Ubungaphendula Kanjani?
Yini Engalungile Ngalesi Sithombe?
Phawula izinto ezintathu ezingahambisani nokulandisa kweBhayibheli kuGenesise 7:1-9, 13-16, 23; 8:15-19.
1. ․․․․․
2. ․․․․․
UMKHONDO: Qhathanisa uLevitikusi 11:3 noDuteronomi 14:4.
3. ․․․․․
UMKHONDO: Qhathanisa noDuteronomi 14:7-19.
ENINGAXOXA NGAKO:
Amadodana kaNowa nomalokazana bakhe bamsiza kanjani? Ungazilingisa kanjani izingane zikaNowa?
Imibuzo Esekelwe Kulo Magazini
Phendula le mibuzo, bese ubhala ivesi noma amavesi eBhayibheli afunekayo.
IKHASI 6 Yini umuntu othanda imali angeke abe nayo? UmShumayeli 5:________
IKHASI 9 Ubani oyojabula? Mathewu 5:________
IKHASI 18 Lapho umuntu ethandaza, yini okungafanele ayenze? Mathewu 6:________
IKHASI 28 Yini okufanele siyenze ngakho konke ukukhathazeka kwethu? 1 Petru 5:________
Izingane Zifuna Izithombe
Ungakwazi yini ukuthola lezi zithombe kulo magazini? Ngamazwi akho, chaza ukuthi kwenzekani esithombeni ngasinye.
Obani Abayingxenye Yozalo LukaJesu?
Cabangela izici ezinikeza umkhondo. Funda imibhalo bese ubhala amagama anembile ezikhaleni ezinikeziwe.
4. ․․․․․
UMKHONDO: Naphezu kwesibonelo esibi sikababa, ngangiyinkosi ‘eyanamathela kuJehova.’
Funda eyesi-2 AmaKhosi 18:1-6.
5. ․․․․․
UMKHONDO: Ngawasebenzisa kabi amandla ami ngokuchi-tha igazi eliningi elingenacala.
Funda eyesi-2 AmaKhosi 21:16.
6. ․․․․․
UMKHONDO: Ngalandela isibo-nelo esibi sikababa futhi nga-bulawa yizinceku zami uqobo.
Funda eyesi-2 AmaKhosi 21:19-23.
◼ Izimpendulo zisekhasini 22
IZIMPENDULO ZEMIBUZO ESEKHASINI 31
1. Umkhumbi wawungenalo idlevu nengemuva.
2. UNowa wafaka izilwane ezingu-7 emkhunjini zohlobo ngalunye “oluhlanzekile,” njengezimvu.
3. UNowa wafaka emkhunjini amabhangqa amabili kuphela ohlobo ngalunye lwezilwane “ezingcolile.”
4. UHezekiya.—Mathewu 1:9.
5. UManase.—Mathewu 1:10.
6. U-Amoni.—Mathewu 1:10.