Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 3/10 kk. 18-21
  • Ingabe Akulungile Ukufuna Isikhathi Sokuba Wedwa?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingabe Akulungile Ukufuna Isikhathi Sokuba Wedwa?
  • I-Phaphama!—2010
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Lapho Ufuna Ukuba Wedwa
  • Lapho Uba Nabangane
  • Wena Nesikhathi Sokuba Wedwa
  • Ingabe Akulungile Ukufuna Isikhathi Sokuba Ngedwa?
    Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo, Umqulu 1
  • Kungani Ngingenakuba Nesikhathi Esengeziwe Sokuba Ngedwa?
    I-Phaphama!—1988
  • Yini Engingayenza Ukuze Abanye Bahloniphe Izindaba Zami Nezinto Zami?
    Intsha Iyabuza
  • Ngingasithola Kanjani Isikhathi Esengeziwe Sokuba Ngedwa?
    I-Phaphama!—1988
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2010
g 3/10 kk. 18-21

Intsha Iyabuza

Ingabe Akulungile Ukufuna Isikhathi Sokuba Wedwa?

Faka u- ✔ eceleni kwendlela okungenzeka usabele ngayo kulezi zehlakalo ezilandelayo.

1. Usekamelweni lakho futhi uvale umnyango, bese udadewenu noma umfowenu avele agulukudele ngaphandle kokungqongqoza.

◯ ‘Akunankinga . . . nami ngenza okufanayo kubona.’

◯ ‘Uyadelela! Kuthiwani ukube ungene ngisagqoka?’

2. Ukhuluma nomngane wakho ocingweni futhi umama wakho useduze, elalele yonke ingxoxo.

◯ ‘Akunankinga . . . akukho engikufihlayo.’

◯ ‘Akungiphathi kahle lokho! Ngizwa sengathi kukhona ongilandelelayo!’

3. Usanda kufika ekhaya, futhi bobabili abazali baqala ukukuthela ngethala lemibuzo. “Uvelaphi? Ubuwenzani? Ubuhamba nobani?”

◯ ‘Akunankinga . . . vele ngijwayele ukubatshela yonke into.’

◯ ‘Kuyangicasula! Abazali bami abangithembi!’

LAPHO useyingane, ukuba nesikhathi sakho wedwa kwakuyinto engabalulekile kangako. Wawungenandaba nokungena kwezingane zakini ekamelweni lakho zingangqongqozanga. Uma abazali bakho bekubuza umbuzo, wawuphendula ngaphandle kokungabaza. Ngaleso sikhathi, ukuphila kwakho kwakungenamfihlo. Manje kungase kube nezikhathi lapho ufisa sengathi ungaba wedwa. UCorey oneminyaka engu-14 uthi, “Ngiyathanda ukugcina izinto ezithile ziyimfihlo.”a

Yini manje esikwenza ube nesifiso sokuba wedwa? Phakathi kokunye, ukuthi uyakhula. Ngokwesibonelo, ushintsho olwenzeka emzimbeni wakho phakathi nenkathi yokuqhuma kobusha lungakwenza ukhathazeke ngendlela obukeka ngayo—ngisho naphambi kwabantu bakini. Njengoba ukhula, uqala ukuba nanomuzwa ongakaze ube nawo wokufuna ukucabanga ngezinto uwedwa. Lokhu kuwuphawu lokuthi usuqala ukuba “nekhono lokucabanga”—imfanelo iBhayibheli eliyitusa kakhulu kumuntu osemusha. (IzAga 1:1, 4; Duteronomi 32:29) Ngisho noJesu waya “endaweni engenabantu” ukuze azindle.—Mathewu 14:13.

Kuyiqiniso ukuthi usengaphansi kwegunya labazali bakho, futhi banelungelo lokwazi ukuthi kwenzekani ekuphileni kwakho. (Efesu 6:1) Kodwa kungase kube nokungqubuzana phakathi kwesidingo sabo sokwazi kanye nesakho sokukhula. Ungabhekana kanjani nale nselele? Ake sicabange ngezimo ezimbili lapho kungaphakama khona izinkinga.

Lapho Ufuna Ukuba Wedwa

Kunezizathu eziningi zokuba ufune ukuba wedwa. Mhlawumbe ufuna nje ‘ukuphumula kancane.’ (Marku 6:31) Noma, njengoba nje uJesu ayala abafundi bakhe, lapho ufuna ukuthandaza, “ngena ekamelweni lakho, futhi ngemva kokuvala umnyango, uthandaze kuYihlo.” (Mathewu 6:6; Marku 1:35) Inkinga iba ukuthi, lapho uvala umnyango wekamelo lakho (uma unalo), abazali bakho bangase bangacabangi ukuthi uyathandaza! Izingane zakini nazo zingase zingazi ukuthi kunini lapho ufuna ukuba wedwa nje.

Ongakwenza. Kunokuba ulwe nabo ngoba ufuna ukuba wedwa, yenza okulandelayo.

