Ivuba Elimibalabala
OKUTHILE okunjengonyazi oluluhlaza oluxhophayo, kutshuza kungene emfudlaneni bese kuphinde kuphuma ngokushesha, kushaye amaphiko akho kundizele phezulu nenhlanzi okuyibambe ngoqhwaku. Lena indlela abantu abavame ukuphawula ngayo uma beqala ukubona ivuba, inyoni emibalabala enekhanda noqhwaku olukhulu ngokuphawulekayo. Nokho, naphezu kwegama layo (kingfisher), akuwona wonke amavuba adla izinhlanzi. Ezinye izinhlobo zawo zithanda izibankwa, izinyoka, izinkalankala ngisho nezinambuzane—zona avame ukuzibamba lapho zindiza. Ngaphezu kwalokho, ingxenye eyodwa kwezintathu zamavuba akhona emhlabeni ahlala eduze kwamanzi. Izindawo zawo zokuhlala zihlanganisa amahlathi emvula aminyene asezindaweni ezishisayo, iziqhingi zama-coral nezingwadule. Elinye ivuba elihlala ogwadule yileli elibizwa ngokuthi i-red-backed kingfisher, elihlala ezindaweni ezomile ezimaphakathi ne-Australia.
Lezi nhlobo ezibamba izinhlanzi zingompetha kulokho. Ngokuvamile, le nyoni ibuka phansi ngesineke iphezulu. Uma ibona inhlanzi, ilungela ukutshuzela emanzini, isebenzisa umzwelo ongokwemvelo ukuthola ukuthi inhlanzi ikuphi ngempela, ngoba inhlanzi ingase ingabonakali kahle emanzini. Inyoni ibe isitshuzela emanzini, ibhakuzise amaphiko ayo ukuze isheshe kakhudlwana. Uma inhlanzi ingekho emanzini ajulile, ingavele iyicakule. Uma ikude, inamathelisa amaphiko kuyo okuyenza imise okukacija bese itshuza ingena emanzini. Incwadi ethi The Life of Birds ithi: “Lokhu kuwukubonakaliswa kwekhono okumangalisayo ekwenza ngaphandle kokunqikaza noma ukwenza iphutha.” Amavuba angakwazi ukubamba izinhlanzi ezingaphezu kweyodwa ngesikhathi! Kanti ezindaweni ezibandayo amanye ake abonakala etshuza ebhodloza iqhwa elingaqinile kakhulu ukuze athole ukudla kwawo. E-Australia ivuba elibizwa ngokuthi i-azure kingfisher liye labonakala libamba izilwanyana zasemanzini ezaziphazanyiswa ama-platypus afuna ukudla ngaphansi kwamanzi.
Ukuqomisana Nokwakha Ikhaya
Imikhuba yokuqomisana kwamavuba ingathakazelisa ngempela. Ezinye izinhlobo zawo uma zisashelana zijahana emoyeni, ngemva kwalokho eleduna liveza ikhono lalo lokwakha isidleke. Le mikhuba ingase ihlanganise ukufunzana, eleduna lingase libonise ukufaneleka kwalo ngokunika elensikazi ucezwana lokudla.
Amavuba awakhi izidleke zezinyoni ezivamile. Amanye akha izidleke ekupheleni kwemihume angase azimbele yona ngasosebeni lomfula, emihosheni noma emigodini enamatshe. Amanye akha izidleke emigodini yonogwaja noma embotsheni esesihlahleni.
Ukuze lakhele emgodini, ivuba lingase limbe umgodi ongaba yimitha ubude. Kodwa ukuqala ukumba kungaba yinselele. Izinhlobo eziningana zamavuba le nkinga ziyinqoba ngokundiza ziqonde ngqo osebeni lomfula abese ekhiphela lonke uqhwaku lwawo ngaphandle—okuyindlela eyingozi kakhulu engase iyenze idiyazele noma iyibulale nokuyibulala inyoni! Emahlathini emvula asezindaweni ezishisayo eNew Guinea nasenyakatho ye-Australia, ivuba elibizwa ngokuthi i-paradise kingfisher livame ukumba umgodi esidulini somuhlwa. Kubonakala sengathi lezi zinambuzane azinankinga ngalokho, lo monakalo uyalungiswa lapho izinyoni sezihambile ngemva kokuzalela.
