Ingabe Saklanywa?
Isikhumba Sikashaka
● Uma usibuka, isikhumba sikashaka sibonakala sibushelelezi. Kodwa uma ungasithinta—ngendlela ephephile—ungathola ukuthi sihwaya njengephepha lokukhuhla uma uhambisa isandla usuka ngasemsileni uya ekhanda.a
Cabanga ngalokhu: Izimpephelezi ezincane ezimazombezombe ezenza isikhumba sihwaye zisiza ushaka ngezindlela ezimbili. Okokuqala, zenza amanzi ahambe kahle emzimbeni, okwenza ushaka ukwazi ukutshuza kalula emanzini. Okwesibili, lezi zimpephelezi ziyavuleka zivaleke njengoba ushaka ubhukuda, okwenza izilwanyana ezincane zingakwazi ukuhlala esikhunjeni.
Kuningi okungafundwa ngezici zesikhumba sikashaka. Ngokwesibonelo, ososayensi sebenze ingubo yokubhukuda, esuselwe endleleni isikhumba sikashaka esakheke ngayo ngaphandle, kuthiwa ithuthukisa ijubane lombhukudi ngamaphesenti angaba mathathu. Bakholelwa ukuthi isimiso esifanayo singasetshenziswa ekwakheni izimoto nezikebhe ezinejubane elikhulu.
Abacwaningi banethemba lokuthi bangalingisa izakhi zenhlanzeko yesikhumba sikashaka ekwenzeni upende oxosha izimbambela zinganamatheli esikebheni, ukuze kungalimali imvelo njengoba kwenza upende onomthofu nezinye izinto eziyingozi. Ezinye izinto ezingafundwa zihlanganisa ukwenza imithi yokwelapha nezinto ezinganciphisa izingozi zamagciwane atholakala ezibhedlela.
Ucabangani? Ingabe isikhumba sikashaka—nekhono laso lokulondoloza amandla kuhlanganise nenhlanzeko—saba khona ngengozi? Noma ingabe saklanywa?
[Umbhalo waphansi]
a Ukuhwaya kwalesi sikhumba akuzwakali uma usithinta uqala ekhanda uya ngasemsileni.
[Isithombe ekhasini 10]
Izimpephelezi zesikhumba sikashaka ezikhulisiwe
[Imithombo Yesithombe ekhasini 10]
Scales: © Eye of Science/Photo Researchers, Inc.; shark: © Image Source/age fotostock