Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g18 No. 2 k. 7
  • 4 Ukuthethelela

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • 4 Ukuthethelela
  • I-Phaphama!—2018
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • KUSHO UKUTHINI?
  • KUNGANI KUBALULEKILE?
  • ONGAKWENZA
  • Indlela Yokuthethelela
    I-Phaphama!—2013
  • Indlela Yokuyeka Ukubamba Amagqubu
    I-Phaphama!—2014
  • Imfihlo 6: Ukuthethelela
    I-Phaphama!—2009
  • ‘Qhubekani Nithethelelana Ngokukhululekile’
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1997
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2018
g18 No. 2 k. 7
Indoda nomkayo bacima umlilo

Ukuthethelela kungacima amalangabi engxabano

ABASHADILE

4 Ukuthethelela

KUSHO UKUTHINI?

Ukuthethelela kusho ukuxola nokudlulisa into ekuphathe kabi. Ukuthethelela akusho ukushalazelela into embi eyenziwe noma ukwenza sengathi ayizange yenzeke nhlobo.

OKUSHIWO IBHAYIBHELI: “Qhubekani nibekezelelana futhi nithethelelana ngokukhululekile uma umuntu enesizathu sokukhononda ngomunye.”—Kolose 3:13.

“Uma uthanda othile, awugxili emaphutheni akhe kunalokho ugxila ezintweni ezinhle ngaye.”—U-Aaron.

KUNGANI KUBALULEKILE?

Ukubambelela entweni ekuphathe kabi kungakugulisa, kulimaze nomshado wakho.

“Umyeni wami wake waxolisa ngento ethile eyayingiphathe kabi. Akubanga lula ukumxolela. Nakuba ngagcina ngimxolele, ngazisola ngokuthi angikwenzanga ngokushesha. Lokho kwawuphazamisa umshado wethu.”—UJulia.

ONGAKWENZA

ZIHLOLE

Uma oshade naye esho noma enza into ethile ekuphatha kabi, zibuze:

  • ‘Kungenzeka yini ukuthi ngizwela ngokweqile?’

  • ‘Ingabe le nto yimbi kangangokuba kufanele axolise, noma yinto engingayidlulisa?’

XOXA NOSHADE NAYE NGALE MIBUZO

  • Kuvame ukusithatha isikhathi eside kangakanani ukudlulisa izinto?

  • Yini esingayenza ukuze sisheshe sidlulise izinto?

ZAMA LOKHU

  • Uma oshade naye ekuphathe kabi, gwema ukucabanga ukuthi wenze ngamabomu.

  • Zama ukuqonda ukuthi kungani enze ngendlela enze ngayo, ukhumbule ukuthi “sonke siyakhubeka izikhathi eziningi.”—Jakobe 3:2.

“Kulula ukuthethelela uma nobabili nisephutheni, kodwa akulula kangako uma iphutha lenziwe oyedwa. Ukuthethelela nokuxolisa kudinga ukuthobeka.”—UKimberly.

OKUSHIWO IBHAYIBHELI: “Lungisa izindaba masinyane.”—Mathewu 5:25.

Ukubambelela entweni ekuphathe kabi kungakugulisa, kulimaze nomshado wakho

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela