Abazali Abathembekile Ababambisanayo
◼ Izinga lokubanda ezindaweni eziphakeme eNingizimu ye-Afrika, noma ezindaweni ezimaphakathi ezingamathafa, liqhaqhazelisa amazinyo. Njengoba ngisehhovisi lami esitezi sesithathu, ngibuka izihlahla ezingenamahlamvu ngesithakazelo esikhulu, zintengantenga ziya ngapha nangapha ngenxa yomoya ovunguzayo wasebusika. Maphansi nesihlahla lapho kuhlukana khona amagatsha nesiqu, ijuba okuthiwa i-laughing dove lifudumeza amaphuphu amabili anezinsuku ezintathu echanyuselwe.
Ngaphambi kokuba libekele amaqanda okuqala, leli juba nomngane walo babambisana ekwakheni isidleke—eleduna liletha izinswani elensikazi lizibeka endaweni efanele. Enza umsebenzi oncomekayo ngoba umoya onamandla wasebusika awukwazanga ukusinyakazisa lesi sidleke esesiyikhaya lala maqanda amabili. Elensikazi laliwafukamela ebusuku lama qanda, eleduna liwafukamela emini. Ciche ngemva kwamasonto amabili, amaqanda achanyuselwa. Ngaphambi kokuba kuphele amanye amasonto amabili kuya phezulu, la maphuphu ayobe esekhule futhi eseqine ngokwanele ukuba azindizele.
Lalela! Ingabe uyawuzwa lowo msindo ozwakala njengohleko olupholile? Ijuba lensikazi, eliza nengobo yalo egcwele ukudla kwamaphuphu alo alambile, selenze kwazwakala ukuthi selifikile kuleli gatsha futhi selilungele ukukhulula umyeni walo. Ngisho nangemva kokuba amaphuphu esephumile esidlekeni, bobabili abazali bayaqhubeka nokuwondla kuze kube yilapho esekwazi ukuzinakekela.
Kuvame ukungimangaza ukubambisana nokunakekela okuboniswa yilezi zinyoni, umzwelo wazo wemvelo usuka kwesinye isizukulwane uye kwesinye ngokungaphazami. La maqiniso asikhumbuza amazwi eHubo 86:8, athi: “O Jehova, akekho ofana nawe . . . , futhi ayikho imisebenzi efana neyakho.”—IHubo 86:8.
EZwini lakhe elilotshiwe, iBhayibheli Elingcwele, uJehova uNkulunkulu ulungiselele abazali abangabantu iziqondiso ezithembeke njengomzwelo wemvelo awunikeza amajuba. Ngokwesibonelo, iBhayibheli linxusa omama ukuba “bathande abantwana babo.” (Thithu 2:4) Kobaba, lithi: “Ningabacasuli abantwana benu, kodwa qhubekani nibakhulisa ngesiyalo nangokuqondisa umqondo kukaJehova.” (Efesu 6:4; 1 Thimothewu 5:8.) Ngokuqinisekile, abazali abenza lezi zinto bayigugu ngempela emehlweni kaNkulunkulu.