Ithuluzi Lokubasiza
AmaKristu eqiniso ahlanganyela enkonzweni yasobala yokusakaza izindaba ezinhle. (Fil. 2:17) Ukuze kufezwe lokhu, kuye kwafakwa izincwajana eziyisisekelo, amapheshana kanye nezindaba ezithile ngezilimi ezingu-20 kuyi-Internet ekhelini elithi, www.watchtower.org. Le ngosi ayenzelwanga ukusakaza izincwadi zamuva koFakazi BakaJehova. Injongo yayo ukwenza umphakathi ukwazi ukuthola ukwaziswa okunembile ngalokho oFakazi BakaJehova abakufundisayo bekususela eBhayibhelini.
Muva nje, kuye kwanezelwa incwajana ebalulekile engosini yethu engokomthetho. Leyo incwajana ethi Yini UNkulunkulu Ayifunayo Kithi? etholakala ngezilimi ezingaphezu kuka-220. Futhi kusukela kuyi-Nqabayokulinda ka-January 1 ne-Phaphama! ka-January 8, 2004, omagazini bazo zonke izilimi banekheli lethu le-Internet ekhasini lokugcina.
Ungalisebenzisa kanjani leli thuluzi? Mhlawumbe ungase uhlangane nomuntu obonakala enesithakazelo kodwa okhuluma olunye ulimi. Uma ene-Internet, ungambonisa ikheli lethu le-Internet ekhasini lokugcina le-Nqabayokulinda noma le-Phaphama! Ngokuya kuleyo ngosi, angakwazi ukuzihlolela incwajana ethi Yini UNkulunkulu Ayifunayo? ngolimi lwakhe kuze kube yilapho ubuyela usumphathele izincwadi ngolimi lwakhe. Noma ungase umdlulisele ebandleni noma eqenjini elinakekela abantu abakhuluma lolo limi.