Ukubukeza Komkhaya
Kwenzeka Kuphi?
1. Lesi senzakalo senzeka eduze kwamuphi umuzi?
UMKHONDO: Funda izEnzo 6:7-9; 7:54-60. Kokelezela impendulo yakho ebalazweni.
EDamaseku
EJerusalema
EBhetlehema
2. Ukhandelwani ngamatshe uStefanu?
․․․․․
3. UStefanu unxusa uNkulunkulu ukuba enzeni?
․․․․․
ENINGAXOXA NGAKHO:
Uzizwa kanjani ngendlela uStefanu asabela ngayo kubahlaseli bakhe? Ukube wawunguStefanu, wawuyosabela kanjani futhi ngani?
YINI OYAZIYO NGENKOSI UHEZEKIYA?
4. Wayengubani uyise kaHezekiya?
UMKHONDO: Funda eyesi-2 AmaKhosi 18:1.
․․․․․
5. Nakuba uyise kaHezekiya ayemubi kakhulu, uHezekiya wazenzela liphi idumela?
UMKHONDO: Funda eyesi-2 AmaKhosi 18:5.
․․․․․
ENINGAXOXA NGAKHO:
Yini eyasiza uHezekiya ukuba ahlale eqinile?
UMKHONDO: Funda eyesi-2 AmaKhosi 18:6.
Uma othile emkhayeni eyeka ukukhonza uNkulunkulu, ungamlingisa kanjani uHezekiya?
IZINGANE ZIFUNA IZITHOMBE
Ungakwazi yini ukuthola lezi zithombe kulo magazini? Ngamazwi akho, chaza ukuthi kwenzekani esithombeni ngasinye.
IMIBUZO ESEKELWE KULO MAGAZINI
Phendula le mibuzo, bese ubhala ivesi noma amavesi eBhayibheli afunekayo.
IKHASI 5 Zifakazelani izimiso ezilawula umzimba wakho? IHubo 139:․․․
IKHASI 8 Kungasenzelani ukuthula kukaNkulunkulu? Filipi 4:․․․
IKHASI 13 Ukuphumula ngokwanele kungcono kunani? UmShumayeli 4:․․․
IKHASI 23 Ubani othandwa uNkulunkulu? 2 Korinte 9:․․․
● Izimpendulo zisekhasini 11
IZIMPENDULO ZEMIBUZO ESEKHASINI 31
1. IJerusalema.
2. UStefanu umangalelwa ngokuhlambalaza.
3. Ukuba athethelele abamhlaselayo.
4. INkosi u-Ahazi.
5. Yayingekho inkosi enjengaye ekushisekeleni ukukhulekela kweqiniso.