Izinzwa Zethu—Izipho Eziphawulekayo
LAPHO ebona uice cream, amehlo kaLuke ayakhazimula. Njengoba elula isandla ukuze athathe uice cream okuthiwe akawuthathe, umlomo wakhe uconsa amathe. Uphakamisela lesibiloboco emlonyeni, ehogela ubumnandi baso njengoba esisondeza. Khona-ke, unambitha ubumnandi njengoba eqala ekhotha uice cream othambile futhi obandayo.
Kulokhu okuhlangenwe nakho okujabulisayo, uLuke usebenzisa izinzwa eziphawulekayo ezinhlanu zomzimba wakhe—ukubona, ukuzwa, ukuthinta, ukuhogela, nokunambitha. Kanti nokho sinezinye izinzwa eziningi; ukuthi ziningi kangakanani kuxhomeke endleleni umuntu afisa ukuzihlola ngayo. Ngokwesibonelo, isikhumba asizweli nje kuphela ekuthintweni kodwa futhi nasemazingeni okushisa (ukufudumala nokubanda) kanye nasebuhlungwini. Indletshana engaphakathi, ngaphandle nje kokuba izwe umsindo, iqondisa inzwa yethu yokuhlala singawi ngokusebenzisa uketshezi olugeleza phakathi kwemigudu yayo esandilinga. Ngaphezu kwalokho, kunezinto ezamukelayo emzimbeni lezo ezenza ukuba sizizwe silambile futhi somile, kanye nezinye izinzwa.
Ngaleyondlela, ngokusebenzisa isimiso esiyinkimbinkimbi sokuxhumana, umzimba wethu usabela ezintweni ezihlukahlukene ukuze ulinganise izici ezingokomzimba nezisamakhemikhali zendawo esizungezile. Cabangela ezimbalwa eziqonde ngqó.
Iso lamukela uchungechunge lwemifanekiso ebonakalayo. Lokukhanya kuqondiswa ezigidini zamangqamuzana okwamukela inzwa ethile, endaweni eyamukela imifanekiso leyo esabela emisebeni yokukhanya ngokuveza izimpawu ezisagesi. Ioptic nerve ithatha lezimpawu iziyise engqondweni, lapho zihunyushwa khona njengezinto ezibonakalayo.
Indlebe inezinwedlana ezincane ezisengxenyeni yayo engaphakathi ezinyakanyakazayo lapho zicosha amaza omsindo. Khona-ke zingenisa ukwaziswa okuhamba ngogesi lokho ingqondo yethu ekuhumusha njengomsindo.
Ukuthinta kuwumuzwa oncike emangqamuzaneni amancane asesikhunjeni asabela ekuthintweni. Ngokusobala, amangqamuzana asabela ezintweni ezihlukene yiwo abangela imizwelo ehlukahlukene yokuthintwa, ubuhlungu, ukubanda, nokushisa.
Ukunambitha kuwumuzwa owenziwa ube nokwenzeka izihloko zezinzwa ezincane kakhulu ezibizwa ngokuthi izinzwa zokunambitha. Ngalezinzwa ezisolimini ngokuyinhloko, futhi zikhonyana nakwezinye izindawo zomlomo, singajabulela ukudla kwethu neziphuzo.
Ukuhogela kuhlobene eduze nokunambitha. Ukusabela okusheshayo okuyingqayizivele kwamangqamuzana amukela izinto asophahleni lomgudu wamakhala kwenza akwazi ukuzwa imolecule eyodwa nje yezinto ezinukayo ezisezingxenyeni eziyizi-1 000 000 000 000 zomoya! Kodwa ukuthi lamangqamuzana awezwa kanjani amaphunga futhi adlulisele izimpawu zemizwa engqondweni kusabadida abacwaningi.
Ngempela, izinzwa zethu ziyizipho eziphawulekayo. Nokho, kwenzekani lapho zikhubazeka? Sibhekana kanjani nakho? Yini esingayenza?