Imfihlo 6: Ukuthethelela
“Qhubekani nibekezelelana futhi nithethelelana ngokukhululekile.”—Kolose 3:13.
Okushiwo yilokhu. Imibhangqwana ephumelelayo iyafunda kulokho okwenzekile; kodwa ayibambi amagqubu ezingxabano ezindala bese izisebenzisa njengento eyinhlala yenza, ngokusebenzisa izinkulumo eziyihaba ezinjengokuthi “Uhlale ushiywa isikhathi njalo” noma “Umthetho wakho awulaleli.” Bobabili indoda nomfazi bakholelwa ukuthi ‘kungubuhle ukweqa isiphambeko.’—IzAga 19:11.
Kungani kubalulekile? UNkulunkulu ‘uhlale ekulungele ukuthethelela,’ kodwa akubi njalo ngabantu ngaso sonke isikhathi. (IHubo 86:5) Izinkinga ezishiywa zingaxazululiwe zingase zinqwabelane zibangele inhliziyo ebuhlungu kuze kube seqophelweni lokuba ukuthethelela kubonakale kungenakwenzeka. Ngamunye angase akhethe ukuqudula, angabi nandaba nokuthi omunye uzizwa kanjani. Bobabili bazizwa bebopheke emshadweni ongenalo uthando.
Zama lokhu. Bheka izithombe zenu enazithatha ngemva komshado noma ngesikhathi nisaqomisana. Zama ukuvuselela lolo thando owawunalo ngaphambi kokuba kuqale izinkinga esezifiphaze umbono wakho. Cabanga ngezimfanelo ezakukhanga koshade naye.
◼ Iziphi izimfanelo ezikuhlaba umxhwele kakhulu kuye manje?
◼ Cabanga ngemiphumela emihle ukuba kwakho othethelelayo okungayibangela ezinganeni zenu.
Zenzele isinqumo. Cabanga ngendlela eyodwa noma ezimbili ongazimisela ngazo ukungafaki amaphutha esikhathi esidlule endabeni eningavumelani ngayo ngaleso sikhathi noshade naye.
Kungani ungamtusi ngezimfanelo zakhe ezikuhlaba umxhwele?—IzAga 31:28, 29.
Cabanga ngezindlela ozobonisa ngazo intethelelo ezinganeni zakho.
Kungani ungaxoxi nezingane zakho ngendaba yokuthethelela nokuthi ukuthethelela kungamzuzisa kanjani umuntu ngamunye ekhaya?
[Isithombe ekhasini 8]
Uma uthethelela, icala liyasulwa. Awuzami ukuphinde ulivuse kamuva