Imvelo Yaba Nakho Kuqala
‘Ngiyacela, buza izidalwa ezinamaphiko zamazulu, zizokutshela. Isandla sikaJehova uqobo sikwenzile lokhu.’—Jobe 12:7-9.
ZONKE izici zokwakheka kwenyoni zibonakala ziklanyelwe ukundiza. Ngokwesibonelo, ukwakheka kwezinsiba zezimpaphe kufanele kusekele sonke isisindo senyoni lapho indiza. Kwenzeka kanjani ukuba amaphiko abe lula kangaka kodwa futhi abe namandla kangaka? Uma usika usiba phakathi, ungase ubone ukuthi kungani. Lufana nalokho onjiniyela abakubiza ngokuthi insika eyenziwe ngeziponji ezibhangqene. Ngaphakathi luthambile kanti luyahaya ngaphandle. Onjiniyela baye babuka indlela uphaphe olwakheke ngayo base besebenzisa izinsika ezenziwe ngeziponji ezibhangqene ezindizeni.
Amathambo ezinyoni nawo aklanywe ngokumangalisayo. Iningi lawo alinalutho phakathi, kanti amanye angase aqiniswe indlela akheke ngayo ngaphakathi onjiniyela abayibiza ngokuthi i-Warren girder. Ngokuthakazelisayo, kwasetshenziswa umklamo ofanayo emaphikweni omkhumbi-mkhathi.
Abashayeli bezindiza zanamuhla benza izindiza zizinze ngokuvula noma ngokuvala izingxenye ezithile zamaphiko nomsila. Kodwa inyoni isebenzisa imisipha engaba ngu-48 esemaphikweni ayo nasemahlombe ukuze ikwazi ukuphenduka nokubhakuzisa amaphiko nezimpaphe ezithile futhi lokhu ikwenza izikhathi eziningana ngomzuzwana. Akumangalisi-ke ukuthi kungani abaklami bezindiza behahela ikhono lenyoni lokundiza!
Indiza isebenzisa amandla amaningi, ikakhulukazi uma isuka. Ngakho izinyoni zidinga “injini” enamandla. Inhliziyo yenyoni ishaya ngomfutho kuneyesinye isilwane esincelisayo esingangayo futhi ngokuvamile inkundlwana kanti inamandla. Kanti namaphaphu enyoni aklanywe ngendlela ehlukile yokungenisa umoya esebenza kahle kakhulu kuneyezinye izilwane ezincelisayo.
Isebenza kahle kangakanani “injini” yenyoni? Ukuhamba kahle kwendiza kuya nangokuthi ngesikhathi isuka isuke inophethiloli owanele yini. Lapho i-Boeing 747 ithatha uhambo lwamahora ayishumi, cishe ingxenye yesithathu yesisindo sayo kusuke kunguphethiloli. Ngokufanayo, izinyoni ezithuthela kwamanye amazwe zingase zilahlekelwe cishe ingxenye yesisindo sazo ngemva kokundiza amahora ayishumi. Kodwa lapho i-bar-tailed godwit isuka e-Alaska iya eNew Zealand, isisindo esingaphezu kwengxenye yomzimba wayo sisuke singamafutha. Ngokumangalisayo, indiza amahora angaba ngu-190 (izinsuku ezingu-8) ingami ndawo. Ayikho indiza ethwala abantu ekwazi ukwenza lokho.