Isahluko 15
Ingabe Akulungile Ukufuna Isikhathi Sokuba Ngedwa?
Faka u-✔ eceleni kwendlela ongazizwa ngayo kulezi zimo ezilandelayo:
1. Usekamelweni lakho, umnyango uvaliwe, kungena ingane yakini iphonseka ingazange ingqongqoze.
□ ‘Akunankinga. Nami ngezinye izikhathi ngiyangena ekamelweni lakhe ngingangqongqozanga.’
□ ‘Yaze yadelela! Ibizokwenzenjani ukube bengingagqokile?’
2. Usanda kungena endlini, bobabili abazali bakho baqala ukukuhloma imibuzo. “Ubukuphi? Ubuyokwenzani? Ubuhamba nobani?”
□ ‘Akunankinga. Ngivame ukubatshela yonk’ into.’
□ ‘Hawu bakithi! Abazali bami abangethembi!’
NGESIKHATHI usemncane, cishe wawungenandaba nokuba nesikhathi sokuba wedwa. Uma ingane yakini encane ingena iphonseka ekamelweni lakho, wawungabi nankinga. Uma abazali bakho bekubuza umbuzo, wawuwuphendula ngaphandle kwenkinga. Ngaleso sikhathi, wawungafihli lutho. Manje ungase ufise ukugcina ezinye izinto ziyimfihlo. “Ngiyathanda ukuba kube nezinto engizigcina kimi,” kusho uCorey oneminyaka engu-14. Asibheke izimo ezimbili lapho kungase kube nzima khona lokhu.
Lapho Ufuna Ukuba Wedwa
Ziningana izizathu ezizwakalayo zokufuna ukuba wedwa. Mhlawumbe ufuna ‘ukuphumula kancane.’ (Marku 6:31) Noma, lapho ufuna ukuthandaza, ungase “[ungene] ekamelweni lakho, futhi ngemva kokuvala umnyango, uthandaze kuYihlo,” njengoba uJesu atshela abafundi bakhe. (Mathewu 6:6; Marku 1:35) Inkinga iwukuthi lapho uzivalela ekamelweni lakho (uma unalo), abazali bakho bangase bangacabangi ukuthi uyathandaza! Kanti nezingane zakini zingase zingakuqondi lapho uthi ufuna ukuba wedwa.
Ongakwenza. Kunokuba ulwe nabanye ngoba ufuna ukuba wedwa, yenza okulandelayo:
● Ngokuqondene nezingane zakini, zibekele imithetho enengqondo ukuze ukwazi ukuba nesikhathi sokuba wedwa. Uma kudingeka, cela abazali bakho bakusize ngalokhu.a
● Ngokuqondene nabazali bakho, zama ukuqonda umbono wabo. “Ngezinye izikhathi abazali bami bayabheka ukuthi ngenzani,” kusho uRebekah oneminyaka engu-16. “Kodwa uma ngikhuluma iqiniso, ukube bengingumzali bengizoyihlola ingane yami ukuthi yenzani—ikakhulukazi njengoba ngizazi izilingo intsha ebhekana nazo namuhla!” NjengoRebekah, ungathola yini ukuthi abazali bakho bakhathazwa yini ngempela?—IzAga 19:11.
● Zibuze ngobuqotho: ‘Kukhona yini engikwenzayo okwenza abazali bami bacabange ukuthi ngiyaganga lapho ngizivalele ekamelweni? Ingabe kunezinto engizifihlayo ngokuphila kwami ezibenza bafune izindledlana zokuthola ukuthi ngenzani?’ Uma impendulo yakho kule mibuzo ingucha kodwa abazali bakho bebonakala bengakwethembi, batshele ngomoya ophansi nangenhlonipho ukuthi uzizwa kanjani. Lalelisisa ukuthi yini ebenza bakhathazeke, uqiniseke ukuthi akukho okwenzayo okubenza bakusole.—Jakobe 1:19.
Lapho Wakha Abangane
Lapho usakhula, kuvamile ukuba wakhe ubungane nabantu okungebona abakini. Kuvamile nokuba abazali bakho bazibuze ukuthi obani abangane bakho nokuthi wenzani lapho unabo. Kodwa ngezikhathi ezithile ungase ubone sengathi bakhathazeka ngokweqile. “Ngifuna ukusebenzisa umakhalekhukhwini ne-e-mail yami ngaphandle kokuba abazali bami balokhu bengigadile, bebuza ukuthi ngikhuluma nobani,” kusho u-Amy oneminyaka engu-16.
Ongakwenza. Kunokuba uvumele abangane bakuhlukanise nabazali bakho, zama okulandelayo:
● Yisho ukuthi obani abangane bakho, uqiniseke nokuthi abazali bakho bayajwayelena nabo. Angithi ungase ungathandi lapho abazali bakho belokhu bekubuza imibuzo ngabo, manje uthi abenzenjani uma bengabazi? Khumbula, uma abazali bakho bebazi abantu ochitha isikhathi nabo, cishe bayokhululeka ngohlobo lwabangane olukhethayo.
● Thembeka kuwe ngokwakho: Ingabe inkinga iwukuba nesikhathi sokuba wedwa noma iwukuthi kunezinto ozifihlayo? UBrittany oneminyaka engu-22 uthi: “Uma uhlala ekhaya bese kuba nento ekhathaza abazali bakho, kufanele uzibuze, ‘Engikwenzayo akukubi, pho kungani kufanele ngikufihle?’ Ngakolunye uhlangothi, uma kudingeka ukufihle, kusho ukuthi kukhona okushay’ amanzi.”
Isikhathi Sokuba Wedwa Nawe
Manje uzoba nethuba lokucabanga ngezixazululo zesimo esithile esikukhathazayo ngendaba yokuba wedwa. Emigqeni engezansi, bhala izimpendulo zemibuzo elandelayo:
Isinyathelo Sokuqala: Thola ukuthi inkinga iyini. Yiziphi izinto ongathanda ukuzigcina kuwe ungazikhulumi?
․․․․․
Isinyathelo Sesibili: Cabangela umbono wabazali bakho. Ucabanga ukuthi yini ngempela ebenza bakhathazeke?
․․․․․
Isinyathelo Sesithathu: Thola izixazululo. Iyiphi indlela ongase wenze ngayo le nkinga ibe yimbi kakhulu ungahlosile? Iziphi izinguquko ongazenza maqondana nenkinga oyibhale ngenhla? Yini ongathanda abazali bakho bayenze ngalokho okukukhathazayo?
․․․․․
Isinyathelo Sesine: Khuluma. Chaza indlela ongaqala ngayo ingxoxo ephathelene nokuba wedwa nabazali bakho.
․․․․․
Ingabe omunye wabazali bakho useshonile? Uma kunjalo, ungayitholaphi induduzo?
[Umbhalo waphansi]
a Ukuze uthole amaphuzu engeziwe, bheka iSahluko 6 sale ncwadi.
UMBHALO OYINHLOKO
“Yenza konke okusemandleni akho ukuba uzinikele wamukeleka kuNkulunkulu, isisebenzi esingenamahloni ngalutho.”—2 Thimothewu 2:15.
ICEBISO
Lapho ukhuluma nabazali bakho ngesikhathi sokuba wedwa, ungakhonondi. Batshele okukukhathazayo. Uyini umehluko? Uma ukhononda ubatshela lokho ocabanga ukuthi bakwenza kabi. Uma usho okukukhathazayo, wenza nikwazi ukuthola izixazululo.
UBUWAZI . . .?
Uma ungabafihleli izinto abazali bakho, ngeke basole lutho ngawe.
ENGIZOKWENZA!
Ukuze ngenze abazali bami bangethembe (noma baphinde bangethembe), ngizo- ․․․․․
Engingathanda ukukubuza umzali wami (abazali) ngale ndaba ․․․․․
UCABANGANI?
● Kungani abazali bakho benelungelo lokufuna ukwazi ngokuphila kwakho?
● Imizamo yakho yokuthuthukisa ikhono lokukhulumisana nabazali bakho ingakusiza kanjani ekukhulumeni nabanye abantu abadala lapho usukhulile?
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 108]
“Abazali abafuni wehlelwe izinto ezimbi, futhi ngezikhathi ezithile ungabona sengathi bazigaxa ezindabeni zakho. Kubonakala kuwukungacabangeli. Kodwa iqiniso liwukuthi ukube bengingumzali, cishe bengiyokwenza okufanayo.’’—U-Alana
[Isithombe ekhasini 109]
Ukwethenjwa kufana nomholo—kumelwe ukusebenzele