● Uma kuziwa ezinganeni zakini, zama ukubeka imithetho embalwa engacindezeli ukuze ukwazi ukuba nesikhathi sakho. Uma kudingeka, zama ukuthola ukuthi abazali bakho bangakusiza yini kulokhu.

● Uma kuziwa kubazali bakho, lwela ukuqonda umbono wabo. URebekah oneminyaka engu-16 uthi, “Ngezinye izikhathi, abazali bami baba neso elibukhali. Kodwa eqinisweni, nami bengingaba neso elibukhali enganeni yami esakhula ukube bengingumzali—ikakhulukazi njengoba ngizazi izilingo intsha ebhekana nazo namuhla!” NjengoRebekah, ungazama yini ukubona isizathu sokukhathazeka kwabazali bakho?—IzAga 19:11.

● Zibuze ngobuqotho: ‘Ingabe ikhona into engalungile engiyenzayo engenza abazali bami basole uma ngivale umnyango? Ingabe ngizifihla kakhulu izinto ezenzeka ekuphileni kwami kangangokuba abazali bami kudingeka benze amasu athile ukuze bazi okuthile ngami?’ Ngokuvamile, uma uxoxa ngokukhululekile nabazali bakho, ngeke babe nezinsolo ezinkulu.b

Engizokwenza. Ngezansi, bhala ongase ukusho lapho uxoxa nabazali bakho ngale ndaba.

․․․․․

Lapho Uba Nabangane

Phakathi nenkathi yokuqhuma kobusha, kuyinto evamile ukwakha ubungane nabantu abangewona amalungu omkhaya. Kuvamile ngabazali ukuba bakhathazeke ngokuthi bangobani abangane bakho nokuthi wenzani nabo. Kubazali bakho, lokhu kuyingxenye yomsebenzi wabo—yinqubo eyaziwayo. Nokho, kuwena ukukhathazeka kwabazali bakho kungase kubonakale kuwukweqisa. U-Amy oneminyaka engu-16, uthi, “Ngifuna ukusebenzisa umakhalekhukhwini ne-e-mail yami ngaphandle kokuba abazali bami belokhu bengigadile, bebuza ukuthi ngikhuluma nobani.”

Ongakwenza. Kunokuba ubangele ukuba abangane bakho babe umgoqo phakathi kwakho nabazali bakho, zama okulandelayo.

● Kwenze kucace ukuthi obani abangane bakho, futhi uqiniseke ukuthi abazali bakho babazi kahle. Empeleni, ungase ungathandi uma abazali bakho bekunaka kakhulu, kodwa kufanele benze njani uma bengabazi abangane bakho? Khumbula, abazali bakho bayazi ukuthi abangane obakhethayo bayokuthonya kakhulu. (1 Korinte 15:33) Uma abazali bakho bebazi kangcono abantu ochitha nabo isikhathi sakho, bayokhululeka nakakhulu ngohlobo lwabantu obakhetha njengabangane.

● Khuluma ngenhlonipho nabazali bakho ngale ndaba. Ungabagxeki ngokuthi bagxambukela ezindabeni zakho. Kunalokho, ungase uthi, “Nginomuzwa wokuthi yonke into engiyikhuluma nabangane bami iyacutshungulwa bese yahlulelwa. Kunzima ngisho nokuxoxa nabo.” Mhlawumbe abazali bakho bayokunika isikhathi esengeziwe sokuba wedwa nabangane bakho.—IzAga 16:23.

● Thembeka kuwe ngokwakho: Ingabe inkinga iyisikhathi sokuba ngedwa noma ukufihla izinto? UBrittany, oneminyaka engu-22, uthi: “Uma uhlala ekhaya futhi abazali bakho bekhathazeka, kufanele ucabange ngale ndlela, ‘Engikwenzayo akukubi, ngakho kungani kufanele ngikufihle?’ Ngakolunye uhlangothi, uma kudingeka ufihle, kukhona okushaya amanzi.”

Engizokwenza. Ngezansi, bhala ongase ukusho lapho uxoxa ngale ndaba nabazali bakho.

․․․․․

Wena Nesikhathi Sokuba Wedwa

Manje uzoba nethuba lokucabanga ngezisombululo zesimo esithile esikukhathazayo ngendaba yokuba wedwa.

Isinyathelo 1: Thola inkinga.

Isiphi isimo onomuzwa wokuthi ungathanda ukuba nesikhathi sokuba wedwa kakhudlwana kuso?

Isinyathelo 2: Cabangela umbono wabazali bakho.

Ucabanga ukuthi iyini imbangela yokukhathazeka kwabo?

․․․․․

Isinyathelo 3: Thola izisombululo.

(a) Cabanga ngendlela okungenzeka ukuthi ubangela ngayo inkinga ungaqondile, bese uyibhala ngezansi.

․․․․․

(b) Yiluphi ushintsho ongase ulwenze ngokuphathelene nempendulo engenhla?

․․․․․

(c) Iyiphi indlela ongathanda ukuba abazali bakho basingathe ngayo izinto ezikukhathazayo?

․․․․․

Isinyathelo 4: Khuluma ngakho.

