Intsha Iyabuza. . .
Ngingaqala Nini Ukuqomisana?
“Esikoleni uba nomuzwa wokuthi awuphelele kahle uma ungathandani namuntu!”—UBrittany.
“Kunezingcindezi eziningi zokuba ngiqome. Kukhona nenqwaba yabafana abahle.”—UWhitney.
◼ Ake sithi ubona intombazane nomfana bebambene ngezandla bethilileka emaphasishi lapho kushintshwa amakilasi esikoleni. Uzizwa kanjani?
□ Awunandaba
□ Unomona kancane
□ Ukulangazelela ngokugcwele
◼ Usebhayisikobho nabangane bese ubona ukuthi wonke umuntu uhamba nesithandwa sakhe—nguwe kuphela ongenabani! Uzizwa kanjani?
□ Awunandaba
□ Unomona kancane
□ Ukulangazelela ngokugcwele
◼ Muva nje umngane wakho omkhulu uqale ukubonisa isithakazelo kothile wobulili obuhlukile futhi sebeyathandana. Uzizwa kanjani?
□ Awunandaba
□ Unomona kancane
□ Ukulangazelela ngokugcwele
UMA uphendulé ngokuthi uzizwa ‘unomona kancane’ noma ‘ukulangazelela ngokugcwele’ kunoma imuphi wale mibuzo engenhla, awuwedwa. Emazweni lapho ukuqomisana kuyisiko khona, intsha eningi ibingaphendula ngendlela efanayo. UYvette oneminyaka engu-14 ubudala uthi, “Ngezinye izikhathi uzizwa ulahliwe ngenxa yokuthi bonke ontanga yakho banamasoka kodwa wena awunalo.”
Isifiso sokuba nothile omthandayo—nesokuba nothile okwazisayo—singaba sikhulu kakhulu. Elinye ibhobhodleyana lithi, “Isifiso sokuba nentombi sikhula usuku nosuku, futhi kunzima ukusilawula!” Abanye baqala ukuqoma noma ukuqonywa besebancane. Ngokwesibonelo, inhlolo-vo kamagazini i-Times yembula ukuthi intsha engamaphesenti angu-25 eneminyaka engu-13 ubudala “yayisiqomisana” kakade. Ingabe ucabanga ukuthi yayisikulungele? Ingabe usukulungele? Ukuze uphendule lo mbuzo, kufanele siqale sidingide umbuzo oyisisekelo.
Kuyini “Ukuqomisana”?
◼ Ujwayele ukuya ezindaweni ezithile nothile wobulili obuhlukile.
Ingabe niqomene? □ Yebo □ Cha
◼ Nithumelelana imiyalezo ngomakhalekhukhwini izikhathi eziningana ngosuku noma nikhulume ocingweni nomngane othile wobulili obuhlukile.
Ingabe niqomene? □ Yebo □ Cha
◼ Wena nothile wobulili obuhlukile ninobungane obuyimfihlo. Abazali bakho abazi. Awukabatsheli ngoba uyazi ukuthi bazokwenqaba lokho.
Ingabe niqomene? □ Yebo □ Cha
◼ Njalo lapho nihlangene nabangane bakho, unaka kakhulu umuntu ofanayo wobulili obuhlukile.
Ingabe niqomene? □ Yebo □ Cha
Kungenzeka ukuthi awubanga nenkinga yokuphendula umbuzo wokuqala, kodwa kungenzeka ukuthi ube manqikanqika ukuphendula eminye. Kuyini ngempela ukuqomisana? Kule ngxoxo sizokuchaza ngokuthi kuyinoma yibuphi ubudlelwano obuhilela imizwelo yothando ngomunye umuntu, ebe naye ezizwa kanjalo ngawe. Kungakhathaliseki ukuthi kuseqenjini noma ngasese, ngocingo noma ubuso nobuso, obala noma ekusithekeni, uma wena nomngane wakho wobulili obuhlukile nivumelana ngokuthi niyathandana, niqomene.
