Imvelo Yaba Nakho Kuqala
“Indlebe ezwayo neso elibonayo—kokubili kwenziwe nguJehova.”—IzAga 20:12.
AMEHLO akho afana namakhamera amancane kamabonakude. Ashintsha izithombe zibe imiyalezo abese eyidlulisela ngemuva ebuchosheni, ngenzwa yokubona, lapho kwenzeka khona inqubo yokubona.
Iso liyisitho esincane kakhulu kodwa esimangalisayo. Lingamamilimitha angu-24 nje kuphela ububanzi nesisindo esingamagremu angu-7,5, lakhiwe ngendlela emangalisayo. Ngokwesibonelo, linezimiso ezihlukene zokuhlukanisa ubumnyama nokukhanya, okwenza ukuba ngemva kwemizuzu engu-30 usegumbini elimnyama, amehlo akho azwele ukukhanya kakhulu izikhathi ezingaphezu kwezingu-10 000.
Ekukhanyeni okuvamile, yini ekwenza ubone ngokucacile? Iso lakho linamangqamuzana okuthiwa ama-pixel azwela ukukhanya izikhathi ezingaphezu kweziyikhulu kuneningi lamakhamera e-video. Kanti ingxenye enkulu yalawo mangqamuzana isengxenyeni encane ephakathi nendawo kuyi-retina ebizwa ngokuthi i-fovea, eyenza iso libone kahle. Njengoba ubuka izinto ezihlukahlukene ngomzuzwana, uba nomuzwa wokuthi yonke into uyibona kahle. Ngokumangalisayo, i-fovea yeso lakho icishe ilingane nechashaza elisekugcineni kwalo musho.
Imiyalezo evela emangqamuzaneni eso azwela ukukhanya iyadlula isuka kwenye inzwa yeso iya kwenye. Kodwa la mangqamuzana eso enza okungaphezu kokudlulisela le miyalezo. Ayayihlunga ukuze athuthukise ukwaziswa okubalulekile futhi asuse nemininingwane engadingeki.
Ingxenye yokubona esebuchosheni injenge-video ethatha izithombe eyinkimbinkimbi. Igqamisa izithombe ngokuthuthukisa amaphethelo azo bese iqhathanisa imiyalezo evela emangqamuzaneni azwela ukukhanya nemibala eyinhloko ukuze ukwazi ukubona imibala eminingi ehlukahlukene. Ubuchopho bakho bubuye buqhathanise izinto ezincane ezingafani eziphakathi kwalokho amehlo akho akubonayo, ukuze ubone ukuthi into ikude kangakanani.
Cabanga ngendlela amehlo akho akwazi ukubona ngayo ubuso obuhlukahlukene esixukwini esikude abese ethumela imiyalezo ebuchosheni bakho, obube sebuyishintsha ibe yizithombe ezicacile. Phinde ucabangele indlela imininingwane ecashile yalobo buso eqhathaniseka ngayo naleyo onayo engqondweni, ukuze ukwazi ukumbona ngokushesha umngane wakho. Ingabe leyo nqubo ayimangalisi?
[Isithombe ekhasini 7]
Indlela iso elikwazi ukuhlunga ukwaziswa ngayo ifakazela ukwenziwa kwalo ngokuhlakanipha