Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 3/10 k. 9
  • Imvelo Yaba Nakho Kuqala

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Imvelo Yaba Nakho Kuqala
  • I-Phaphama!—2010
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukuphenya Izimfihlakalo Zokufuduka
    I-Phaphama!—1995
  • Isimiso Esizithungathela Indlela
    I-Phaphama!—2010
  • Isimiso Sokuthungatha Indlela Sofudu Lwasolwandle
    I-Phaphama!—2011
  • Izifundo Esizithola Ezinyonini Zezulu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Yomphakathi)—2016
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2010
g 3/10 k. 9

Imvelo Yaba Nakho Kuqala

“Ngisho nonogolantethe emazulwini—uzazi kahle izikhathi zakhe ezimisiwe.”—Jeremiya 8:7.

UJEREMIYA wabhala ngokufuduka kukanogolantethe eminyakeni engaphezu kwengu-2 500 edlule. Namuhla, kusabamangaza abantu ukufuduka kwezinhlanzi ezinjengama-salmon, ezihamba izinkulungwane zamakhilomitha olwandle bese zibuyela emfuleni ezazalelwa kuwo kanye nezimfudu zasolwandle okuthiwa ama-leatherback nazo ezihamba ibanga elimangalisayo. Olunye olwazalela e-Indonesia kwatholakala ukuthi lwaluhambe amakhilomitha angu-20 000 lusuka ogwini lwase-Oregon e-United States. Lezi zimfudu ngokuvamile zibuyela emuva e-Indonesia endaweni efanayo ziyozalela futhi.

Ezinye izilwane zingakwazi ukuphinde zibuyele ekhaya, okuyikhono elidlula ngisho elabantu abafudukayo. Ngokwesibonelo, abahloli bathatha ama-albatross angu-18 ngendiza bewasusa esiqhingini esincane esiphakathi nePacific Ocean bawayisa ezindaweni ezihlukahlukene eziqhele ngezinkulungwane zamakhilomitha base bewadedela—amanye eduze kosebe olungasentshonalanga yolwandle amanye eduze nolungasempumalanga. Phakathi namasonto ambalwa alandela, iningi lalezi zinyoni lase libuyele ekhaya.

Kwathathwa amajuba ayiswa endaweni angayazi eqhele ngamakhilomitha angu-150 alaliswa noma afakwa emigqonyeni ephenduphendukayo, kodwa ngemva kokujikajika emoyeni izikhathi ezimbalwa akwazi ukuthola ukuthi akuphi abe esephenduka abuyela ngqo ekhaya. Njengoba amajuba ekwazi ukuthola indlela ephindela ekhaya ngisho noma efakwe izibuko ezilufifi, abacwaningi bakholelwa ukuthi akwazi ukuthola ukuthi akude kangakanani nekhaya ngokuthola imikhondo ebalulekile akwazi ngayo ukuthola indlela.

Izimvemvane okuthiwa ama-monarch ezisendaweni enkulu eseNyakatho Melika zihamba ibanga elingaphezu kwamakhilomitha angu-1 000 ziya endaweni encane eseMexico. Ngisho noma zingakaze ziye eMexico, ziyayithola indlela eya khona, futhi ngokuvamile ziya kulezo zihlahla okhokho bazo ababehlala kuzona. Kusabadida abacwaningi ukuthi izimvemvane zikwenza kanjani lokhu.

Njengoba imishini yesimiso sokuthungatha indlela ingase incike ngokuphelele eziphuphuthekini, izilwane eziningi zibonakala zikwazi ukusebenzisa amasu ahlukahlukene okuthola indlela—kusukela ekubukeni izimpawu zendawo nelanga ukuze zithole umkhondo wamandla kazibuthe womhlaba, iphunga ngisho nemisindo. Isazi sesayensi yezinto zemvelo uJames L. Gould sithi: “Izilwane, ukuphila kwazo okuncike ekubeni nolwazi olunembile lokuthungatha indlela, zonke zenziwe ngokumangalisayo ngendlela efanayo. . . . Ngokuvamile zihlale zihlome ngamasu ahlukahlukene—okuthi uma kwenzeka leli lihluleka zisebenzise elinye, nalo okungenzeka lizinikeze ukwaziswa okunokwethenjelwa ezingakusebenzisa.” Le ndlela yezilwane yokuthungatha eyinkimbinkimbi isaqhubeka ibamangalisa abacwaningi.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela