Ukusuka Ohlamvwini Oluncane Kuya Emthini Omkhulu We-oki
● Uhlamvu oluncane lwe-oki, olufana neqanda elisenkomishini yalo encane luwela phansi lusuka emthini. Lolu hlamvu lugqitshwa ingwejeje bese lulibaleka, ngokuhamba kwesikhathi luyaqhuma. Ekugcineni, luba umuthi omkhulu we-oki, oba mkhulu kunayo yonke imithi yemvelo yaseBrithani.
Umuthi we-oki, odume kakhulu emlandweni nasezinganekwaneni, ungaphila iminyaka engaphezu kwenkulungwane. Eminye ifinyelela ukuphakama okungamamitha angu-40! Imithi emidala ye-oki yaziwa ngokuba neziqu ezinkulu namagatsha asabalele. Nakuba eBrithani kunezinhlobo ezimbili zama-oki endabuko, emhlabeni kabanzi kunezinhlobo ezingaba ngu-450. Zonke zaziwa ngezinhlamvu zazo ezincane.
Umuthi we-oki uthwala izinhlobo eziningi zezilwane kunanoma imuphi omunye umuthi eBrithani. Lezi zinhlobo zihlanganisa nezinambuzane eziningi. Iziphungumangathi eziningi ziyathanda ukudla amaqabunga e-oki athambile ehlobo. Kodwa lo muthi uyazivikela. Amaqabunga asemadala aba noketshezi olunganambitheki.
Zonke izingxenye zalo muthi zinokuthile okuhlala kuzo. Izinhlobo eziningi zezinambuzane zikhanga izinyoni nezicabucabu eziningi. Amabhungane angena ngaphansi kwamagxolo awugqinsi, ambe ngaphakathi. Izikhova namalulwane kuhlala eziqwini ezigwedekile. Izilwane ezincane njengamagundane, izimvukuzane, onogwaja, izimbila nezimpungushe zihlala ezimpandeni.
Lo muthi unendlela yawo yokusingatha lokho okulahlayo. Unyaka ngamunye emthini osukhulile kuvuthuka amaqabunga angu-250 000. Isikhunta namagciwane kudla amaqabunga futhi kubuyisele izakhi emhlabathini. Ngeminye iminyaka, umuthi ungathela izinhlamvu ezingu-50 000. Eziningi zalezi zinhlamvu zidliwa noma zithathwe yizinyoni nezilwane. Umuhlwa namabhungane kudla izingodo ezibolile, kanti isikhunta sidla amagxolo.
Ukhuni lwe-oki luqine ngempela futhi luhlala isikhathi eside. Sekuyisikhathi eside lusetshenziswa ekwakheni izindlu nasekwenzeni ifenisha ephambili. Luhle kakhulu ekwenzeni imiphongolo okugcinwa kuyo ubhiya newayini. Kanti imikhumbi eqinile eyenziwe nge-oki yasiza iButho Lasemanzini LaseBrithani ukuba linqobe izimpi zasolwandle iminyaka eminingi.
Ukhuni lwe-oki lusaziswa kakhulu. Futhi lo muthi oyingxenye ebalulekile yemvelo eBrithani, uthandwa ngenxa yokuqina nokwethenjelwa kwawo. Uhlamvu oluncane lukhula lube umuthi omkhulu we-oki—ongesinye sezimangaliso zendalo!
[Isithombe ekhasini 18]
Umuthi we-oki ungaphila iminyaka engaphezu kwenkulungwane futhi ube amamitha angu-40 ukuphakama namamitha angaphezu kwangu-12,3 ububanzi
[Imithombo Yesithombe ekhasini 18]
Tree: © John Martin/Alamy; acorn: © David Chapman/Alamy