngochoko
Luyini?
Uchoko lwanamuhla luyisifo esibangelwa i-bacillus eyatholwa u-Armauer Hansen ngo-1873. Bebonga umsebenzi wakhe odokotela babuye babize uchoko ngokuthi i-Hansen’s disease.
I-bacillus ilimaza izinzwa, amathambo, amehlo, nezinye izitho zomzimba. Uphelelwa imizwa, ikakhulu ezandleni nasezinyaweni. Uma singathathelwa izinyathelo, lesi sifo singabanga ukuxhozeka ebusweni nasezandleni nasezinyaweni. Asivamile ukubulala.
Ingabe Luyelapheka?
Abantu abanochoko olungelubi kakhulu baba ngcono ngaphandle kwanoma yikuphi ukwelashwa. Olubi kakhulu lungelashwa ngemithi.
Umuthi wokuqala wokwelapha uchoko, owatholwa ngo-1950, wawuthatha kancane futhi waya ngokuya uhluleka ngoba i-bacillus yochoko yakwazi ukumelana nawo. Kwatholakala imithi emisha, futhi kusukela ekuqaleni kwawo-1980, iMulti-Drug Therapy (MDT) yaba yiwona muthi okwelashwa ngawo yonke indawo. Lo muthi uhlanganisa ukusetshenziswa kwemithi emithathu—iDapsone, iRifampicin neClofazimine. Nakuba i-MDT iyibulala i-bacillus, ayiwulungisi umonakalo osudalekile.
I-MDT iphumelela kakhulu ekwelapheni lesi sifo. Ngenxa yalokho, inani labantu abanochoko liye lancipha ngokushesha lisuka ezigidini ezingu-12 ngo-1985 liya ezigidini ezingu-1,3 cishe maphakathi no-1996.
Luthathelwana Kangakanani?
Uchoko aluthathelwana kakhulu; abantu abaningi banesimiso sokuzivikela komzimba esinamandla ngokwanele ukuba simelane nalo. Uma luthathelwana, kuvame ukuba kube kubantu abahlala ndawonye isikhathi eside nabanochoko.
Odokotela abaqiniseki ukuthi i-bacillus ingena kanjani emzimbeni womuntu, kodwa basola ukuthi ingena esikhunjeni noma ekhaleni.
Amathemba Esikhathi Esizayo
Uchoko kuhloswe ukuba “luqedwe njengenkinga engokwempilo yomphakathi” ngonyaka ka-2000. Lokhu kusho ukuthi isibalo sabantu abaphethwe uchoko kunoma imuphi umphakathi ngeke sidlule koyedwa kwabayizinkulungwane eziyishumi. Ngaphansi koMbuso kaNkulunkulu luyoqedwa ngokuphelele.—Isaya 33:24.
Sources: World Health Organization; International Federation of Anti-Leprosy Associations; and Manson’s Tropical Diseases, 1996 edition.
[Ibhokisi ekhasini 27]
Ingabe Uchoko Lwanamuhla Luyafana Nolwangezikhathi ZeBhayibheli?
Izincwadi zezempilo namuhla zichaza uchoko ngokungagwegwesi; igama lesayensi legciwane elihilelekile i-Mycobacterium leprae. Yebo, iBhayibheli aliyona incwadi yezempilo. Amagama esiHeberu nawesiGreki ahunyushwa ngokuthi “uchoko” ezinguqulweni eziningi zeBhayibheli anomqondo ojulile. Ngokwesibonelo, uchoko okukhulunywa ngalo eBhayibhelini lwalungavezi izimpawu ezibonakalayo kubantu kuphela kodwa nasezingutsheni zokugqoka nasezindlini, lokho i-bacillus engakwenzi.—Levitikusi 13:2, 47; 14:34.
Ngaphezu kwalokho, izimpawu zochoko eziba kubantu namuhla azifani ncamashi nalezo ezishiwo ngochoko lwangezikhathi zeBhayibheli. Abanye basikisela ukuthi ukungafani kungabangelwa ukuthi isimo sesifo siyashintsha ngokuhamba kwesikhathi. Abanye bakholelwa ukuthi uchoko okukhulunywa ngalo eBhayibhelini luchaza izifo eziningi okungenzeka zihlanganise noma zingahlanganisi isifo esibangelwa i-M. leprae.
I-Theological Dictionary of the New Testament iphawula ukuthi kokubili amagama esiGreki nawesiHeberu avame ukuhunyushwa ngokuthi uchoko “abhekisela esifweni esifanayo, noma izifo zohlobo olulodwa . . . Akuqinisekwa ukuthi yiso yini ngempela lesi sifo namuhla esisibiza ngokuthi uchoko. Kodwa izimpawu ezinembile zezempilo ngalesi sifo azikuthonyi ukukholelwa kwethu ukulandisa kokuphulukiswa [kwabanochoko uJesu nabafundi bakhe].”
[Isithombe ekhasini 24]
Ibandla ngaphandle kweHholo LoMbuso ekamu labanochoko
[Isithombe ekhasini 26]
U-Isaiah Adagbona nomkakhe, uNimota