Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 8/10 k. 3
  • Yini Oyaziyo NgoFakazi BakaJehova?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Yini Oyaziyo NgoFakazi BakaJehova?
  • I-Phaphama!—2010
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Bangobani OFakazi BakaJehova?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2015
  • Ingabe OFakazi BakaJehova BangamaKristu Eqiniso?
    Phila Kuze Kube Phakade!—Izifundo ZeBhayibheli
  • Ithuluzi Lokubasiza
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2004
  • Ingxenye 4—Ofakazi Kuze Kube Sekugcineni Komhlaba
    OFakazi BakaJehova—Abamemezeli BoMbuso KaNkulunkulu
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2010
g 8/10 k. 3

Yini Oyaziyo NgoFakazi BakaJehova?

“Ngafunda okuningi ngoFakazi BakaJehova kuyi-Internet, ngezwa amahlebezi nezinto eziningi ezimbi ngabo,” kusho intatheli eyayiqeqeshwa eDenmark. “Ngenxa yalokho, ngaba nombono ongemuhle neze ngoFakazi BakaJehova”

LEYO NTATHELI yabe isixoxa nomkhaya othile woFakazi. Waba yini umphumela? Yabhala: “Umbono wami ngabo washintsha ngifika nje emzini wabo! Mhlawumbe abantu ababazi kahle, noma mhlawumbe sonke nje siyashesha ukwahlulela abanye. Ngiyazi ukuthi nami nganginjalo. Ngathola ukuthi ngangenza iphutha.”—UCecilie Feyling, wephephandaba i-Jydske Vestkysten.

Ngenxa yokusebenzelana kwakhe noFakazi BakaJehova emsebenzini, umxhumanisi wezindaba zezisebenzi ezitolo ezinkulu eYurophu wathola ukuthi bayizisebenzi ezithembekile. Ngenxa yalokho, wayefuna ukuqasha oFakazi.

Yiqiniso, oFakazi BakaJehova baziwa kakhulu ngenkonzo yabo yasobala. Bathola ukuthi abanye abantu abakuthandi ukuxoxa ngeBhayibheli, kanti abanye bayakujabulela. Empeleni, abantu abangaphezu kwezigidi ezingu-7 cishe kuwo wonke amazwe, bafunda iBhayibheli njalo noFakazi, futhi abanye balaba bafundi kamuva nabo baba abafundisi beBhayibheli. Ngokwesibonelo, e-United States umbiko woMkhandlu Wamasonto Kazwelonke uphawula ukuthi ezinkolweni ezingu-25 ezinkulu, oFakazi BakaJehova baphakathi kwezine kuphela ezandayo.

Kungani izigidi zabantu zifunda iBhayibheli noFakazi BakaJehova? Ziqhutshwa kanjani lezi zifundo? Ingabe abafundi kulindeleke ukuba nabo babe oFakazi? Unelungelo lokuthola izimpendulo eziyiqiniso. Ngakho ungalaleli inzwabethi engelona iqiniso, kodwa funa amaqiniso. Encwadini yezAga 14:15, iBhayibheli lithi: “Noma ubani ongenalwazi uba nokholo kuwo wonke amazwi, kodwa okhaliphile uyazicabangela izinyathelo zakhe.”

Kwangathi le Phaphama! ingakusiza ubaqonde ngokugcwele nangokunembile oFakazi BakaJehova. Empeleni, lona kanye iqiniso lokuthi ufunda lo magazini libonisa ukuthi unomqondo ovulekile nolinganiselayo. Ngakho, yenza okulandelayo: Njengoba ufunda izihloko ezine ezilandelayo namabhokisi ahambisana nazo, bheka imiBhalo ekhonjiwe eBhayibhelini lakho.a Ukwenza kanjalo kuwukuhlakanipha, futhi njengoba iBhayibheli lisho, kuwukuba ‘nengqondo enhle.’—IzEnzo 17:11.

a Uma ungenalo iBhayibheli kodwa une-Internet, ungabheka imiBhalo engosini ethi www.watchtower.org. Kuleyo ngosi uyothola ibhokisi elithi “Read the Bible Online.” Ngaphezu kwalokho, le ngosi inezincwadi ezisekelwe eBhayibhelini ngezilimi ezingaphezu kuka-380.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela