Usuka Egxolweni Uya Ebhodleleni—Umlando Kakhokho
Ake ucabange nje igxolo lesihlahla linendima ebalulekile ekwakhiweni kwezinjini, amabhola ekhilikithi nawe-‘baseball’ kanye ne-‘champagne’—igxolo elalisetshenziswa abadobi nonobuhle eminyakeni eyizinkulungwane edlule futhi eliye lasetshenziswa ngisho nasemkhathini. Okumangalisa nakakhulu ukuthi akudingeki isihlahla size sigawulwe ngaphambi kokuba leli gxolo lisetshenziswe ekwenzeni konke lokhu!
UKHOKHO uyingxenye engaphandle yegxolo lesihlahla se-oki. Kodwa leli akulona igxolo elivamile. Lilula, alishi kanti liyanwebeka.
Isihlahla se-oki asiyeki ukukhiqiza insada yamagxolo unyaka ngamunye. Uma engazange axetshulwe, la magxolo angakhula abe ugqinsi olungamasentimitha angu-25—okuyisembozo esisiza ekuvikeleni isihlahla ekushiseni, emakhazeni nasemlilweni osuke ushisa amahlathi. Uma abavuni bewaxebula, kuhluma amanye kancane kancane okuthatha iminyaka engaba yishumi.
IPortugal ikhiqiza amaphesenti angu-55 kakhokho okhiqizwa emhlabeni wonke, iSpain amaphesenti angaba ngu-30 bese kuthi amanye amazwe (ahlanganisa i-Algeria, iFrance, i-Italy, iMorocco neTunisia) akhiqize amaphesenti angu-15.a
Usetshenziswa Ezintweni Eziningi
AmaRoma namaGreki athola ukuthi ukhokho usebenza kahle kakhulu ekwenzeni amanetha okudoba antante futhi wenza ingxenye engaphansi yembadada ibe ntofontofo. Kubonakala sengathi ayesebenzisa izivalo zikakhokho nakojeke. Ngenxa yokuthi awuyeki ukunwebeka ngisho noma kushisa kakhulu, ukhokho muhle kakhulu nasekwakheni ama-gasket ezinjini. Kubuye kwakhiwe ngawo ingxenye eyinhloko yendawo enezinkinobho zokulawula ukushisa komkhumbi-mkhathi.
Ngenxa yokuthi abantu abaningi abanemizi bayayithanda indlela obukeka ngayo nokwazi ngayo ukuvimba ukushisa, ama-tile kakhokho asethandwa kakhulu ekuhlobiseni izindonga naphansi. Abenza izinto zemidlalo nabo bathola ukuthi ukhokho uhamba phambili ekwenzeni ingaphakathi le-baseball noma isibambo senduku yodobo. Nokho, iqiniso liwukuthi ukhokho waziwa kangcono ekusetshenzisweni kwawo njengesivalo samabhodlela ewayini nawe-champagne.—Bheka ibhokisi elithi “Isivalo Esihle Kakhulu.”
Uyezwana Nemvelo
Ihlathi likakhokho elinakekelwa kahle linikeza ubufakazi bokuthi umuntu angabambisana nemvelo—avune umkhiqizo wayo ngaphandle kokuyicekela phansi. Izihlahla ze-oki esezindala ziyenza ibe yinhle indawo yasemaphandleni, zinikeza nezinkomo umthunzi nokudla ngaphansi kwamagatsha azo futhi zidambise nokushisa okugangathayo kwasehlobo.
Izinyoni eziningana ezisengcupheni yokushabalala—njengokhozi lwaseSpain, inqe elimnyama nonogolantethe omnyama—zincike ezihlahleni ezinkulu ze-oki ukuze zithole indawo ekahle yokwakha izidleke. Ikati lasendle elisengozini yokuqothulwa i-Iberian lynx nalo selitholakala kakhulu kuleli hlathi. Muva nje, i-World Wildlife Fund ithe ukuqhubeka kwalesi silwane sikhona kuxhomeke ekuchumeni kwemboni kakhokho eSpain nasePortugal.
Ngakho esikhathini esizayo lapho uvula isivalo sikakhokho esivale ibhodlela lewayini, zinike ithutshana lokucabanga ngokwazisa ngawo. Esandleni sakho uphethe into yemvelo evundisayo nevuselelekayo. Ngisho nokusetshenziswa kwayo kuvikela imvelo. Yini enye ongabuye uyifune esihlahleni?
[Umbhalo waphansi]
a Isihlahla se-oki esikhiqiza ukhokho sikhona nakwezinye izingxenye zomhlaba, kodwa ezisetshenziselwa ezentengiselwano ngokuyinhloko ezasezindaweni ezigudle iMediterranean, lapho lesi sihlahla sizimilela khona ngokwemvelo.
[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 20]
“Isivalo Esihle Kakhulu”
UMiguel Elena, ongumqondisi we-Institute for Cork, Wood and Charcoal, e-Extremadura, eSpain, uchaza kabanzi ngesivalo sikakhokho.
Sisebenza kahle kangakanani isivalo sikakhokho?
Ngiye ngabona kuvulwa isivalo sikakhokho emabhodleleni ayeseneminyaka engaphezu kwekhulu futhi kwatholakala ukuthi iwayini lalilondeke kahle kakhulu! Ukhokho uyisivalo esihle kakhulu.
Kufanele sibe sidala kangakanani isihlahla se-oki ngaphambi kokuba kuxetshulwe amagxolo okwenziwa ngawo izivalo?
Ukuze sikhiqize isivalo sezinga eliphakeme, isihlahla se-oki kumelwe okungenani sibe neminyaka engu-50 nakuba umkhiqizo wokuqala ungatholakala ngemva kweminyaka engu-25 satshalwa. Iqiniso liwukuthi bambalwa kakhulu abantu abakulungele ukutshala into eyoze ibanike imali ngemva kweminyaka engu-50. Empeleni, ayikho imboni engicabanga ukuthi ingalinda isikhathi eside kangaka ngaphambi kokuba yenze imali.
Siphila isikhathi eside kangakanani isihlahla se-oki?
Isihlahla se-oki siphila iminyaka engaba ngu-200 futhi ezinye ziphila isikhathi eside kunalokho. Amagxolo kakhokho avunwa njalo ngemva kweminyaka engu-9.
Yini eyenziwayo ukuze ukukhiqizwa kukakhokho kuqhubeke?
I-European Union kanye nohulumeni bezifunda ezweni lakithi basekela abantu ngemali ukuze bakhuthaze ukutshalwa kwezihlahla ze-oki. Ngakho eminyakeni yamuva nje, siye satshala ama-hektare amaningi amahlathi amasha e-oki ekhiqiza ukhokho futhi sathuthukisa nalawo abelokhu ekhona.
Iyiphi intuthuko eyenzekile muva nje endabeni yokukhiqizwa kukakhokho?
Eminyakeni engamashumi amabili edlule siye senza ucwaningo olubanzi ukuze sithole imbewu engcono kakhulu. Sibuye sisebenzelane eduze namanye amazwe akhiqiza ukhokho ukuze sithuthukise lo mkhiqizo. Siye sasungula uhlobo oluthile lwesaha elincane elizosiza laba abaxebulayo ukuba balisuse kahle igxolo, umsebenzi osekuphele amakhulu eminyaka wenziwa ngembazo.
[Isithombe ekhasini 19]
Njalo ngemva kokuxetshulwa, amagxolo ayahluma futhi
[Isithombe ekhasini 19]
Izisebenzi ezinekhono ziwaxebula ngokucophelela amagxolo
[Isithombe ekhasini 19]
Igoqo lamapulangwe aselungele isinyathelo esilandelayo
[Isithombe ekhasini 19]
Ukhokho osezingeni eliphakeme usenziwa ngezandla namanje
[Isithombe emakhasini 18, 19]
Izinsalela nemvuthuluka kuqoqelwa ndawonye bese kusetshenziselwa ukwenza ezinye izinto