Ngesikhathi esifanele, xoxa nabazali bakho ngalokho okubhale ngenhla.

Izihloko ezengeziwe zochungechunge oluthi “Intsha Iyabuza” zingatholakala engosini ye-Internet ethi www.watchtower.org/ype

[Imibhalo yaphansi]

a Amanye amagama akulesi sihloko ashintshiwe.

b Uma ubona sengathi abazali bakho abakakwethembi, ngesizotha nangenhlonipho batshele indlela ozizwa ngayo. Zilalelisise ngempela izinto ezibakhathazayo futhi uqiniseke ukuthi akukho lutho olwenzayo olungaba nomthelela kule nkinga.—Jakobe 1:19.

OKUDINGA UKUCATSHANGELWA

● Kungani abazali benelungelo lokufuna ukwazi ngokuphila kwakho?

● Umzamo wakho wokwakha ikhono lokukhuluma nabazali bakho ungakusiza kanjani ekukhulumeni kahle nabanye abantu abadala kamuva ekuphileni?

[Ibhokisi/Izithombe ekhasini 19]

LOKHO OKUSHIWO ONTANGA YAKHO

“Uma abasha bekhuluma ngokukhululekile nabazali babo ngezinto, ngeke abazali babe nesizathu sokufunda ama-e-mail nemiyalezo yabo yomakhalekhukhwini ukuze bathole ukuthi kuqhubekani ekuphileni kwabo.”

“Bengingeke ngicasuke uma abazali befunda ama-e-mail ami. Uma umqashi enelungelo lokuhlola ama-e-mail ezisebenzi zakhe, kungani abazali kungafanele bahlole ama-e-mail ezingane zabo?”

“Abazali abafuni kwenzeke lutho kuwena futhi ngezinye izikhathi kungase kubonakale sengathi bazigaxa ezindabeni zakho. Lokho kubonakala kungalungile. Kodwa uma ngikhuluma iqiniso, nami ukube bengingumzali, bengiyokwenza okufanayo.”

[Izithombe]

U-Eden

UKevin

U-Alana

[Ibhokisi ekhasini 21]

OKUFANELE KUPHAWULWE ABAZALI

● Indodana yakho izivalele ekamelweni layo. Ingabe kuyafaneleka ukuvele ungene ungangqongqozanga?

● Indodakazi yakho ikhohlwe umakhalekhukhwini wayo njengoba iphuthuma esikoleni. Ingabe kufanele ufunde imiyalezo yayo?

Akulula ukuphendula le mibuzo. Ngakolunye uhlangothi, unalo ilungelo lokwazi ukuthi kwenzekani ekuphileni kwengane yakho futhi unesibopho sokuyivikela. Kanti ngakolunye uhlangothi, ngeke uyigade phakade, uhlale unezinsolo ngakho konke ekwenzayo. Ungakwenza kanjani-ke lokhu ngokulinganisela?

Okokuqala, qaphela ukuthi isifiso sengane yakho sokuba yodwa asilona uphawu ngaso sonke isikhathi lokuthi kukhona okushaya amanzi. Ngokuvamile, kuyingxenye yokukhula. Ithuba lokuba abasebasha babe bodwa ‘livivinya ukuvuthwa kwabo’ njengoba bezakhela ubuhlobo futhi becabanga ngezinkinga zabo besebenzisa ‘amandla abo okucabanga.’ (Roma 12:1, 2) Isikhathi sokuba bodwa sisiza abasha ukuba bathuthukise ikhono labo lokucabanga—okuyimfanelo ebalulekile ukuze babe abantu abadala abanokwethenjelwa. (1 Korinte 13:11) Kubanikeza nethuba lokuzindla ngaphambi kokuphendula imibuzo enzima.—IzAga 15:28.

Okwesibili, qaphela ukuthi ukunaka izinto ezincane ezenzeka ekuphileni kwengane yakho kungayenza icasuke futhi ivukele. (Efesu 6:4; Kolose 3:21) Ingabe lokhu kusho ukuthi kufanele uyekelele? Cha, ngoba usengumzali. Kodwa, umgomo uwukuba ingane yakho ibe nonembeza oqeqeshekile. (Duteronomi 6:6, 7; IzAga 22:6) Ekugcineni, ukuqondiswa kusebenza kangcono kunokugadwa.

Okwesithathu, xoxani ngale ndaba nengane yakho. Lalela izinto eziyikhathazayo. Ingabe zikhona izikhathi lapho kuyodingeka uvumelane khona nesimo? (Filipi 4:5) Yitshele ukuthi uyoyinikeza inkululeko yokuzenzela izinto yodwa ngezinga elithile uma nje ingakudumazanga. Yisho imiphumela yokungalaleli futhi wenze ngokuvumelana nayo uma kufanele. Qiniseka ukuthi ungayinika ingane yakho inkululeko yokuba yodwa ngaphandle kokulahla indima yakho njengomzali okhathalelayo.

[Isithombe ekhasini 20]

Ukwethenjwa kufana nomholo—kufanele kusetshenzelwe

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela