Imfihlo 4: Inhlonipho
‘Makususwe kini konke ukuklabalasa nokuhlambalaza.’—Efesu 4:31.
Okushiwo yilokhu. Yomibili imikhaya, onezinkinga kanye nophumelelayo, zikhona izinto ongavumelani ngazo. Kodwa imikhaya ephumelelayo iyazisingatha izinkinga ngaphandle kokusebenzisa inkulumo ebhuqayo, inhlamba nezinye izinkulumo ezihlambalazayo. Amalungu omkhaya aphathana ngendlela ilungu ngalinye elingathanda ukuphathwa ngayo.—Mathewu 7:12
Kungani kubalulekile? Amazwi angaphenduka izikhali ezibangela imiphumela elimazayo. Isaga seBhayibheli sithi: “Kungcono ukuhlala ezweni eliyincithakalo, kunokuhlala nowesifazane othukuthele nonolimi oluhlabayo.” (IzAga 21:19, The Bible in Basic English) Yiqiniso, kungashiwo okufanayo nangendoda enolimi oluhlabayo. Lapho kuziwa ekukhuliseni izingane, iBhayibheli lithi: “Ningabathukuthelisi abantwana benu, ukuze bangadangali.” (Kolose 3:21) Izingane ezihlala zigxekwa zingase zibe nomuzwa wokuthi azisoze zakwazi ukujabulisa abazali bazo. Zingase ziyeke nokuzama.
Zama lokhu. Hlaziya izinga lenhlonipho emkhayeni wakho ngokuphendula lemibuzo elandelayo.
◼ Emkhayeni wami, ingabe ukungezwani kubangela ukuba omunye aphume esebhaklaza umnyango?
◼ Uma ngikhuluma nowakwami noma nezingane, ingabe ngisebenzisa amagama ayinhlamba anjengokuthi “uyisilima,” “uyisidomu,” noma amanye amagama afana nalawa?
◼ Ingabe ngakhulela emphakathini owawuvame ukusebenzisa ulimi oluhlambalazayo?
Zenzele isinqumo. Cabangela umgomo owodwa noma emibili ongazibekela yona yokubonisa inhlonipho lapho ukhuluma. (Icebiso: Zimisele ukusebenzisa igama elithi “mina” esikhundleni selithi “wena.” Ngokwesibonelo, ukuthi “Ngizizwa kabuhlungu uma . . . ,” kunokuthi “Wena njalo nje . . . ”)
Kungani ungamtsheli owakwakho ngomgomo noma imigomo yakho? Ngemva kwezinyanga ezintathu mbuze ngentuthuko osuyenzile.
Cabanga ngezindlela ongazinqanda ngayo ekusebenziseni ulimi oluhlambalazayo lapho ukhuluma nabantabakho.
Kungani ungaxolisi kubantabakho ngezikhathi okungenzeka ukuthi uke wakhuluma nabo ngokhahlo noma ngendlela ebhuqayo?
[Isithombe ekhasini 6]
Njengoba nje amagagasi olwandle engaqephula idwala eliqinile kancane kancane, indlela yokukhuluma elimazayo ingawenza buthaka umkhaya