Ingabe Lwaklanywa?
Uqhwaku Lwesivuba
● Njengoba sihamba ngesivivini esingaba amakhilomitha angu-300 ngehora, isitimela saseJapane okuthiwa i-bullet train singesinye sezitimela ezinejubane kakhulu emhlabeni. Ngokwengxenye sinejubane ngenxa yenyoni encane okuthiwa isivuba. Kungani sisho kanjalo?
Cabangela lokhu: Lapho sifuna ukudla okwehl’ esiphundu, isivuba singatshuza singene emanzini ngaphandle kokuwashaya. Lelo qiniso lamthakazelisa u-Eiji Nakatsu, unjiniyela owayeqondisa ukuhlolwa kwe-bullet train. Wazibuza ukuthi isivuba sivumelana kanjani nezimo ngokushesha kangaka lapho sisuka emoyeni olula siyongena emanzini asindayo. Ukuthola impendulo kwakuyisihluthulelo sokuxazulula inkinga eyinqaba lesi sitimela esasinayo. UNakatsu uyachaza: “Lapho isitimela singena emhubheni omncane ngesivinini, lokhu kwakha amaza omfutho womoya aya ngokwanda aze afane namagagasi olwandle. La maza afinyelela emhubheni ngesivinini somsindo ovala izindlebe, ubangele ukundindizela okukhulu kangangokuba izakhamuzi ezihlala endaweni eqhele ngamamitha angu-400 zakhononda kumasipala.”
Kwenziwa isinqumo sokwenza ingaphambili lalesi sitimela lifane noqhwaku lwesivuba. Waba yini umphumela? Lesi sitimela manje sesinejubane eliphindwe ngamaphesenti ayishumi kunangaphambili futhi sisebenzisa amandla ancishiswe ngamaphesenti angu-15. Ngaphezu kwalokho, umfutho womoya obangelwa yilesi sitimela usunciphe ngamaphesenti angu-30. Ngenxa yalokho, awusekho umsindo ovala izindlebe lapho singena emhubheni.
Ucabangani? Ingabe uqhwaku lwesivuba lwaba khona ngengozi? Noma ingabe lwaklanywa?
[Imithombo Yesithombe ekhasini 29]
Kingfisher diving: Woodfall/Photoshot; bullet train: AP Photo/Kyodo