Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 12/09 kk. 12-13
  • Ungasanelisa Isidingo Sakho Esingokomoya

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ungasanelisa Isidingo Sakho Esingokomoya
  • I-Phaphama!—2009
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ingokomoya Langempela Lihilelani
  • Ukwanelisa Isidingo
  • Umthombo Wenjabulo Yangempela
  • Indlela Ongazanelisa Ngayo Izidingo Zakho Ezingokomoya
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2004
  • Ukufuna Ingokomoya
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2007
  • Kusho Ukuthini Ukuba Umuntu Ongokomoya?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2018 (Efundwayo)
  • Ingabe Ungumuntu Wenyama Noma Ungumuntu Ongokomoya?
    INcwajana YoMhlangano Wokuphila KobuKristu Nenkonzo Yethu—2019
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2009
g 12/09 kk. 12-13

Umbono WeBhayibheli

Ungasanelisa Isidingo Sakho Esingokomoya

ABANTU banesidingo esingokomoya esibaluleke njengesidingo sokudla. Nokho uma kuziwa endabeni yokondleka ngokomzimba, singenza ukukhetha okuhle ngoba sinezinhlobonhlobo zokudla okusekela ukuphila. Ingabe kunjalo nangengokomoya? Kunamasiko amaningi nemicikilisho yenkolo okuthiwa inikeza ukwaneliseka.

Iningi linomuzwa wokuthi uma nje wenza okuthile okungokomoya, akunandaba ukuthi yini okhetha ukuyikholelwa noma luhlobo lokukhulekela ozihlanganisa nalo. Ucabangani? Ingabe kunendaba ukuthi usanelisa kanjani isidingo sakho esingokomoya? Lithini iBhayibheli?

Ingokomoya Langempela Lihilelani

KuGenesise 1:27, iBhayibheli liyembula ukuthi kungani sinesidingo esingokomoya: “UNkulunkulu wabe esemdala umuntu ngomfanekiso wakhe, wamdala ngomfanekiso kaNkulunkulu; wabadala kwaba owesilisa nowesifazane.” Njengoba uJehova uNkulunkulu engumoya, lokhu akubhekiseli ekubukekeni okungokoqobo, kodwa sifana naye ngokubonisa izimfanelo zakhe. NjengoMdali wakhe, umuntu wokuqala u-Adamu wayezazisa futhi ezibonisa izimfanelo ezinjengothando olungenabugovu, umusa, isihawu, ubulungisa nokuzithiba. Wayenikezwe nonembeza, umuzwa wangaphakathi wokuziphatha, ukuze umqondise ekusebenziseni inkululeko yakhe yokuzikhethela ngokuvumelana nemithetho kaNkulunkulu. Lezi zimfanelo zamenza wahluka ezidalweni eziyizilwane futhi zamhlomisela ngokukhethekile ukuba enze intando yoMdali wakhe.—Genesise 1:28; Roma 2:14.

IBhayibheli liphawula isici esibalulekile engokomoyeni lomuntu. Eyoku-1 Korinte 2:12-15, ichaza umuntu ongokomoya njengalowo owamukela umoya ovela kuNkulunkulu. Lo moya ongamandla kaNkulunkulu asebenzayo nendlela osebenza ngayo, ubalulekile ukuze wazi izinto ezingokomoya. Ngakho umuntu ube esekwazi ukuhlola nokuqonda izinto ngombono ongokomoya. Ngokuphambene, umuntu ongenawo umoya kaNkulunkulu ubizwa ngokuthi umuntu wenyama, obheka izinto ezingokomoya njengeziwubuwula. Ngenxa yalokho, izinqumo zakhe zilinganiselwe kulokho okwembulwa ukuhlakanipha komuntu kuphela.

Ngakho, nakuba ikhono lethu lokuba abantu abangokomoya siba nalo ngenxa yokuthi sidalwe ngomfanekiso kaNkulunkulu, ukuba ngokomoya ngempela akubangelwa ukuziqaphela, ukuhlakanipha komuntu noma ukufeza okuthile ekuphileni. Kudingeka ithonya lomoya ongcwele kaNkulunkulu. Empeleni, labo abenqabayo ukuthonywa umoya kaNkulunkulu, kunalokho bakhethe ukuphishekela izifiso zabo nezinto ezimbi, bachazwa njengabantu abangenalo ingokomoya. Baholwa izifiso nokuthambekela kwabo okungokwenyama.—1 Korinte 2:14; Jude 18, 19.

Ukwanelisa Isidingo

Ukwaneliseka kwangempela ngokomoya kuqala ngokuqaphela ukuthi uJehova unguMdali nokuthi sikhona ngenxa yakhe. (IsAmbulo 4:11) Ngaleyo ndlela siyaqonda ukuthi ukuphila kwethu kuba nenjongo kuphela ngokwezinga esenza ngalo intando yakhe. (IHubo 115:1) Ukwenza intando kaNkulunkulu kuletha injongo ekuphileni, ingxenye ebalulekile yesidingo sethu esingokomoya njengoba nje kunjalo ngesidingo sokudla. Yingakho nje uJesu, indoda eyaziwa ngengokomoya layo, akwazi ukuthi: “Ukudla kwami kuwukuba ngenze intando yalowo ongithumileyo nokuba ngiqede umsebenzi wakhe.” (Johane 4:34) Ukwenza intando kaNkulunkulu kwakumvuselela, kumnika ukuqabuleka nokwaneliseka.

Njengoba sadalwa ngomfanekiso kaNkulunkulu, ukwaneliseka kwangempela ngokomoya nakho kuncike ekuvumelaniseni ubuntu bethu nobakhe. (Kolose 3:10) Ngokwenza kanjalo, sigwema ukuziphatha okuhlazisayo noma okulimaza ubuhlobo bethi nabanye. (Efesu 4:24-32) Ukukhetha ukuphila ngezindinganiso zikaNkulunkulu kuthuthukisa ukuphila kwethu futhi kusenza sibe nokuthula kwengqondo, ngoba asibi nawo unembeza onecala.—Roma 2:15.

UJesu wembula elinye iqiniso elibalulekile ngokuphathelene nokwanelisa isidingo sethu esingokomoya lapho ethi: “Umuntu akumelwe aphile ngesinkwa sodwa, kodwa nangawo wonke amazwi aphuma emlonyeni kaJehova.” (Mathewu 4:4) Ingokomoya lethu lidinga ukuba silinake njalo. NgeBhayibheli, uJehova usinika izimpendulo zemibuzo yokuphila—imibuzo evame ukubuzwa yibo bonke abantu.—2 Thimothewu 3:16, 17.

Umthombo Wenjabulo Yangempela

Umuntu angase athibe indlala ngokudla ukudla okungenampilo. Ngokufanayo, nathi “singazigcwalisa” ngezinto noma izinkolelo ezingenanzuzo ezibonakala sengathi ziyasanelisa isidingo sethu esingokomoya. Kodwa, njengoba nje ukudla okungenamsoco kubangela ukungondleki kahle, izifo noma imiphumela emibi nakakhulu, ukwehluleka ukwanelisa isidingo sethu esingokomoya ngendlela efanele kuyoba nomphumela olimazayo ekugcineni.

Kodwa, uma sihlakulela ubuhlobo noJehova uNkulunkulu, sifuna ukwenza intando yakhe, futhi silandela isiqondiso sakhe, siyowathola eyiqiniso lamazwi eBhayibheli athi: “Bayajabula abaqaphela isidingo sabo esingokomoya.”—Mathewu 5:3.

INGABE WAKE WAZIBUZA?

◼ Sivelaphi isidingo sakho esingokomoya?—Genesise 1:27.

◼ Singasenelisa yini isidingo sethu esingokomoya ngaphandle kosizo?—1 Korinte 2:12-15.

◼ Yini okufanele siyenze ukuze sanelise isidingo sethu esingokomoya?—Mathewu 4:4; Johane 4:34; Kolose 3:10.

[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 13]

Ukwehluleka ukwanelisa isidingo sethu esingokomoya ngendlela efanele kuyoba nomphumela olimazayo ekugcineni

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela