Ukubuka Okwezwe
“Abantu abangabhemi, abavivinya umzimba nabaphuza uphuzo oludakayo ngokulinganisela futhi badle izithelo noma imifino kahlanu ngosuku, ngokwesilinganiso baphila isikhathi eside ngeminyaka engu-14, kunalabo abangazenzi lezi zinto.” Lesi siphetho sisekelwe ocwaningweni lweminyaka engu-11 olwenziwa kubantu abangu-20 000.—I-UC BERKELEY WELLNESS LETTER, E-U.S.A.
“Ukufunda izincwadi yindlela ezedlula zonke yokuphumula. . . . Ngisho nokufunda imizuzu eyisithupha kunganciphisa ukucindezeleka ngezinga elingaphezu kwezingxenye ezimbili kwezintathu.”—I-INDIA TODAY INTERNATIONAL, ENDIYA.
“Amathoyizi” Alahliwe
“Isimo somnotho esibi sesibangele ukuba izikebhe eziningi zishiywe dengwane emachwebeni,” kusho i-New York Times lapho ichaza isimo sase-United States. Abanikazi bazo bazisula amagama kanye nezinombolo bese bezilahla noma bazizikise emanzini, ngezinye izikhathi ngoba befuna ukuthola imali yomshuwalense. Kubangelwa yini lokhu? “Abanye basenkingeni efanayo neyabantu abahluleka ukukhokha imali yendlu: bakhokha imali enkulu entweni enenani elinciphayo bese benquma ukungabe besaqhubeka nokukhokha,” kuphawula i-Times, ebiza lezi zikebhe ngokuthi “amathoyizi okubizayo ukuwagcina esesimweni esihle kodwa angasathandwa.” Leli phepha liyachaza: “Abanikazi bazo abasakwazi ukuzidayisa ngoba izitolo zamasekeni sezigcwele. Abakwazi ukuchitha amakhulu ama-dollar ngenyanga bekhokha izindleko zokuzigcina zisesimweni esihle zibe zingasetshenziswa. Abanazo nezinkulungwane zama-dollar ezifunekayo ukuze zilahlwe ngendlela efanele.”
Lokho Ojahidada Abakucabangayo Ngokubukeka
Ngisho nezingane ezineminyaka emine “zizama ukulungisa indlela ezibukeka ngayo ukuze zibe nemizimba efiselekayo emphakathini,” kubika i-Sunday Telegraph yaseSydney. Ukuhlola okwenziwa ngemikhuba yokudla nokuvivinya umzimba kojahidada kwembula ukuthi kokubili abafana namantombazane babekhathazeka ngobukhulu bemizimba yabo—amantombazane ekhathazeka ngokunciphisa umzimba, abafana ngokuba yizidlakela. Abaqondisi balokhu kuhlola bathi, “Kubonakala sengathi ukukhathazeka kwezingane ngendlela ezibukeka ngayo zikuthatha konina abahlale benganeliseki ngemizimba yabo.”
Izingane Ezithenga Nge-Internet
I-Daily Telegraph yaseLondon ibika ukuthi: “Ingxenye eyodwa kwezinhlanu yezingane [e-United Kingdom] zithenga nge-Internet ngaphandle kwemvume yabazali bazo futhi ingxenye yalezo zingane isebenzisa amakhadi abazali bazo okuthenga ngesikweletu.” Iningi lazo liyazazi izingosi nama-password asetshenziswa abazali bazo lapho bethenga nge-Internet—okwenza kube lula ukuba zithole izinombolo zekhadi lokuthenga ngesikweletu labazali bazo. Bambalwa abazali abacabanga ukuthi izingane zabo zingakwazi ukuthenga nge-Internet ngaphandle kwemvume yabo. Kukhona “umehluko ophawulekayo” phakathi kwalokho abazali abacabanga ukuthi izingane zabo ziyakwazi nalokho ezikwazi ngempela, kuphawula lo mbiko. Phakathi kwezinye izinto, le ndlela yokuziphatha ichaya abazali engozini yokugetshengwa. Iseluleko esiya kubazali abathenga nge-Internet siwukuthi: “Gwema ukugcina kuyi-Internet imininingwane yekhadi lasebhange noma lokuthenga ngesikweletu,” sebenzisa kuphela izingosi ze-Internet ezithembekile futhi “zivale uma usuqedile ukuzisebenzisa.”