Ukuba abazali nakho kungaba umsebenzi onzima emavubeni. Owayebuka izinyoni e-Afrika wabona umbhangqwana ulethela amaphuphu awo amahlanu izinhlanzi ezingaba ngu-60 kuya ku-70 zonke izinsuku, ngaphandle kwalezo ezazidliwa yiwo. Kwesinye isenzakalo, eleduna lakwazi ukunakekela amaphuphu alo ngisho noma umlingane walo kwase kuphele izinsuku ezine efile ngaphambi kokuba la maphuphu achanyuselwe. Olunye uhlobo lwalezi zinyoni olungazaleli, lusiza ezizalelayo ekufukameleni amaqanda nasekunakekeleni amaphuphu.
Ukundiza Esuka E-Ireland Eya ESolomon Islands
Kunezinhlobo eziningi zamavuba abizwa ngokuthi i-common kingfisher asuka e-Ireland esenyakatho yeYurophu neRussia kuya eSolomon Islands eseningizimu-mpumalanga. Ngenxa yokuthi izindawo ahlala kuzo zihlanganisa izindawo ezibanda kakhulu ebusika, angezinye zezinhlobo ezimbalwa zezinyoni ezifudukela kwamanye amazwe aqhele ngamakhilomitha angaba ngu-3 000. Inani elikhulu lama-common kingfisher, nelalawo abizwa ngokuthi i-pied kingfisher nama-white-throated kingfisher, litholakala e-Israel eduze nolwandle lwaseGalile naseduze koMfula iJordani. Kungenzeka ukuthi uJesu Kristu wayeziqaphela lezi zinyoni nendlela yazo yokuphila.—Bheka ibhokisi elithi “Qaphelisisani Izinyoni Zezulu.”
Elinye ivuba elidume kakhulu elase-Australia elibizwa ngokuthi i-laughing kookaburra. Le nyoni ensundu ecishe ibe ngamasentimitha angu-43 ubude futhi ehlome ngoqhwaku oluqinile olungamasentimitha angu-8, ijwayelekile ezivandeni zakuleli zwe. Njengoba yaziwa “ngohleko” lwayo olukhohlakele, i-kookaburra ingumzingeli onesibindi odla nezinyoka ezingaba ngisho nayimitha ubude!a
Nakuba amavuba enezitha ezimbalwa, inani lawo liyancipha uma imifula ingcola noma amahlathi ahlala kuwo ecekelwa phansi. Yiqiniso, kunezinhlobo ezingu-25 zamavuba ezibhekwa njengezisengozini yokuqothulwa. Kuthenjwa ukuthi iyosiza imizamo yokuzilondoloza lezi zinyoni ezinhle nezithakazelisayo.
[Umbhalo waphansi]
a I-kookaburra enamaphiko aluhlaza okwesibhakabhaka, itholakala kulo lonke elasenyakatho ye-Australia, yona “ayihleki.”
[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 17]
“Qaphelisisani Izinyoni Zezulu”
UJesu Kristu wayeyiqaphela imvelo emzungezile, emifanekisweni yakhe ecatshangelwe kahle wayevame ukusebenzisa izinto ayezibona ukuze afundise amaqiniso okuziphatha nangokomoya. Ngokwesibonelo, uJesu wathi: “Qaphelisisani izinyoni zezulu, ngoba azihlwanyeli mbewu noma zivune noma zibuthele ezinqolobaneni; nokho uYihlo osezulwini uyazondla. Anibalulekile yini nina ngaphezu kwazo?” (Mathewu 6:26) Yeka isifundo esihle sothando lukaNkulunkulu ngabantu nendalo yakhe!
[Isithombe ekhasini 16]