Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 8/09 k. 29
  • Okuphawulwa Abafundi Balo Magazini

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Okuphawulwa Abafundi Balo Magazini
  • I-Phaphama!—2009
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Yini Embi Kangaka Ngenhlamba?
    I-Phaphama!—2008
  • Uhlu Lokuphakathi
    I-Phaphama!—2008
  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
    I-Phaphama!—1994
  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
    I-Phaphama!—1991
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2009
g 8/09 k. 29

Okuphawulwa Abafundi Balo Magazini

Intsha Iyabuza . . . Yini Embi Kangaka Ngenhlamba? (March 2008) Ngakhulela emkhayeni wamaKristu, kodwa ngangenwa umkhuba omubi wokuba nenhlamba. Ngazama kaningi ukuwuyeka, ngehluleka. Kodwa, lesi sihloko singenze ngakwazi ukuzibamba. Njengoba kushiwo esihlokweni, angifuni ukusisebenzisa kabi isipho sokukhuluma. Manje sengiyacabangisisa ngaphambi kokuba ngikhulume. Ngiyabonga kakhulu.

C. P., Brazil

Ngineminyaka engu-12 ubudala. Ngizungezwe abantu abanenhlamba esikoleni, ngiyesaba ukuthi ngelinye ilanga nami ngingase ngithuke inhlamba. Bengithi ngisazobhala ngicele ukuba nibhale isihloko “seNtsha Iyabuza” esikhuluma ngale ndaba, kanti sizophuma kuyi-Phaphama! Lesi sihloko singikhumbuze ukuthi kungani ukuba nenhlamba kukubi, futhi sanginika amandla. Qhubekani nibhala ngezihloko ezifana nalezi!

A. P., United States

Mina nomyeni wami siziphilisa ngokuhlanza izindlu, futhi elinye lamakhasimende ethu lasitshela ngomgomo walo wonyaka, ukuyeka ukuthuka inhlamba. Lasitshela ukuthi lithandaza nsuku zonke, licela uNkulunkulu ukuba alisize liyeke lo mkhuba. Langicela ukuba ngilinike noma iyiphi incwadi ekhuluma ngale ndaba. Ngathandaza ngalokhu, futhi njengenhlala yenza, ngathola omagazini bamuva engosini ethi www.pr2711.com ngabafaka kuyi-MP3 player yami. Ungase ucabange indlela engajabula ngayo lapho ngilalela uhlu lwezihloko ngosuku olulandelayo. Ngajabula kakhulu! Nakuba lesi sihloko sasibhalelwe intsha, ngangazi ukuthi lingathola izeluleko ezisebenzayo kuso. Ngaba magange ukusifunda nalo.

S. C., United States

Ukulawulwa Kwezindiza Emoyeni—Kukuvikela Kanjani? (April 2008) “Sesikulungele ukusuka!” lawa amazwi engawasho ngemva kokufunda lesi sihloko. Ngakhuthazeka futhi ngazizwa ngivikelekile ngenxa yokuthi i-Phaphama! yangibonisa ukuthi abalawuli bezindiza emoyeni bafuna siphephe ngempela. Ngiyabonga.

T. S., Brazil

Ubungaphendula Kanjani? Ngineminyaka engu-12 futhi ngihlala eningizimu Ireland. Ngithanda ukunibonga ngemidlalo ekhethekile yezingane esekhasini elingemuva le-Phaphama! Mihle ngempela. Yenza izingane ziwufunde lo magazini. Ngicela niqhubeka niyifaka. Ngiyabonga.

A. C., Ireland

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela