I-Phaphama! Isiza Ekusindiseni Umntwana Ongakazalwa
● Owesifazane waseMexico ogama lakhe lingu-Anita owayenabantwana abathathu wayesekhulelwe futhi.a Watshela umyeni wakhe ukuthi akayifuni enye ingane futhi uzokwenza noma yini ukuze ayibulale. Wayefuna ngisho nokuzibulala! Ngaleso sikhathi u-Anita wayefunda iBhayibheli nomunye woFakazi BakaJehova kodwa engathuthuki. Uthi: “Ngangizazisa.”
UFakazi owayefunda no-Anita wamchazela ngezimiso zeBhayibheli eziphathelene nale ndaba. Ngokwesibonelo, wambonisa ukuthi ukuphila kosana olungakazalwa kungcwele emehlweni kaNkulunkulu. Kwa-Israyeli wasendulo uma othile elimaza owesifazane okhulelwe futhi yena noma usana lwakhe olungazalwa lufe, uMthetho kaNkulunkulu wawuthi umhlaseli kufanele ahlulelwe njengombulali. (Eksodusi 21:22, 23)b U-Anita akakulalelanga lokhu. Wayesenqumile kakade ukuthi yini azoyenza.
U-Anita uthi: “Othile wangitshela ukuthi uma ngijova ngesidakamizwa esithile, umntwana uyovele afe. Ngakho ngasithenga futhi ngacela umngane wami ukuba angijove. Wenza kanjalo kodwa akwenzekanga lutho. Kamuva ngathola ukuthi wayengafuni ukuhlanganyela nami ekubeni umbulali, ngakho wayengijove ngamanzi angenalutho esikhundleni sesidakamizwa.”
Noma kunjalo, u-Anita waphikelela. Ngenyanga yakhe yesine, wathola udokotela owavuma ukumkhipha isisu. Kusasele izinsuku eziyisithupha ngaphambi kokuba aye kudokotela, uFakazi wanika u-Anita ikhophi enesihloko esithi “Izenzakalo Zezinsuku Zomntwana Ongakazalwa,” esanyatheliswa kuyi-Phaphama! ka-November 8, 1980. Lesi sihloko saphetha ngokuthi: “Ungibulele namuhla umama.” La mazwi amethusa u-Anita, futhi kwaphela amahora amaningi ekhala. Uthi: “Lesi sihloko sawavula amehlo ami ekugcineni.”
U-Anita wabeletha intombazane ephile kahle. Uthi: “Namuhla nginelungelo lokwazi uJehova, futhi ngimthanda ngenhliziyo yami yonke.” Ufundisa nendodakazi yakhe ngeZwi likaNkulunkulu ukuze ikhule ithanda uJehova. Ngempela, indodakazi yakhe iyavuma ukuthi ikweleta uJehova ngokuphila kwayo—okokuqala ngenxa yokuthi unguMthombo wokuphila, okwesibili izimfundiso eziseZwini lakhe njengoba zichaziwe kuyi-Phaphama!, zasindisa ukuphila kwayo.
[Imibhalo yaphansi]
a Amagama ashintshiwe.
b Ngolimi lokuqala le nkulumo ihlanganisa ukufa kukamama noma kwengane.