Ukubambelela Ngokuqinile Esandleni SikaNkulunkulu Sokunene
◼ UJezreel waseMexico wazalwa enenkinga yesikhumba engavamile ebizwa ngokuthi i-lamellar ichthyosis. Sabangela ukuba isikhumba sakhe sebuze futhi siqine engxenyeni enkulu yomzimba. UJezreel uyachaza: “Lokhu kungenza ngibukeke kabi, kodwa lesi sifo asithathelwani.”
Kusukela uJezreel esemncane, wathola ukwelashwa ezibhedlela ezihlukahlukene. Eseneminyaka emibili ubudala, walaliswa egunjini lakhe yedwa ukuze angatholi amagciwane. Kodwa, akukho okwenza isikhumba sakhe saba ngcono. Wathola ukwelashwa kwengqondo ukuze akwazi ukubhekana nemizwa yokungamukeleki.
Abantu abakholelwa ukuthi isifo sikaJezreel singase sibathelele ngokuvamile bayamgwema. Lokhu kwakunzima kakhulu ukubhekana nakho ngesikhathi esemncane futhi efuna ukudlala nezinye izingane. Uyakhumbula: “Zazihlekisa ngami futhi zingibiza ngamagama angasile anjengokuthi ‘Mummy’ (isidumbu esiboshwe ngamabhandishi) nangokuthi ‘Extraterrestrial’ (umuntu ovela komunye umkhathi).”
Ngakolunye uhlangothi, ukuphathwa yilesi sifo esibonakalayo kwabanye abantu kuye kwavulela uJezreel amathuba okukhuluma nabanye ngethemba lakhe elisekelwe eBhayibhelini. Ngokuvamile abantu bayambuza ukuthi washa yini. Uma ethi cha, bambuza ukuthi yini emenza abukeke ngale ndlela. Ube esechaza ukuthi unesifo sesikhumba futhi abatshele ukuthi njengamanje alikho ikhambi elaziwayo lokuselapha.
Uyanezela: “Nginethemba elingcono kunawo wonke emhlabeni ngoba uJehova uNkulunkulu uthembisa labo abalalela imithetho yakhe ukuthi bayophila emhlabeni omusha ongenakho ukugula nobuhlungu.” (IsAmbulo 21:3, 4) Ukuchaza isimo sakhe ngale ndlela kwenze uJezreel wakwazi ukuqala izifundo zeBhayibheli nabantu, futhi uthole injabulo yokubona iningi labo liba abakhulekeli bakaNkulunkulu kanye naye.
Uthi: “Ngiyajabula ngokuthi ngazalelwa emkhayeni wamaKristu, nokuthi njengomunye woFakazi BakaJehova, nginabangane abaseduze. Abangicwasi ngenxa yendlela engibukeka ngayo. Ngabhapathizwa ngineminyaka engu-17, futhi kule minyaka engu-14 kusukela ngaleso sikhathi, sengijabulele amalungelo amaningi okukhonza uMdali wethu.”
UJezreel uwakhumbula njalo amazwi kaJehova akhuthazayo atholakala ku-Isaya 41:10, 13, athi: “Ungesabi, ngoba nginawe. . . . Impela ngizoqhubeka ngikubambé ngokuqinile ngesandla sami sokunene sokulunga. Ngoba mina, Jehova uNkulunkulu wakho, ngibambé isandla sakho sokunene, Mina engithi kuwe. ‘Ungesabi. Ngizokusiza mina mathupha.’”
Ukubambelela ngokuqinile esandleni sokunene sikaJehova kumsizile ukuba anqobe ukuzinyeza futhi abhekane nezinkinga ezihlobene nalesi sifo. Yena kanye nezigidi zabantu, balindele ukugcwaliseka kwezithembiso zikaNkulunkulu ezinhle.