Kodwa ingabe usukulungele ukuhamba ngaleyo ndlela? Ukucabangela imibuzo emithathu kuzokusiza ukuba wazi ukuthi usukulungele yini.
Yini Oyihlosile?
Emiphakathini eminingi ukuqomisana kubhekwa njengendlela eyamukelekile yokuba abantu ababili bazane kangcono. Kodwa ukuqomisana kufanele kube nenjongo ehloniphekile—ukusiza insizwa nentombi ukuba babone ukuthi bangafanelana yini ukuba bashade. Kungani?
IBhayibheli lisebenzisa ibinzana elithi “ukuqhuma kobusha” ukuze lichaze isikhathi lapho imizwa yobulili nemizwelo yothando iqala ukuba namandla. (1 Korinte 7:36) Ukuba nobuhlobo obuseduze nothile wobulili obuhlukile phakathi nenkathi “yokuqhuma kobusha” kungabhebhethekisa inkanuko futhi kukubangele ukuba ukufunde kabuhlungu ukuhlakanipha kweyabaseGalathiya 6:7: “Noma yini umuntu ayihlwanyelayo, uyovuna yona futhi.”
Kuyavunywa, abanye ontanga yakho bangase baqomisane yize bengahlosile ukushada. Bangase babheke abangane babo bobulili obuhlukile njengophawu lobusoka noma lokubonisa ukuthi bona bayathandwa. Ukudlala ngemizwelo ‘yothile’ ngaleyo ndlela kuyisihluku, futhi akumangalisi ukuthi ubuhlobo obunjalo ngokuvamile busheshe buphele. UHeather osemusha uthi: “Intsha eningi eqomene iyehlukana ngemva kwesonto elilodwa noma amabili. Ukuqomisana kwayo bakubheka njengento yesikhashana—ngomqondo othile kubalungiselela isehlukaniso kunomshado.”
Ukujola—ukuqomisana nje ngoba ufuna ukuzijabulisa noma ukuba nesoka noma nentombi—kungaholela kalula ekulimaleni kwemizwa. Ake ucabange ngo-Eric, ngobuqotho owayejabulela lokho ayecabanga ukuthi ubungane obuseduze nentombazane ethile lapho eseneminyaka engu-18. Wabe esephawula ukuthi kule ntombazane lobu bungane babusho okungaphezu kobungane. “Hawu! Ngamangala kabi ngendlela eyavele yazimisela ngayo,” kusho u-Eric. “Ngempela ngangicabanga ukuthi singabangane nje!”
Kuyiqiniso ukuthi akukubi ukuba nobudlelwano nabobulili obuhlukile esimweni esihleleke kahle njengamaqembu. Nokho, uma kuziwa endabeni yokuqomisana, kuhle ukulinda kuze kube yilapho usudlulile ekuqhumeni kobusha futhi ususesimweni sokucabangela umshado ngempela. Yilokho uChelsea osemusha akuqaphela. Uyavuma, “Ingxenye ethile yami ifuna ukujabulela ukujola, kodwa akujabulisi uma omunye ekuthatha njengento enkulu kanti kuwumdlalo komunye.”
Uneminyaka Emingaki?
◼ Ucabanga ukuthi osemusha kufanele aqale ukuqomisana esemdala kangakanani? ․․․․․
◼ Manje buza oyedwa noma bobabili abazali bakho umbuzo ofanayo, bese uyibhala phansi impendulo yabo. ․․․․․
Kungenzeka ukuthi inombolo yokuqala oyibhalile incane kuneyesibili. Mhlawumbe akunjalo! Ungase ube phakathi kwentsha eningi ehlehlisa inkathi yokuqomisana ngokuhlakanipha kuze kube yilapho isikhule ngokwanele futhi isizazi kahle. Yilokho kanye anqume ukukwenza osemusha ongumKristu okuthiwa uSondra, nakuba esekhule ngokwanele ukuba angashada. USondra uthi: “Phakathi nokuqomisana ufuna ukuba lowo muntu akwazi kangcono. Kodwa uma ungazazi wena, ungalindela kanjani ukuba omunye umuntu akwazi?”
