Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 2/10 kk. 12-13
  • Ukuqomisana Ninombono Wokushada

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukuqomisana Ninombono Wokushada
  • I-Phaphama!—2010
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Izimiso Ezenzelwe Ukusiza Thina
  • Yamukela Iqiniso Ngawe
  • Bekani Imithetho Ecacile Ngendlela Enizoziphatha Ngayo
  • Yenza UJehova Abe ‘Umucu Wesithathu’
  • Ingabe OFakazi BakaJehova Banemithetho Mayelana Nokuphola?
    Imibuzo Evame Ukubuzwa
  • Ngingaqala Nini Ukuqomisana?
    I-Phaphama!—2007
  • Ingabe Ngikulungele Ukuphola?
    Intsha Iyabuza Izimpendulo Ezisebenzayo—Umqulu 2
  • Kunini Lapho Kuwukweqisa Khona?
    Intsha Iyabuza Izimpendulo Ezisebenzayo—Umqulu 2
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2010
g 2/10 kk. 12-13

Umbono WeBhayibheli

Ukuqomisana Ninombono Wokushada

UJulie noLee babethandana futhi bezimisele ukuhlala bemsulwa ngokuziphatha.a Kodwa ngobunye ubusuku lapho bebodwa baqala ukushiswa yinkanuko. Ngenhlanhla, basanguluka ngaphambi kokuba bawele esonweni esibi.

UKUKHULEKELA kweqiniso kuhilela okungaphezu nje kokuya ezinkonzweni masonto onke. Kuyindlela yokuphila ethonya indlela umuntu aziphatha ngayo nezindinganiso zokuziphatha. UJesu wathi yilabo ‘abenza intando’ kaNkulunkulu kuphela abayokwamukeleka kuYe. (Mathewu 7:21) Ukuze sijabulise uNkulunkulu, kudingeka sigcine ubuhlobo bethu nabobulili obuhlukile buhloniphekile futhi siqomisane sinombono wokushada.

Ningabugcina kanjani ubuhlobo benu buhlanzekile phambi kukaNkulunkulu, ikakhulukazi njengoba kunokucindezelwa okukhulu emibhangqwaneni ukuba ingazinaki izindinganiso zokuziphatha? Okokuqala, khumbulani ukuthi izindinganiso zikaNkulunkulu zaba khona ukuze zizuzise thina. Okwesibili, lamukeleni iqiniso lokuthi asiphelele. Okwesithathu, zibekeleni imithetho eqine ngempela yokuthi nizoziphatha kanjani. Kanti okwesine, fakani uNkulunkulu ebuhlotsheni benu. Ake sicabangele ngalinye lala maphuzu.

Izimiso Ezenzelwe Ukusiza Thina

Ku-Isaya 48:17, 18, siyafunda: “Mina, Jehova, nginguNkulunkulu wakho, Lowo okufundisayo ukuze uzuze, Lowo okubangela ukuba unyathele endleleni okufanele uhambe ngayo. O ukube ubuyoyilalela nokuyilalela imiyalo yami! Khona-ke ukuthula kwakho bekuyoba njengomfula, nokulunga kwakho kube njengamagagasi olwandle.”

Yiqiniso, imithetho nezimiso eziseZwini eliphefumulelwe likaNkulunkulu, iBhayibheli Elingcwele, ingeyenzuzo yethu. (2 Thimothewu 3:16, 17) Iwubufakazi bokuthi uMdali wethu uyasikhathalela ngempela, ufuna sijabule futhi siphumelele ekuphileni. (IHubo 19:7-10) Ingabe uzizwa ngaleyo ndlela enhliziyweni yakho? Uma kunjalo, ubonisa ukuhlakanipha kwangempela.

Yamukela Iqiniso Ngawe

Njengomngane weqiniso, uJehova uthembekile kithina; usitshela iqiniso ngathi. Ngokwesibonelo, iZwi lakhe lisixwayisa ngokuthi “inhliziyo ikhohlisa ngaphezu kwanoma yini enye futhi yenza ngokuphelelwa yithemba. Ubani ongase ayazi?” (Jeremiya 17:9) IBhayibheli liphinde lithi: “Othemba inhliziyo yakhe uyisiphukuphuku, kodwa ohamba ngokuhlakanipha nguye oyophunyuka.”—IzAga 28:26.

Umbhangqwana oqomisene ungabonisa kanjani ukuthi uthemba izinhliziyo zawo? Enye indlela, kungaba ukuzifaka ezimweni ezilingayo ezingase ziwenze usondelane ngokweqile, njengombhangqwana okukhulunywe ngawo ngaphambili. Enye, kungaba ukusishaya indiva iseluleko esihlakaniphile sabazali abesaba uNkulunkulu. Abazali abanjalo bayazi ukuthi imizwa yobulili, ikakhulukazi phakathi nobusha, inamandla kakhulu futhi kudingeka ilawulwe ngokufanelekile.

Khona-ke, intsha ‘ehamba ngokuhlakanipha kwaphezulu’ iyasihlonipha isiqondiso sabazali. Yebo, yamukela iseluleko sabazali abayithanda ngokwanele ukuba basho nezinto indodana noma indodakazi engase ingathandi ukuzizwa. Ngempela, umuntu okuthanda kunabo bonke uBaba wakho wasezulwini, uJehova uNkulunkulu, okweluleka ukuba ‘ukhiphe ukukhathazeka enhliziyweni yakho, uphebeze inhlekelele enyameni yakho.’ (UmShumayeli 11:9, 10) Ungakwenza kanjani lokho? Ngokungavumeli ukunqotshwa izifiso ezingalungile.

Bekani Imithetho Ecacile Ngendlela Enizoziphatha Ngayo

“Kulabo ababonisanayo kukhona ukuhlakanipha.” (IzAga 13:10) Imibhangqwana ehlakaniphile esanda kuqomisana isebenzisa lawo mazwi ngokuvumelana ukuthi izobonisana kanjani uthando ngendlela ehambisana nemiBhalo, nangokuzimisela ukunamathela kuleyo mingcele. Ukukhululeka kakhulu komunye nomunye noma ukuzethemba ngokweqile kungafana nokushayela budedengu. Kusuke sekwephuze kakhulu ukwenza isinqumo ngokuphepha emgwaqweni ngemva kokutakulwa engozini!

IBhayibheli lithi: “Ihlakaniphile indoda [noma owesifazane] oboné inhlekelele iza wayesecasha, abazifaka kuyo kumelwe bakhokhe.” (IzAga 22:3, The New English Bible) Imibhangqwana ingagwema izinkinga eziningi ngokuba phakathi kweqembu labantu abafanelekayo lapho iphola noma ibe nombheki ofanelekayo. Umphumela wezenzo zobuwula lapho nisaqomisene ungase uhlanganise ukulimala kukanembeza, ukulahlekelwa ukuzihlonipha wena nalowo oqomisene naye, nehlazo kubo bonke abathintekayo kuhlanganise namalungu omkhaya. Ngakho hlakanipha; vuma ukusebenzisa izindinganiso ezingokomBhalo futhi unamathele kuzo!

Yenza UJehova Abe ‘Umucu Wesithathu’

Umshado ufana nentambo enemicu emithathu, futhi uNkulunkulu engumucu oyinhloko. UmShumayeli 4:12 uthi, ‘Intambo emicu mithathu ayinakugqashulwa ngokushesha.’ Isimiso esifanayo siyasebenza kwabasaqomisene. Labo abafuna isibusiso sikaNkulunkulu ebuhlotsheni babo, basithola uma ngamunye ehlala eduze noNkulunkulu. IHubo 1:1-3 lithi: ‘Iyajabula indoda noma owesifazane ongazange ahambe ngeseluleko sababi. Kodwa injabulo yayo isemthethweni kaJehova, futhi ifunda umthetho wakhe ngezwi eliphansi imini nobusuku futhi konke ekwenzayo kuyophumelela.’

Yebo impumelelo yangempela ekuphileni ehlanganisa ukuphumelela ekuqomisaneni nasemshadweni, itholakala lapho kwenziwa izinto ngendlela kaJehova. Phela unguMdali wethu, futhi ukuthandana nomshado kuyizipho eziyigugu ezivela kuye. Ngenxa yalokho, kufanele sizihloniphe lezi zipho.—Jakobe 1:17.

[Umbhalo waphansi]

a Amanye amagama ashintshiwe.

WAKE WAZIBUZA?

● Sazi kanjani ukuthi uNkulunkulu usifunela okungcono kakhulu?—Isaya 48:17, 18.

● Yiliphi iqiniso eliphathelene nathi okufanele silamukele?—Jeremiya 17:9.

● Iyini imfihlo yempumelelo phakathi nesikhathi sokuqomisana, nasemshadweni kamuva?—IHubo 1:1-3.

[Isithombe ekhasini 13]

Imibhangqwana ehlakaniphile esanda kuqomisana, isebenzisa lawo mazwi ngokuvumelana ngokuthi izobonisana kanjani uthando ngendlela ehambisana nemiBhalo, nangokuzimisela ukunamathela kuleyo mingcele

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela