Ingabe Laklanywa?
Ithambo—Liqine Ngokumangalisayo
● Ithambo liye lachazwa “njengobunjiniyela bobuchule obuqinile, bamandla amakhulu okuzivuselela.” Kungani?
Cabanga ngalokhu: Uhlaka lwamathambo omuntu lwakhiwa cishe amathambo angaba ngu-206 namalunga angu-68. Ithambo elide kunawo wonke elethanga; elincane kunawo wonke lingaphakathi endlebeni. Njengoba kubonakala kahle kwabayizingcweti zokuvocavoca umzimba, amathambo, imisipha, uqwanga, namalunga angenza umzimba womuntu ophilile ukwazi ukugoba futhi ujikajike ngezindlela ezihlukahlukene ezimangalisayo. I-National Space Biomedical Research Institute ithi: “Isithupha nje sisodwa singenza noma ubani akholwe ukuthi umklami womzimba wethu (kungakhathaliseki ukuthi ngamunye wethu ucabanga ukuthi ungubani) kufanele ukuba ungungqondongqondo!”
Amathambo angathwala nesisindo esimangalisayo. Lesi sikhungo sithi: “Akhiwe ngendlela ukhonkolo oxutshwe nensimbi owakhiwa ngayo. Izinsimbi zokuqinisa ukhonkolo zenza uqine kakhulu, kuyilapho usimende, inhlabathi namatshe kuwenza uqine ngokwedlulele. Kodwa, ukuqina kwethambo kukwedlula kude ngisho nokukakhonkolo oxutshwe kahle nensimbi. “Sifisa sengathi besingakwazi ukukwenza lokhu,” kusho uRobert O. Ritchie uprofesa wesayensi yezinto eziphathekayo e-University of California, eBerkeley e-U.S.A.
Ngokungafani nokhonkolo, ithambo liyisitho esibaluleke kakhulu ezintweni eziningi eziphilayo. Linamandla. Likwazi ukuzivuselela, lizivumelanise nama-hormone athonya ukukhula nokwakheka kwalo, lize lidlale nendima enkulu ekwakhekeni kwamangqamuzana egazi. Njengoba kunjalo ngezicubu zomzimba, liyaqina kancane kancane njengoba umzimba ukhula. Yingakho abadlali bemidlalo benamathambo asindayo kunawabantu abangenzi lutho.
Ucabangani? Ingabe ithambo laba khona ngengozi? Noma ingabe laklanywa?
[Isithombe ekhasini 25]
Umfanekiso wokwakheka kwethambo (okhulisiwe)
[Imithombo Yesithombe ekhasini 25]
Leg bone: © MedicalRF.com/age fotostock; close-up: © Alfred Pasieka/Photo Researchers, Inc.; gymnast: Cultura RF/Punchstock