UDanielle, oneminyaka engu-17, uzizwa ngendlela efanayo. Uthi: “Uma ngicabanga ngeminyaka emibili edlule, lokho engangiyokubheka kumuntu engifuna ukushada naye kuhluke kakhulu kulokho engingakufuna manje. Empeleni, ngisho namanje angizethembi ekwenzeni isinqumo esinjalo. Lapho sengizwa ukuthi sengihluzekile ngemva kweminyaka embalwa, ngiyobe sengiqala ukucabanga ngokuqomisana.”
Ingabe Usukulungele Ukushada?
Njengoba ukuqomisana kuyisinyathelo esiya emshadweni, uyobe wenza kahle ukuzibuza ukuthi usukulungele yini ukubhekana nomthwalo wokuba indoda noma umfazi—ngisho nowokuba ubaba noma umama. Wazi kanjani ukuthi usukulungele? Cabanga ngalokhu okulandelayo.
◼ Ubuhlobo Ubaphatha kanjani abazali bakho nezingane zakini? Ingabe uvame ukubacasukela, mhlawumbe ubakhahle noma usebenzise inkulumo yokubabhuqa ukuze uveze umbono wakho? Yini abangayisho ngawe kulokhu? Indlela ophatha ngayo amalungu omkhaya wakini iyinkomba yokuthi uyomphatha kanjani lowo oshade naye.—Efesu 4:31, 32.
◼ Imali Uyisebenzisa kanjani imali? Ingabe uhlala unezikweleti? Uyakwazi yini ukugcina umsebenzi? Uma ungakwazi, uhlulwa yini? Ingabe kungenxa yomsebenzi noma umqashi? Noma kungenxa yezici zakho ezingathandeki? Uma ungakwazi ukunakekela izimali zakho ngendlela efanele, uyokwazi kanjani ukunakekela ezomkhaya?—1 Thimothewu 5:8.
◼ Ingokomoya Uma ungomunye woFakazi BakaJehova, yiziphi izimfanelo onazo ezingokomoya? Ingabe uyawenza umzamo wokufunda iZwi likaNkulunkulu, uye enkonzweni yasensimini futhi uhlanganyele nasemihlanganweni yobuKristu? Uma ungalinakekeli ingokomoya lakho, uyomkhuthaza kanjani lowo oshade naye?—2 Korinte 13:5.
Lezi yizinto ezimbalwa nje okufanele uzicabangele uma ucabanga ngomshado noma ngokuqomisana. Okwamanje, ungase ube nobudlelwano nabobulili obuhlukile ezimweni ezifanele njengeqembu. Kamuva, uma ukhetha ukuqoma noma ukuqonywa, uyobe usuzazi kangcono nokuthi yini oyidingayo kumuntu ozoshada naye.
Imfihlo Yenjabulo Yomkhaya
Ukwaziswa okwengeziwe kuyatholakala emakhasini 13-26 ale ncwadi, enyatheliswa oFakazi BakaJehova.
OKUDINGA UKUCATSHANGELWA
◼ Kukuziphi izimo ezifanele lapho ungaba nobudlelwano nabobulili obuhlukile?
◼ Iyiphi imfanelo okufanele usebenzele kuyo ngokukhethekile ukuze ube sethubeni lokushada?
[Ibhokisi/Izithombe ekhasini 28]
Okushiwo Abanye Ontanga Yakho
“Ngezinye izikhathi ngiba nomona ngabantu abathandayo—ngisho nabashadile. Kodwa ukuqomisana akuyona into yokudlala. Uma udlala, udlala ngenhliziyo yomunye. Ngicabanga ukuthi ukuqomisana kwenzelwa ukuba uthole ukuthi uyafuna yini ngempela ukushada nalowo muntu.”—UBlaine, oneminyaka engu-17.
“Angicabangi ukuthi kufanele uqome abafana ngoba ‘uzilungiselela’ isikhathi okuyofika ngaso umuntu omthanda ngempela. Lokho kungaholela ekulimaleni kwemizwa.”—UChelsea, oneminyaka engu-17.
“Ngempela ngicabanga ukuthi kufanele ukhule ngokwanele ukuthi usungashada ngaphambi kokuqala ukuqomisana nothile. Ngale kwalokho, kungafana nokufuna umsebenzi usafunda isikole kuyilapho ungenayo nhlobo injongo yokuwamukela.”—USondra, oneminyaka engu-21.
[Ibhokisi ekhasini 30]
OKUFANELE KUPHAWULWE ABAZALI
Ingane yenu izobhekana nendaba yokuqomisana ngokuhamba kwesikhathi. UPhillip uthi, “Akudingeki ngisho ukuba ngenze okuthile! Amantombazane ayangeshela, futhi ngike ngicabange ukuthi, ‘Konje ngizokwenzenjani manje?’ Kunzima ukungavumi ngoba amanye awo mahle bo!”
Into engcono kakhulu eningayenza njengabazali iwukuba nikhulume nengane yenu ngokuqomisana. Kungani ningasebenzisi lesi sihloko njengesisekelo sengxoxo? Tholani ukuthi indodana noma indodakazi yenu izizwa kanjani ngezinselele ebhekana nazo esikoleni ngisho nasebandleni lobuKristu. Ngezinye izikhathi izingxoxo ezinjalo zingenziwa ezimweni ezikhululekile, njengalapho “uhleli endlini yakho nalapho uhamba endleleni.” (Duteronomi 6:6, 7) Kungakhathaliseki ukuthi kukusiphi isimo, khumbulani ukuba ‘nisheshe ukuzwa, nephuze ukukhuluma.’—Jakobe 1:19.
Uma indodana noma indodakazi yenu ibonisa isithakazelo kothile wobulili obuhlukile, ningatatazeli. Intombazanyana ethile ithi: “Lapho ubaba ethola ukuthi nginesoka, wathukuthela kabi! Wazama ukungesabisa ngokungibuza imibuzo ephathelene nokuthi sengikulungele yini ukushada—okuyimibuzo engakwenza ufune ukwelula isikhathi sokuqomisana noma usemncane ukuze ubonise abazali bakho ukuthi banephutha!”
Uma ingane yenu yazi ukuthi indaba yokuqomisana ayikhulunywa nhlobo ekhaya, kungase kwenzeke inhlekelele: Ingase ifihle ukuthi isiqomile noma isiqonyiwe. Enye intombazane yathi: “Uma abazali beyamukela kabi le ndaba, lokho kwenza ukuba izingane zifune ukubafihlela ukuthi sekukhona ezithandana naye. Aziyeki. Zimane nje zikwenze kube yimfihlo.”
Niyothola imiphumela emihle kakhulu uma nixoxa ngokukhululekile ngalezi zindaba. Intokazi eneminyaka engu-20 ithi: “Abazali bami bebelokhu beyikhuluma nami ngokukhululekile indaba yokuqomisana. Kubalulekile ukuba bazi ukuthi ubani enginesithakazelo kuye, futhi ngicabanga ukuthi kuhle lokho! Ubaba uyakhuluma nalowo muntu. Uma kukhona okubakhathazayo ngaye, abazali bami bayangitshela. Ngokuvamile yimi onqumayo ukuthi anginaso isithakazelo kulowo muntu ngaphambi kokuba size sithandane.”
[Isithombe ekhasini 29]
Ukuba nobudlelwano nabobulili obuhlukile ezimweni ezifanele njengeqembu kungaba kuhle futhi kuzuzise